Skip to Content

2 iziKronike Chapter 17

1 UJehoshafati indodana yakhe waba yinkosi esikhundleni sakhe , waziqinisa ukulwa no-Israyeli. 2 Wabeka amabutho emizini yonke ebiyelweyo yakwaJuda , wabeka amakhanda ezweni la kwaJuda, nasemizini yakwa -Efrayimi u -Asa uyise ayithathileyo. 3 UJehova wayenaye uJehoshafati , ngokuba wahamba ngezindlela zokuqala zikayise uDavide, akafunanga oBali, 4 kepha wafuna uNkulunkulu kayise , wahamba ngemiyalo yakhe , kungengakwenza kuka-Israyeli. 5 Ngalokho uJehova wawuqinisa umbuso esandleni sakhe ; wonke uJuda wathela intela kuJehoshafati, wayenengcebo nodumo olukhulu. 6 Inhliziyo yakhe yaphakanyiswa ezindleleni zikaJehova ; futhi wasusa izindawo eziphakemeyo nawo-Ashera kwaJuda. 7 Ngomnyaka wesithath u wokubusa kwakhe wathuma izikhulu zakhe oBeni Hayili, no-Obadiya, noZakariya, noNethaneli, noMikhaya ukuba zifundise emizini yakwaJuda, 8 zinamaLevi oShemaya , noNethaniya, noZebadiya, no-Asaheli, noShemiramoti, noJehonathani, no-Adoniya, noThobiya, noThobi Adoniya, amaLevi, beno-Elishama noJehoramu, abapristi. 9 Base befundisa kwaJuda benencwadi yomthetho kaJehova ; bazungeza baya emizini yonke yakwaJuda, bafundisa phakathi kwabantu. 10 Kwehlela ingebhe ngoJehova phezu kwayo yonke imibuso yamazwe eyayinxazonke zakwaJuda, ayilwanga noJehoshafati. 11 AmaFilisti athile aletha izipho kuJehoshafati , nesiliva lentela ; nabase- Arabiya baletha kuye imihlambi , izinqama eziyizinkulungwane eziyisikhombisa namakhulu ayisikhombisa nezimpongo eziyizinkulungwane eziyisikhombisa namakhulu ayisikhombisa. 12 UJehoshafati wayelokhu ekhula njalo , waze waba mkhulu kakhulu ; wakha izinqaba nemizi yokubekelela kwaJuda. 13 Wayenemisebenzi eminingi emizini yakwaJuda kanye namadoda empi , amaqhawe anamandla, eJerusalema. 14 Nakhu ukubalwa kwabo njengezindlu zawoyise : kwaJuda: izinduna zezinkulungwane: ngu-Adina induna , enamaqhawe anamandla ayizinkulungwane ezingamakhulu amathathu; 15 emva kwakhe kwakunguJehohanani induna , enezinkulungwane ezingamakhulu amabili namashumi ayisihiyagalombili; 16 emva kwakhe kwakungu -Amasiya indodana kaZikiri , owazinikela ngenhliziyo kuJehova , enamaqhawe anamandla ayizinkulungwane ezingamakhulu amabili; 17 kwaBenjamini: ngu-Eliyada, iqhawe elinamandla , enabahlome iminsalo nezihlangu abayizinkulungwane ezingamakhulu amabili; 18 emva kwakhe kwakunguJehozabadi , enabahlomele impi abayizinkulungwane eziyikhulu namashumi ayisishiyagalombili. 19 Yilabo ababekhonza inkosi ngaphandle kwalabo inkosi eyababeka emizini ebiyelweyo kulo lonke lakwaJuda.