Skip to Content

1 AmaKhosi Chapter 20

1 UBeni Hadadi inkosi yase -Aramu wabutha yonke impi yakhe ; wayenamakhosi angamashumi amathathu nambili , namahhashi, nezinqola; wenyuka, wavimbezela iSamariya, walwa nalo, 2 wathuma izithunywa ku-Ahabi inkosi yakwa-Israyeli emzini, 3 wathi kuye : Usho kanje uBeni Hada di, uthi: Isiliva lakho negolide lakho lingelami, nawomkakho nabantwana bakho abahle bangabami. 4 Inkosi yakwa-Israyeli yaphendula yathi: Kunjengokusho kwakho, nkosi yami, nkosi: Ngingowakho nakho konke enginakho. 5 Kepha izithunywa zabuya , zathi: Usho kanj e uBeni Hadadi , uthi: Ngathumela kuwe , ngathi: Uyakunikela kimi isiliva lakho negolide lakho , nawomkakho, nabantwana bakho, 6 kepha ngalesi sikhathi kusasa ngiyakuthuma izinceku zami kuwe , ziyalule indlu yakho nezindlu zezinceku zakho ; kuyakuthi konke okuhl e emehlweni akho zikufake esandleni sazo, zikususe. 7 Inkosi yakwa-Israyeli yayisibiza onke amalunga ezwe , yathi: Ake niqaphele, nibone ukuthi lowo muntu ufuna okubi , ngokuba wathumela kimi ngawomkami, nangabantwana bami , nangesiliva lami , nangegolide lami , angimnqabelanga. 8 Amalunga onke nabantu bonke bathi kuye: Ungalaleli, ungavumi. 9 Wayesethi kuzo izithunywa zikaBeni Hadadi: Yitsheleni inkosi yami, inkosi, ukuthi: Konke owathumela ngakho encekwini yakho kuqala ngiyakukwenza , kepha le nto anginakuyenza. Zase zihamba izithunywa, zambuyisela izwi. 10 UBeni Hadadi wayesethumela kuye , wathi: Onkulunkulu mabenze njalo kimi, benezele futhi, uma uthuli lwaseSamariya luyakwanela abantu bonke abasezinyathelweni zami ukuba babe nokhweshe. 11 Yayisiphendula inkosi yakwa-Israyeli, ithi: Khulumani kuye, nithi: Obhinca izikhali makangazigabisi njengokhumulayo. 12 Kwathi esezwa leli zwi , ephuza kanye namakhosi emadokodweni , wathi ezincekwini zakhe: Mayiphume. Yayisiphuma ukulwa nomuzi. 13 Bheka, kwasondela umprofethi ku-Ahabi inkosi yakwa-Israyeli, wathi: Usho kanje uJehova, uthi: Uyasibona sonke lesi sixuku na ? Bheka, ngiyakusinikela esandleni sakho namuhla, uze wazi ukuthi mina nginguJehova. 14 Wayesethi u -Ahabi: Ngobani na ? Wathi: Usho kanje uJehova , uthi: Ngezinsizwa zez ikhulu zezifunda . Wayesethi: Ngubani oyakokha impi ? Wathi: Nguwe. 15 Wayesebala izinsizwa zezikhulu zezifunda , zazingamakhulu amabili namashumi amathathu nambili ; emva kwazo wabala abantu bonke , bonke abantwana bakwa-Israyeli, beyizinkulungwane eziyisikhombisa. 16 Baphuma emini . Kepha uBeni Hadadi wayephuza waze wadakwa emadokodweni, yena namakhosi, amakhosi angamashumi amathathu nambili amsizayo. 17 Izinsizwa zezikhulu zezifunda zaphuma kuqala ; uBeni Hadadi wathumela , bamtshela ukuthi kuphume abantu eSamariya. 18 Wathi: Noma bephumele ukuthula, babambeni besaphila, noma bephumele ukulwa, babambeni besaphila. 19 Zaphuma-ke emzini izinsizwa lezo zezikhulu zezifunda kanye nempi eyazilandela. 20 Babulala, kwaba yilowo nalowo umuntu wakhe ; ama-Aramu abaleka , u- Israyeli wawaxosha ; uBeni Hadadi inkosi yama -Aramu waphunyuka ngehhashi kanye nabamahhashi. 21 Inkosi yakwa -Israyeli yaphuma , yagenca amahhashi nezinqola , yabulala ama-Aramu ngokuceka okukhulu. 22 Umprofethi wasondela enkosini yakwa -Israyeli, wathi kuyo : Hamba uziqinise, uqaphele, ubone oyakukwenza, ngokuba emva komnyaka inkosi yama-Aramu iyakwenyuka ukulwa nawe. 23 Izinceku zenkosi yama -Aramu zathi kuyo : Unkulunkulu wabo ungunkulunkulu wezintaba , ngalokho basahlula ; kepha masilwe nabo ethafeni, impela siyakubahlula. 