Skip to Content

1 AmaKhosi Chapter 17

1 U-Eliya waseThishibi, owayengowabagogobeleyo kwaGileyadi , wathi ku - Ahabi: Kuphila kuk aJehova, uNkulunkulu ka -Israyeli, engimi phambi kwakhe, akuyikubakho mazolo namvula kule minyaka , kuphela ngesiyalezo sezwi lami. 2 Izwi likaJehova lafika kuye, lathi: 3 Suka lapha, uye ngasempumalanga , ucashe ngasemfudlaneni iKeriti ongaphambi kweJordani. 4 Kuyakuthi uphuze emfudlaneni ; ngiyalile amagwababa ukuba akondle khona. 5 Wahamba wenza njengezwi likaJehova , ngokuba wahamba wahlala ngasemfudlaneni iKeriti ongaphambi kweJordani. 6 Amagwababa amlethela isinkwa nenyama ekuseni , nesinkwa nenyama kusihlwa, waphuza emfudlaneni. 7 Kwathi ekupheleni kwezinsuku umfudlana washa , ngokuba yayingekho imvula ezweni. U-Eliya uyandisa impuphu namafutha 8 Kwase kufika izwi likaJehova kuye, lathi: 9 Suka uye eSarefati elingeleSidoni , uhlale khona ; bheka, ngiyalile lapho umfelokazi ukuba akondle. 10 Wayesesuka waya eSarefati; esefikile esangweni lomuzi, bheka, umfelokazi wayecakasha khona ; wambiza wathi : Ake ungilethele ingcosana yamanzi esitsheni, ngiphuze. 11 Esasuka ukuwalanda , wambiza wathi : Ake ungilethele nocezu lwesinkwa esandleni sakho. 12 Kepha wathi : Kuphila kukaJehova uNkulunkulu wakho , anginalo neqebelengwane, kukhona kuphela ukhweshe lwempuphu embizeni nengcosana yamafutha ophisweni ; bheka, sengicakashile izinkuni ezimbili , ukuze ngingene ngizilungiselele khona nendodana yami ukuba sikudle, sife. 13 Wayesethi u -Eliya kuye : Ungesabi; hamba wenze njengokusho kwakho , kepha ngenzele mina ku qala iqebelengwane elincane ngakho , ulilethe kimi, andukuba uzilungiselele wena nendodana yakho. 14 Ngokuba usho kanje uJehova uNkulunk ulu ka -Israyeli, uthi: Imbiza yempuphu ayikuphela , nophiso lwamafutha aluyikuswela kuze kufike lolo suku uJehova anisa ngalo imvula emhlabeni. 15 Wayesehamba, wenza njengokusho kuka -Eliya: kwadla yena , no-Eliya, nendlu yakhe izinsuku eziningi. 16 Imbiza yempuphu ayiphelanga, nophiso lwamafutha aluswelanga njengezwi likaJehova alikhulumile ngesandla sika-Eliya. 17 Kwathi emva kwalokho indodana yalowo mfelokazi , umnikazindlu, yagula; ukugula kwayo kwaba namandla kangaka ngangokuba yayingasenakho ukuphefumula. 18 Wayesethi ku-Eliya: Nginamsebenzi muni nawe muntu kaNkulunkulu na ? Uze kimi ukuba kukhumbuleke isono sami nokuba kubulawe indodana yami. 19 Kepha wathi kuye : Nginike indodana yakho . Wayithatha esifubeni sakhe , wayikhuphulela ekamelweni eliphezulu lapho e hlala khona , wayibeka embhedeni wakhe. 20 Wayesekhala kuJehova, wathi: Jehova Nkulunkulu wami, usuwehlisele nalo mfelokazi engigogobele kwakhe okubi okungaka uze ubulale indodana yakhe na? 21 Wazelula phezu komntwana kathathu , wakhala kuJehova , wathi: Jehova Nkulunkulu wami, umphefumulo walo mntwana mawubuyele kuye. 22 UJehova walizwa izwi lika -Eliya; umphefumulo womntwana wabuyela kuye, waphila. 23 U-Eliya wayesethatha umntwana , wamehlisa ekamelweni eliphezulu , wamngenisa endlini, wamnika unina; wathi u-Eliya: Bheka, indodana yakho isiyaphila. 24 Owesifazane wathi ku-Eliya: Manje sengiyazi ukuthi wena ungumuntu kaNkulunkulu nokuthi izwi likaJehova elisemlonyeni wakho liyiqiniso.