1 AmaKhosi Chapter 16
1
Izwi likaJehova lafika kuJehu indodana kaHanani ngoBahasha, lathi:
2
Njengokuba ngakuphakamisa othulini, ngakubeka umbusi wabantu bami u- Israyeli, kepha uhambe endleleni kaJerobowamu , wonisa abantu bami u - Israyeli ukuba bangicunule ngezono zabo,
3
bheka, ngiyakukhukhula nokukhukhula uBahasha nendlu yakhe , ngenze indlu yakho ibe njengendlu kaJerobowamu indodana kaNebati.
4
Yena wakwaBahasha ofela emzini uyakudliwa yizinja , nalowo wakwakhe ofela endle uyakudliwa yizinyoni zezulu.
5
Ezinye izindaba zikaBahasha , nakwenzayo, namandla akhe , angithi kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwa -Israyeli na?
6
UBahasha wayeselala koyise, wembelwa eTirisa; u-Ela indodana yakhe waba yinkosi esikhundleni sakhe.
7
Kwafika ngesandla somprofethi uJehu indodana kaHanani izwi likaJehova ngoBahasha nendlu yakhe ngenxa yakho konke okubi akwenza emehlweni kaJehova ukuthi wamcunula ngomsebenzi wezandla zakhe, waba njengendlu kaJerobowamu, nangenxa yokuba wayiqothula. O-Ela noZimri no-Omri no-Ahabi bangamakhosi kwa-Israyeli
8
Ngomnyaka wamashumi amabili nesithupha ka -Asa, inkosi yakwaJuda , u- Ela, indodana kaBahash a, waqala ukubusa phezu kuka -Israyeli eTirisa , wabusa iminyaka emibili.
9
Inceku yakhe uZimri , induna yenxenye yezinqola zakhe , yamenzela ugobe; eseTirisa ephuzile waze wadakwa endlini ka -Arisa owayephezu kwabendlu yaseTirisa,
10
uZimri wangena , wamshaya, wambulala ngomnyaka wamashumi amabili nesikhombisa ka-Asa inkosi yakwaJuda, waba yinkosi esikhundleni sakhe.
11
Kwathi esaqala nje ukubusa, esehlezi esihlalweni sakhe sobukhosi, wabulala yonke indlu kaBahasha , kamshiyelanga nomntwana oyedwa owesilisa kwabazalana naye nakubo abangane bakhe.
12
UZimri waqeda kanjalo yonke indlu kaBahasha , njengezwi likaJehova alikhuluma ngoBahasha ngesandla sikaJehu umprofethi,
13
ngenxa yezono zonke zikaBahasha nezono zika -Ela indodana yakhe one ngazo, futhi onise ngazo u -Israyeli, baze bacunula uJehova uNkulunkulu ka- Israyeli ngezithombe zabo.
14
Ezinye izindaba zika -Ela nakho konke akwenzayo angithi kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwa-Israyeli na?
15
Ngomnyaka wamashumi amabili nesikhombisa ka -Asa inkosi yakwaJuda, uZimri waba yinkosi izinsuku eziyisikhombisa eTirisa . Abantu base bemisile ngaseGibethoni elalingelamaFilisti.
16
Abantu ababemisile bezwa kuthiwa : UZimri wenzile ugobe , ubulele nenkosi; ngalokho wonke u -Israyeli wambeka u -Omri induna yempi abe yinkosi phezu kuka-Israyeli ngalolo suku ekamu.
17
U-Omri wenyuka eGibethoni wonke u-Israyeli enaye, bavimbezela iTirisa.
18
Kwathi uZimri esebonile ukuthi umuzi uthathiwe , wangena enqabeni yendlu yenkosi, wayishisa indlu yenkosi phezu kwakhe ngomlilo, wafa
19
ngenxa yezono zakhe one ngazo ngokwenza okubi emehlweni kaJehova , ngokuhamba endleleni kaJerobowamu nasesonweni sakhe asenzayo ukuba onise u-Israyeli.
20
Ezinye izindaba zikaZimri nogobe alwenzayo angithi kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwa-Israyeli na?
21
Khona abantu bakwa -Israyeli bahlukana kabili ; inxenye yabantu yalandela uThibini, indodana kaGinati , ukuba bambeke inkosi , inxenye yalandela u - Omri.
22
Kepha abantu ababemlandela u -Omri bahlula abantu ababemlandela uThibini indodana kaGinati; wayesefa uThibini, u-Omri waba yinkosi.
23
Ngomnyaka wamashumi amathathu nanye ka-Asa inkosi yakwaJuda u-Omri waba yinkosi phezu kuka -Israyeli, wabusa iminyaka eyishumi nambili ; wabusa iminyaka eyisithupha eTirisa.
24
Wathenga intaba yaseSamariya kuShemere ngamatalenta amabili esiliva , wakha entabeni, waqamba igama lomuzi awakhileyo ngegama likaShemere umninintaba ngokuthi iSamariya.
25
Kepha u -Omri wenza okubi emehlweni kaJehova , wenza kabi kunabo bonke ababe ngaphambi kwakhe.
26
Ngokuba waham ba ezindleleni zonke zikaJerobowamu , indodana kaNebati, nasezonweni zakhe onisa ngazo u -Israyeli, baze bacunula uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli ngezithombe zabo.
27
Ezinye izindaba zika -Omri azenzayo namandla awabonakalisayo angithi kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwa -Israyeli na?
28
U-Omri wayeselala koyise, wembelwa eSamariya; u-Ahabi, indodana yakhe, waba yinkosi esikhundleni sakhe.
29
U-Ahabi, indodana ka -Omri, waqala ukubusa phezu kuka -Israyeli ngomnyaka wamashumi amathathu nesi shiyagalombili ka -Asa; u-Ahabi, indodana ka -Omri, wabusa phezu kuka -Israyeli eSamariya iminyaka engamashumi amabili nambili.
30
Kepha u -Ahabi, indodana ka -Omri, wenza okubi emehlweni kaJehova kunabo bonke ababe ngaphambi kwakhe.
31
Kwathi lapho kuyinto elula kuye ukuhamba ezonweni zikaJerobowamu , indodana kaNebati , wathatha u -Izebeli, indodakazi ka -Etibali inkosi yamaSidoni, abe ngumkakhe, waya wakhonza uBali, wakhuleka kuye.
32
Wammisela uBali i-altare endlini kaBali abeyakhile eSamariya.
33
U-Ahabi wamenza u -Ashera; u-Ahabi wenezela waze wacunula uJehova , uNkulunkulu ka -Israyeli, kunawo onke amakhosi akwa -Israyeli ayengaphambi kwakhe.
34
Ezinsukwini zakhe uHiyeli waseBethele wabuye wakha iJeriko ; wabeka isisekelo salo ngokulahlekelwa ngu-Abiramu izibulo lakhe, wamisa amasango alo ngokulahlekelwa yithunjana lakhe uSegubi , njengezwi likaJehova owalikhuluma ngesandla sikaJoshuwa indodana kaNuni.