24 Futhi yenza lokhu: Susa amakhosi onke, kube yileyo naleyo endaweni yayo, ubeke ababusi ezikhundleni zawo, 25 uzibalele impi njengaleyo mpi olahlekelwe yiyo , ihhashi ngehhashi, inqola ngenqola, silwe nabo ethafeni , sibahlule impela . Yalalela izwi labo , yenze njalo. 26 Kwathi emva komnyaka uBeni Hadadi wabala ama -Aramu, wenyukela e - Afeki ukuba alwe no-Israyeli. 27 Abantwana bakwa -Israyeli babalwa , baphiwa ukudla , bahamba ukuhlangabezana nabo ; abakwa-Israyeli bamisa phambi kwabo njengemihlanjana emibili yamazinyane ezimbuzi , kepha ama -Aramu agcwalisa izwe. 28 Wayesesondela umuntu kaNkulunkulu, wathi enkosini yakwa-Israyeli: Usho kanje uJehova , uthi: Ngokuba ama -Aramu eshilo ukuthi uJehova ungunkulunkulu wezintaba , kasiye unkulunkulu wezigodi , ngiyakusinikela sonke lesi sixuku esikhulu esandleni sakho, nize nazi ukuthi nginguJehova. 29 Base bemisile bebhekana izinsuku eziyisikhombisa . Kwathi ngosuku lwesikhombisa kwaqala ukuliwa ; abantwana bakwa -Israyeli babulala ama - Aramu ayizinkulungwane eziyikhulu ayimigundatshani ngalusuku lunye. 30 Abaseleyo babalekela emzini wase-Afeki; ugange lwawela phezu kwabantu abayizinkulungwane ezingamashumi amabili nesikhombisa abaseleyo . Naye uBeni Hadadi wabaleka, wangena emzini amakamelo ngamakamelo. 31 Kepha izinceku zakhe zathi ku ye: Bheka, sizwile ukuthi amakhosi endlu yakwa-Israyeli angamakhosi anomusa ; ake sembathe izindwangu zamasaka ezinkalweni zethu nezintambo emakhanda ethu , siphume, siye enkosini yakwa-Israyeli; mhlawumbe iyakusindisa ukuphila kwakho. 32 Zase zibhinca izindw angu zamasaka ezinkalweni zazo , nezintambo emakhanda azo, zaya enkosini yakwa-Israyeli, zathi: Ithi inceku yakho uBeni Hadadi: Ake ungiyeke , ngiphile. Yayisithi: Usekhona na ? Ungumfowethu yena. 33 Amadoda aqaphela lokho , ashesha ukuqinisa okuvela kuye , athi: Ngumfowenu uBeni Hadadi . Wathi: Hambani, nimlande. UBeni Hadadi wayesephumela kuye; wamkhwelisa inqola yakhe. 34 UBeni Hadadi wayesethi kuye : Imizi ubaba ayithatha kuyihlo ngiyakuyibuyisa, uzenzele izitaladi eDamaseku njengokwenza kukababa eSamariya. U-Ahabi wathi : Ngalesi sivumelwano ngiyakukuvumela ukuba uhambe. Wayesenza isivumelwano naye, wamvumela ukuba ahambe. U-Ahabi usolwa ngumprofethi 35 Umuntu othile wamadodana abaprofethi wathi kumngane wakhe ngezwi likaJehova: Ake ungishaye. Kepha lowo muntu wala ukushaya. 36 Wayesethi kuye : Ngokuba ungalalelanga izwi likaJehova , bheka, uyakwanele ukusuka nje kimi , ingonyama ikubulale . Wanele wasuka nje kuye, ingonyama yamfumana, yambulala. 37 Wayesefumana omunye umuntu , wathi: Ake ungishaye . Lowo muntu wamshaya; wamshaya, wamlimaza. 38 Wayesesuka umprofethi , walindela inkosi endleleni , waziguqula ngeqhele elalisemehlweni akhe. 39 Kwathi inkosi isidlula , wamemeza enkosini , wathi: Inceku yakho yaphumela phakathi kokulwa ; bheka, kwabuya umuntu owaletha kimi omunye, wathi: Linda lo muntu ; uma elahleka, ukuphila kwakho kuyakuba sesikhundleni sokuphila kwakhe, noma uyakukhokha italenta lesiliva. 40 Kwathi lapho inceku yakho isasebenza ngalapha nangalapha , kanti wayesehambile. Yayisithi kuye inkosi yakwa -Israyeli: Kunjalo ukwahlulelwa kwakho; nguwe onqumile. 41 Washesha wasusa iqhele emehlweni akhe ; yayisimbona inkosi yakwa - Israyeli ukuthi ungowabaprofethi. 42 Wathi kuyo: Usho kanje uJehova, uthi: Ngokuba umyekile ukuba aphume esandleni sakho umuntu engangimqalekisile , ukuphila kwakho kuyakuba sesikhundleni sokuphila kwakhe, nabantu bakho babe sesikhundleni sabantu bakhe. 43 Inkosi yakwa -Israyeli yaya endlini yayo ihluneme , ithukuthele, yeza eSamariya.