Skip to Content

1 AmaKhosi Chapter 18

1 Kwathi emva kwezinsuku eziningi izwi likaJehova lafika ku -Eliya ngomnyaka wesithathu, lathi: Hamba uzibonakalise ku -Ahabi; ngiyakunisa imvula emhlabeni. 2 Wayesehamba u -Eliya ukuzibonakalisa ku -Ahabi. Indlala yayinamandla eSamariya. 3 U-Ahabi wabiza u -Obadiya owayephezu kwendlu yakhe . U-Obadiya wayemesaba kakhulu uNkulunkulu, 4 ngokuba kwathi lapho u -Izebeli ebulala abaprofethi bakaJehova , u-Obadiya wathatha abaprofethi abayikhulu , wabafihla emhumeni ngamashumi ayisihlanu, wabondla ngesinkwa nangamanzi. 5 U-Ahabi wathi ku -Obadiya: Hamba ezwe ni, uye emithonjaneni yonke yamanzi nasemifudlaneni yonke; mhlawumbe singafumana utshani, sisindise amahhashi neminyuzi, izilwane zingabhubhi. 6 Base bahlukaniselana izwe ukuba balidabule : u-Ahabi wahamba ngenye indlela eyedwa, u-Obadiya naye wahamba ngenye indlela eyedwa. 7 U-Obadiya esendleleni, bheka, kwahlangana naye u -Eliya, wambona, wawa ngobuso, wathi: Wena uyinkosi yami u-Eliya na? 8 Wathi kuye: Yimi; hamba utshele inkosi yakho ukuthi: Nangu u-Eliya. 9 Wayesethi kuye: Ngoneni ukuba unikele inceku yakho esandleni sika-Ahabi ukungibulala na? 10 Kuphila kukaJehova , uNkulunkulu wakho , akukho sizwe nambuso lapho inkosi yami ingathumanga khona ukukufuna , nanxa bethi akakho lapha , yafungisa umbuso nesizwe ukuthi abakufumananga. 11 Manje usuthi wena: Hamba utshele inkosi yakho ukuthi: Nangu u-Eliya. 12 Kuyakuthi sengisukile kuwe , uMoya kaJehova akuyise lapho ngingazi khona, nanxa sengifika ukuba ngimtshele u -Ahabi, yena angakufumani , uyakungibulala; kepha mina nceku yakho ngiyamesaba uJehova kwasebusheni bami. 13 Inkosi yami ayitshelwanga yini lokho engakwenzayo lapho u-Izebeli ebulala abaprofethi bakaJehova , ukuthi ngafihla abantu abayikhulu kubaprofethi bakaJehova ngamashumi ayisihlanu emhumeni , ngabondla ngesinkwa nangamanzi, na? 14 Usuthi manje : Hamba utshele ink osi yakho ukuthi : Nangu u -Eliya, bese yingibulala. 15 Kepha u-Eliya wathi: Kuphila kukaJehova Sebawoti engimi phambi kwakhe namuhla, ngizakuzibonakalisa kuye. 16 U-Obadiya wayesehamba ukumhlangabeza u -Ahabi, wamtshela lokho; wayesehamba u-Ahabi ukumhlangabeza u-Eliya. 17 Kwathi u -Ahabi esembonile u -Eliya, u-Ahabi wathi kuye : Nguwe ongumhluphi wakwa-Israyeli na? 18 Kodwa wathi : Mina angimhluphanga u -Israyeli, kepha nguwe nendlu kayihlo, ngokuyilahla imiyalo kaJehova, uze ulandele oBali. 19 Ngalokho thumela ubuth e kimi u -Israyeli wonke entabeni yaseKarmeli , nabaprofethi bakaBali abangamakhulu amane namashumi ayisihlanu , nabaprofethi baka -Ashera abangamakhulu amane abadla etafuleni lika - Izebeli. U-Eliya nabaprofethi bakaBali eKarmeli 20 U-Ahabi wayesethumela kubo bo nke abantwana bakwa -Israyeli, wabutha abaprofethi entabeni yaseKarmeli. 21 U-Eliya wasondela kubo bonke abantu , wathi: Koze kube nini nimanqikanqika phakathi kwezinhlangothi ezimbili na ? Uma uJehova enguNkulunkulu, mlandeleni yena, kepha uma kunguBali , mlandeleni yena. Kodwa abantu kabamphendulanga ngazwi. 22 Wayesethi u-Eliya kubantu: Yimi ngedwa oseleyo engumprofethi kaJehova, kepha abaprofethi bakaBali bangabantu abangamakhulu amane namashumi ayisihlanu. 23 Mabasinike izinkunzi ezimbili , bazikhethele inku nzi ibenye , bayihlahlele, bayibeke phezu kwezinkuni , bangafaki umlilo ; mina ngiyakuyilungisa enye inkunzi, ngiyibeke phezu kwezinkuni, ngingafaki umlilo. 