AbAhluleli Chapter 21
1
Abantu bakwa -Israyeli babefungile eMispa , bethi: Akuyikubakho muntu oyakunika owakwaBenjamini indodakazi yakhe ibe ngumkakhe.
2
Abantu base befika eBethele , bahlala khona kwaze kwahlwa phambi kukaNkulunkulu, baphakamisa izwi labo, bakhala kakhulu.
3
Bathi: Jehova Nkulunkulu ka -Israyeli, lokhu kwenzelweni kwa-Israyeli ukuba kusilale namuhla esinye isizwe sakwa-Israyeli na?
4
Kwathi ngakusasa abantu bavuka ekuseni , bakha khona i -altare, banikela ngeminikelo yokushiswa neminikelo yokuthula.
5
Abantwana bakwa -Israyeli bathi : Yisiphi phakathi kwazo zonke izizwe zakwa-Israyeli esin gakhuphukelanga ebandleni kuJehova na ? Ngokuba bebefungile isifungo esikhulu ngaye ongakhuphukeli kuJehova eMispa ukuthi wobulawa nokubulawa.
6
Abantwana bakwa -Israyeli bamhawukela uBenjamini umfowabo , bathi: Kunqunyiwe namuhla esinye isizwe kwa-Israyeli.
7
Siyakwenze njani ukuba abaseleyo babe nabafazi , lokhu sifungile uJehova ukuthi asiyikubanika amadodakazi ethu abe ngomkabo, na?
8
Bathi: Yisiphi kuzo izizwe zakwa -Israyeli esingakhuphukelanga kuJehova eMispa na? Bheka, akufikanga muntu ekamu ovela eJabesh i Gileyadi ukuya ebandleni.
9
Sebebalwa abantu ; bheka, kwakungekho muntu kwabakhile eJabeshi Gileyadi lapho.
10
Inhlangano yathuma khona abantu abayizinkulungwane eziyishumi nambili abangamaqhawe amakhulu , yabayala yathi: Hambani nibabulale abakhe eJabeshi Gileyadi ngosiko lwenkemba kanye nabesifazane nezingane.
11
Yilokhu eniyakukwenza : Niyakuchitha nokuchitha bonke abesilisa nabo bonke abesifazane abake balala nendoda.
12
Bafumana phakathi kwabakhileyo eJabeshi Gileyadi izintombi ezintsha ezingamakhulu amane ezingazanga ndoda ngokulala nayo ; baziyisa ekamu eShilo elisezweni laseKhanani.
13
Yonke inhlangano yathuma yakhuluma kubantwana bakwaBenjamini ababesedwaleni lakwaRimoni, yamemezela ukuthula kubo.
14
UBenjamini wabuya ngaleso sikhathi ; babanika abesifazane ababebasindisile kwabesifazane baseJabeshi Gileyadi; kepha ababanelanga.
15
Abantu bamhawukela uBenjamini, ngokuba uJehova wayenze ukwahlukana ezizweni zakwa-Israyeli.
16
Amalunga enhlangano ayesethi : Siyakwenze njani ukuba abaseleyo babe nabafazi, lokhu abesifazane bechithiwe kwaBenjamini, na?
17
Athi: Nga liba khona ifa labaphunyukileyo bakwaBenjamini , ukuze kungesulwa sizwe kwa-Israyeli.
18
Kepha asinakubanika nokho amadodakazi ethu abe ngomkabo , ngokuba abantwana bakwa -Israyeli babefungile bethi : M akaqalekiswe onika owakwaBenjamini umfazi.
19
Athi: Bheka, kukhona umkhosi kaJehova iminyaka ngeminyaka eShilo elingasenyakatho kwaseBethele ngasempumalanga komendo okhuphuka eBethele uya eShekemi nangaseningizimu kwaseLebona.
20
Abayala abantwana bakwaBenjamini, athi: Hambani niqamekele ezivinini,
21
nibone: bhekani, uma amadodakazi aseShilo ephuma ukusina lapho kusinwa khona , anophuma ezivinini , nizibambele, kube yilowo nalowo umkakhe kuwo amadodakazi aseShilo, niye ezweni lakwaBenjamini.
22
Kuyakuthi lapho oyise noma abanewabo befika ukuphikisana nathi , sithi kubo: Sinikeni wona ngomusa, ngokuba asithathanga, kwaba yilowo nalowo umkakhe empini, futhi anibanikanga wona; khona ngabe nitholile icala.
23
Abantwana bakwaBenjamini benze njalo , bazithathela abafazi njeng enani labo kwabasinayo , ababaqhwagayo; bahamba, babuyela efeni labo , bakha imizi, bahlala kuyo.
24
Abantwana bakwa-Israyeli bamuka khona ngaleso sikhathi, yilowo nalowo waya esizweni sakhe nasemndenini wakhe , baphuma lapho, yilowo nalowo waya efeni lakhe.
25
Ngalezo zinsuku kwakungekho nkosi kwa -Israyeli; yilowo nalowo wenza okulungile emehlweni akhe.