Skip to Content

2 iziKronike Chapter 3

1 USolomoni wayeseqala ukwakha indlu kaJehova eJerusalema entabeni yaseMoriya, lapho uJehova abonakala khona kuDavide uyise , nalapho eselungisile khona endaweni kaDavide esibuyeni sika-Orinani umJebusi. 2 Waqala ukwakha ngolwesibili lwenyanga yesibili ngomnyaka wesine wokubusa kwakhe. 3 Yilesi isisekelo uSolomoni asibekela ukub a kwakhiwe indlu kaNkulunkulu : ubude ngezingalo zesilinganiso esidala babuyizingalo ezingamashumi ayisithupha, ububanzi babuyizingalo ezingamashumi amabili. 4 Umpheme owawuphambi kwendlu ende malungana nobubanzi bendlu wawuyizingalo ezingamashumi amabili , nokuphakama kwakuyikhulu namashumi amabili; wawunameka phakathi ngegolide elicwengekileyo. 5 Indlu enkulu wayembesa imisayipuresi, wayinameka ngegolide elihle , waqopha kulo amasundu namaketanga. 6 Wayihlobisa indlu ngamatshe ayigugu ukuze ivunuliswe ; igolide laliyigolide laseParivayimi. 7 Wanameka nendlu, nemishayo, nemibundu, nezindonga zayo, neminyango yayo ngegolide, waqopha amakherubi ezindongeni. 8 Wenza indlu engcwelengcwele ; yayimalungana nobubanzi bendlu ; ubude bayo babuyizingalo ezingamashumi amabili , nobubanzi bayo babuyizingalo ezingamashumi amabili ; wayinameka ngegolide elihle , lingamatalenta angamakhulu ayisithupha. 9 Isisindo sezipikili sasingamashekeli angamashumi ayisihlanu egolide . Amakamelo angaphezulu wawanameka ngegolide. 10 Endlini engcwelengcw ele wenza amakherubi amabili aqoshiweyo ; bawanameka ngegolide. 11 Amaphiko amakherubi ayeyizingalo ezingamashumi amabili; iphiko lelinye laliyizingalo eziyisihlanu , lathinta odongeni lwendlu ; elinye iphiko nalo laliyizingalo eziyisihlanu, lathinta ephikweni lelinye ikherubi. 12 Iphiko lelinye ikherubi laliyizingalo eziyisihlanu , lathinta odo ngeni lwendlu; elinye iphiko laliyizingalo eziyisihlanu nalo , lafinyelela ephikweni lelinye ikherubi. 13 Amaphiko alawo makherubi azelula izingalo ezingamashumi amabili ; ema ngezinyawo zawo, ubuso bawo bubheke endlini. 14 Wenza isihenqo ngokuluhlaza nangokububende nangokubomvu , nangelineni elicolekileyo, wabeka kuso amakherubi. 15 Wenza ngaphakathi kwendlu izinsika ezimbili , ukuphakama kwazo kwakuyizingalo ezingamashumi amathathu nanhlanu; isihloko esasingaphezu kwaleyo naleyo sasiyizingalo eziyisihlanu. 16 Wenza amaketanga egumbini , wawabeka ezihlokweni zezinsika ; wenza amapomegranati ayikhulu, wawabeka emaketangeni. 17 Wazimisa izinsika phambi kwethempeli , enye ngakwesokunen e nenye ngakwesokhohlo, wabiza igama lengakwesokunene ngokuthi uJakini negama lengakwesokhohlo ngokuthi uBowazi.