24 Libizeni igama likankulunkulu wenu, mina ngibize igama likaJehova ; bese kuthi uNkulunkulu ophendula ngomlilo abe nguye onguNkulunkulu . Bonke abantu bathi: Lihle leli zwi. 25 U-Eliya wayesethi kubaprofethi bakaBali : Zikhetheleni inkunzi, niyilungise kuqala, ngokuba nibaningi, nibize igama likankulunkulu wenu , ningafaki umlilo nokho. 26 Bayithatha inkunzi a bayinikwayo, bayilungisa, balibiza igama likaBali kwasekuseni kwaze kwaba semini ngokuthi : Bali, siphenduleni; kepha akubangakho zwi , nophendulayo wayengekho. Baxhuma ngase -altare ebelenziwe. 27 Kwathi ngasemini u -Eliya wadlala ngabo , wathi: Memezani ngezwi elikhulu; noma engunkulunkulu , mhlawumbe uyazindla , noma echezukile nje, noma esohambeni, noma elele edinga ukuvuswa. 28 Base bememeza ngezwi elikhulu , bazisika ngawomese nangemikhonto ngomthetho wabo, kwaze kwatshaza igazi kubo. 29 Kwathi lapho isidlulil e imini , baprofetha kwaze kwanikelwa ngomnikelo wempuphu, kepha akubangakho zwi, nophendulayo, nonakekelayo. 30 U-Eliya wayesethi kubantu bonke: Sondelani kimi. Bonke abantu basondela kuye. Wayeselungisa i-altare likaJehova elalidiliziwe. 31 U-Eliya wathath a amatshe ayishumi nambili njengomumo wezizwe zamadodana kaJakobe okweza kuye izwi likaJehova , lathi: Igama lakho lizakuba ngu-Israyeli. 32 Wakha i-altare ngamatshe egameni likaJehova , wenza umsele ngase -altare nxazonke olingene namaseya amabili embewu. 33 Wahlela izinkuni, wayihlahlela inkunzi, wayibeka phezu kwezinkuni. 34 Wathi: Gcwalisani izimbiza ezine ngamanzi, niwathele emnikelweni wokushiswa naphezu kwezinkuni. Wathi: Kwenzeni ngokwesibili. Wayesethi: Kwenzeni nangokwesithathu. Baphinda ngokwesithathu. 35 Amanzi agobhoza ngase-altare nxazonke; wagcwalisa nomsele ngamanzi. 36 Kwathi ngesikhathi sokunikela ngomnikelo wempuphu u -Eliya umprofethi wasondela, wathi: Jehova Nkulunkulu ka-Abrahama noka-Isaka noka-Israyeli, makwazeke namuhla ukuthi wena unguNkulu nkulu kwa -Israyeli, nokuthi mina ngiyinceku yakho, nokuthi ngenzile konke lokhu ngezwi lakho. 37 Ngiphendule, Jehova, ngiphendule ukuba laba bantu bazi ukuthi wena Jehova unguNkulunkulu nokuthi uphendukisela kuwe izinhliziyo. 38 Wawusuwehla umlilo kaJehova , wawuqeda umnikelo wokushiswa , nezinkuni, namatshe, nothuli, wakhotha amanzi asemseleni. 39 Abantu bonke sebekubonile lokho bawa ngobuso babo , bathi: UJehova nguye onguNkulunkulu; uJehova nguye onguNkulunkulu. 40 U-Eliya wathi kubo : Bambani abaprofethi baka Bali, kungabaleki noyedwa kubo. Bababamba, u-Eliya wabehlisela emfudlaneni iKishoni , wababulala khona. 41 Wayesethi u -Eliya ku -Ahabi: Khuphuka, udle, uphuze, ngokuba kukhona umdumo wemvula enkulu. 42 Wayesekhuphuka u -Ahabi ukuba adle , aphuze. U-Eliya wakhuph ukela esiqongweni saseKarmeli , wakhothamela phansi , wabeka ubuso bakhe phakathi kwamadolo akhe. 43 Wathi encekwini yakhe : Khuphuka, ubheke ngaselwandle . Yakhuphuka, yabheka, yathi: Akukho lutho. Wayesethi: Phinda kasikhombisa. 44 Kwathi ngokwesikhombisa yath i: Bheka, kukhuphuka ifu elwandle, lingangesandla somuntu . Wayesethi: Khuphuka, umtshele u -Ahabi ukuthi : Bophela, wehle, funa uvinjelwe yimvula. 45 Kwathi ngesikhashana nje izulu laguqubala ngamafu nangomoya , lana imvula enkulu. U-Ahabi wakhwela inqola, waya eJizreyeli. 46 Isandla sikaJehova sasiku-Eliya; wabopha ukhalo lwakhe, wagijima phambi kuka-Ahabi, waze wafika ekungeneni kwaseJizreyeli.