AbAhluleli Chapter 20
1
Base bephuma bonke abantwana bakwa -Israyeli, inhlangano yahlangana njengomuntu munye , kusukela kwaDani kwaze kwaba seBeri Sheba kanye nezwe lakwaGileyadi kuJehova eMispa.
2
Izinhloko zabantu bonke , izizwe zonke zakwa -Israyeli, zafika ebandleni labantu bakaNkulunkulu , abantu abayimigundatshani ; abayizinkulungwane ezingamakhulu amane, abahlome inkemba.
3
Abantwana bakwaBenjamini bezwa ukuthi abantwana bakwa -Israyeli babenyukele eMispa. Bathi abantwana bakwa-Israyeli: Sitsheleni ukuthi lobu bubi benziwa kanjani na?
4
UmLevi, umyeni wowesifazane ow ayebulewe, waphendula wathi : Ngafika eGibeya lakwaBenjamini, mina nesancinza sami, ukulala khona.
5
Abantu baseGibeya bangivukela, bahaqa indlu nxazonke zami ebusuku ; bacabanga ukungibulala mina, nesancinza sami basona; sesifile.
6
Ngase ngithatha isancinza sami, ngasihlahlela, ngasithuma ezweni lonke lefa lakwa-Israyeli, ngokuba babesebenzile ukona nobuwula kwa-Israyeli.
7
Bhekani nina bantwana bakwa -Israyeli, nina nonke ; qondisani, niluleke lapha.
8
Bonke abantu bavuka njengomuntu munye, bathi: Asiyikuya, sisho namunye etendeni lakhe; asiyikuphambukela sisho namunye endlini yakhe.
9
Kepha nakhu esiyakukwenza eGibeya: Siyakulihlasela ngenkatho,
10
sithathe abantu abayishumi ekhulwini kuzo zonke izizwe zakwa -Israyeli, nabayikhulu enkulungwaneni , nabayinkulungwane ezinkulungwaneni eziyishumi, ukuba balande ukudla kwabantu , nalapho sebefike eGibeya lakwaBenjamini benze ngokobuwula ababenzile kwa-Israyeli.
11
Abantu bonke bakwa-Israyeli babehlanganyele umuzi, bebumbene kungathi ngumuntu munye.
12
Izizwe zakwa-Israyeli zathuma abantu emindenini yonke yakwaBenjamini , zathi: Ububi buni lobu obenziwe phakathi kwenu na?
13
Ngalokho khiphani labo bantu , abantu ababi , abaseGibeya, ukuba sibabulale, sixoshe ububi kwa -Israyeli. Kepha uBenjamini kavumanga ukulalela izwi labafowabo, abantwana bakwa-Israyeli.
14
Abantwana bakwaBenjamini babuthana eGibeya , bevela emizini , ukuba baphume balwe nabantwana bakwa-Israyeli.
15
Abantwana bakwaBenjamini abavela emizini babalwa ngalolo suku baba ngamadoda ayizinkulungwane ezingamashumi amabili n esithupha ahlome inkemba ngaphandle kwabakhileyo eGibeya ababalwa baba ngamakhulu ayisikhombisa, amadoda akhethiweyo.
16
Phakathi kwabo bonke labo bantu kwakukhona amadoda angamakhulu ayisikhombisa akhethiweyo angamanxele; onke ayekwazi ukuphonsa amatshe ngisho nasonweleni, engageji.
17
Abantu bakwa -Israyeli ngaphandle kukaBenjamini babalwa baba yizinkulungwane ezingamakhulu amane , amadoda ahlome inkemba ; bonke labo babe ngamadoda empi.
18
Abantwana bakwa -Israyeli bavuka , bakhuphukela eBethele , babuza kuNkulunkulu, bathi: Ngubani oyakusik huphukelela kuqala ukulwa nabantwana bakwaBenjamini na? UJehova wathi: NguJuda kuqala.
19
Abantwana bakwa-Israyeli bavuka ekuseni, bamisa malungana neGibeya.
20
Abantu bakwa-Israyeli baphuma ukuba balwe noBenjamini ; abantu bakwa- Israyeli bazihlelela ukulwa nabo eGibeya.
21
Abantwana bakwaBenjamini baphuma eGibeya , babulala kwabakwa - Israyeli ngalolo suku amadoda ayizinkulungwane ezingamashumi amabili nambili.
22
Abantu, amadoda akwa-Israyeli, baziqinisa, babuye bahlela impi endaweni abazihlela kuyo ngosuku lokuqala.
23
Abantwana bakwa-Israyeli bakhuphuka, bakhala phambi kukaNkulunkulu kwaze kwahlwa ; babuza kuJehova , bathi: Siyakuphinda sisondele ukulwa nabantwana bakwaBenjamini umfowethu na ? UJehova wathi : Yenyukelani kuye.
24
Abantwana bakwa -Israyeli basondela kubantwana bakwaBenjamini ngosuku lwesibili.
25
UBenjamini waphuma eGibeya ukuhlangabezana nabo ngosuku lwesibili , wabuye wabulala kubantwana bakwa -Israyeli amadoda ayizinkulungwane eziyishumi nesishiyagalombili; bonke labo babehlome inkemba.
