Skip to Content

1 AmaKhosi Chapter 19

1 U-Ahabi wamtshela u -Izebeli konke akwenzile u -Eliya, naphakathi kwalokho ukuthi ubulele bonke abaprofethi ngenkemba. 2 U-Izebeli wayesethuma isithunywa ku -Eliya ngokuthi : Mabenze njalo kimi onkulunkulu, benezele futhi , uma ngingakwenzi wena ube njengomunye wabo ngalesi sikhathi kusasa. 3 Esezwile lokho wasuka , wahamba ukuba asinde , waya eBeri Sheba elingelakwaJuda, washiya khona inceku yakhe. 4 Kodwa yena wahamba ibanga losuku ehlane, waya wahlala phansi konwele, wacela enhliziyweni yakhe ukuba afe, wathi: Sekwanele; manje, Jehova, sale usuthatha umphefumulo wami, ngokuba angilungile kunawobaba. 5 Walala ubuthongo phansi konwele ; bheka, kwamthinta ingelosi, yathi kuye: Vuka udle. 6 Wabheka, nanto iqebelengwane ngasekhanda lakhe elenziwe ematsheni ashisayo, nophiso lwamanzi. Wadla, waphuza; wayesebuye walala phansi. 7 Ingelosi kaJehova yabuye yamthinta ngokwesibili , yathi: Vuka udle , ngokuba indlela yakho inde. 8 Wavuka, wadla, waphuza, wahamba ngamandla alokho kudla izinsuku ezingamashumi amane nobusuku obungamashumi amane , waya entabeni kaNkulunkulu iHorebe. 9 Wangena khona emhumeni , walala kh ona. Bheka, kwafika kuye izwi likaJehova; wathi kuye: Wenzani lapha, Eliya, na? 10 Wathi: Ngishisekele nokushisekela uJehova uNkulunkulu Sebawoti , ngokuba abantwana bakwa -Israyeli balahlile isivumelwano sakho , badilizile ama-altare akho , babulele abaprofet hi bakho ngenkemba , kusele mina ngedwa; sebefuna umphefumulo wami ukuba bawususe. 11 Wathi: Phuma, ume entabeni phambi kukaJehova . Bheka, uJehova wadlula, umoya omkhulu onamandla wadabula izintaba , waphahlaza amadwala phambi kukaJehova ; kepha uJehova wayen gekho emoyeni; emva komoya kwazamazama umhlaba ; kepha uJehova wayengekho ekuzamazameni komhlaba; 12 emva kokuzamazama komhlaba ngumlilo ; kepha uJehova wayengekho emlilweni; emva komlilo yizwi elincane elihashazayo. 13 U-Eliya esezwile lokho wagubuzela ubuso bakhe ngengubo yakhe , waphuma, wema emnyango womhume . Bheka, kwafika kuye izwi , lathi: Wenzani lapha, Eliya, na? 14 Wathi: Ngishisekele nokushisekela uJehova uNkulunkulu Sebawoti , ngokuba abantwana bakwa-Israyeli balahlile isivumelwano sakho , badilizile ama-altare akho , babulele abaprofethi bakho ngenkemba , kusele mina ngedwa; sebefuna umphefumulo wami ukuba bawususe. Ukubizwa kuka-Elisha 15 Wayesethi uJehova kuye : Hamba, ubuye ngendlela yakho , uye ehlane laseDamaseku; usufikile khona uyakumgcoba uHazayeli abe yinkosi yase - Aramu; 16 uyakumgcoba uJehu indodana kaNimishi abe yinkosi kwa -Israyeli, umgcobe u-Elisha indodana kaShafati wase -Abela Mehola abe ngumprofethi esikhundleni sakho. 17 Kuyakuthi obalekela inkemba kaHazayeli abulawe nguJehu ; obalekela inkemba kaJehu uyakubulawa ngu-Elisha. 18 Kepha ngiyakushiya kwa -Israyeli izinkulungwane eziyisikhombisa , onke amadolo anganguqanga kuBali nayo yonke imilomo engamanganga. 19 Wayesesuka lapho , wamfumana u -Elisha indodana kaShafati ; wayelima ngezinkabi ezingamabh angqa ayishumi nambili phambi kwakhe , yena esebhangqeni leshumi nambili ; u-Eliya wadlulela kuye , waphonsa ingubo yakhe kuye. 20 Wayeseshiya izinkabi , wagijima wamlandela u -Eliya, wathi: Ake ngange ubaba nomame , bese ngikulandela . Wathi kuye: Hamba, ubuyele emuva, ngokuba ngenzeni kuwe na? 21 Wabuya ekumlandeleni , wathatha izinkabi zombili , wazihlaba, wapheka inyama yazo ngempahla yezinkabi , wabapha abantu , badla. Wayesesuka, wamlandela u-Eliya, wamkhonza.