26
Base bekhuphuka bonke abantwana bakwa -Israyeli, abantu bonke, bafika eBethele, bakhala, bahlala khona phambi kukaJehova , bazila ukudla ngalolo suku kwaze kwahlwa ; banikela ngeminikelo yokushiswa nangeminikelo yokuthula phambi kukaJehova.
27
Abantwana bakwa -Israyeli babuza kuJehova ngokuba umphongolo wesivumelwano sikaNkulunkulu wawulapho ngalezo zinsuku;
28
uFinehasi indodana ka -Eleyazare ka -Aroni wema phambi kwawo ngalezo zinsuku bathi: Siyakuphinda siphume ukuba silwe nabantwana bakwaBenjamini umfowethu, nokuba siyeke na? UJehova wathi: Khuphukani, ngokuba kusasa ngiyakubanikela esandleni sakho.
29
U-Israyeli wabeka abaqamekeli kulo iGibeya nxazonke.
30
Abantwana bakwa-Israyeli bakhuphuka ukulwa nabantwana bakwaBenjamini ngosuku lwesithathu , bazihlelela ukulwa neGibeya njengakwezinye izikhathi.
31
Abantwana bakwaBenjamini baphuma ukulwa nabantu , badonswa, baphuma emzini ; baqala ukubulala nokuceka abantu njengakwezinye izikhathi emendweni, omunye okhuphukela eBethele , omunye oya eGibeya ensimini, kungathi amadoda angamashumi amathathu kwa-Israyeli.
32
Abantwana bakwaBenjamini bathi: Babulewe phambi kwethu njengakuqala. Kepha abantwana bakwa -Israyeli bathi : Masibaleke, sibadonse, baphume emzini, baye emendweni.
33
Bonke abantu bakwa -Israyeli basuka endaweni yabo , bazihlela eBali Tamari; abaqamekeli bakwa -Israyeli bavumbuluka endaweni yabo eMare Geba.
34
Kweza malungana neGibeya abantu abayizinkulungwane eziyishumi abakhethiweyo kuye wonke u-Israyeli; ukulwa kwakunzima, kepha babengazi ukuthi ingozi isifikile kubo.
35
UJehova wanqoba uBenjamini phambi kuka -Israyeli; abantwana bakwa - Israyeli babulala ngalolo suku kwaBenjamini abayizinkulungwane ezingamashumi amabili nanhlanu nekhulu; bonke labo babehlome inkemba.
36
Base bebona abantwana bakwaBenjamini u kuthi banqotshiwe ; abantu bakwa-Israyeli bamdela uBenjamini lokhu bebebethemba abaqamekeli ababebabekile ngaseGibeya.
37
Abaqamekeli bashesha badumela eGibeya ; abaqamekeli basuka bachitha umuzi wonke ngosiko lwenkemba.
38
Isiboniso esinqunyiweyo phakathi kwa bantu bakwa -Israyeli nabaqamekeli sasiyilesi sokuba bathunqise umusi omkhulu wenyuke emzini.
39
Abantu bakwa -Israyeli babuyela emuva empini ; uBenjamini wayeseqalile ukubulala nokuceka kubantu bakwa -Israyeli kungathi abantu abangamashumi amathathu, ngokuba bathi: Impela babulewe phambi kwethu njengasekulweni kwakuqala.
40
Kepha lapho sekuqale ukuthunqa insika yomusi emzini , abakwaBenjamini babheka emuva, nanko umuzi wonke uthunqela ngasezulwini.
41
Base bephenduka abantu bakwa -Israyeli, nabantu bakwaBenjamini bashaywa luvalo, ngokuba babona ukuthi behlelwe ngububi.
42
Ngalokho bafulathela phambi kwabantu bakwa-Israyeli, bahamba ngendlela yasehlane, kepha ukulwa kwabalandela ; abaphuma emizini bababulala phakathi kwayo.
43
Babahaqa abakwaBenjamini nxazonke , babaxosha, babanyathela phansi endaweni yabo yokuphumula , baze bafika malungana neGibeya ngasempumalanga.
44
Kwawa abantu bakwaBenjamini abayizinkulungwane eziyishumi nesishiyagalombili; bonke labo babe ngamaqhawe.
45
Baphenduka babalekela ehlane edwaleni lakwaRimon i; bakhothoza kubo emendweni abantu abayizinkulungwane eziyisihlanu , babaxosha kwaze kwabaseGideyomu, babulala kubo abantu abayizinkulungwane ezimbili.
46
Bonke abawa ngalolo suku kwaBenjamini babe ngabantu abayizinkulungwane ezingamashumi amabili nanhlanu abahlome inkemba ; bonke labo babe ngamaqhawe.
47
Kepha abantu abangamakhulu ayisithupha baphenduka , babalekela ehlane edwaleni lakwaRimoni, bahlala edwaleni lakwaRimoni izinyanga ezine.
48
Abantu bakwa-Israyeli babuyela kubantwana bakwaBenjamini , bababulala ngosiko lwenkemba ababesaphila emzini , nezinkomo, yebo, konke okwafunyaniswayo; futhi yonke imizi abayifumanisayo bayithungela ngomlilo.