2 iziKronike Chapter 16
1
Ngomnyaka wamashumi amathathu nesithupha wokubusa kuka -Asa, uBahasha, inkosi yakwa -Israyeli, wakhuphuka ukuhlasela uJuda , wakha iRama, ukuze angavumeli muntu ukuphuma nokungena ku -Asa inkosi yakwaJuda.
2
U-Asa wakhipha isiliva negolide engcebeni yendlu kaJeho va nasendlini yenkosi, wathumela kuBeni Hadadi, inkosi yase-Aramu owahlala eDamaseku, wathi:
3
Kukhona isivumelwano phakathi kwami nawe , njengalokho sasikhona phakathi kukababa noyihlo ; bheka, ngithuma kuwe isiliva negolide ; hamba waphule isivumelwano sakh o noBahasha inkosi yakwa -Israyeli ukuba asuke kimi.
4
UBeni Hadadi wayilalela inkosi u -Asa, wathuma izinduna zempi yakhe ukuba zihlasele imizi yakwa -Israyeli; zanqoba i -Ijoni, neDani, ne-Abela Mayimi, nayo yonke imizi yokubekelela yakwaNafetali.
5
Kwathi lapho uBahasha esekuzwile lokho , wayeka ukwakha iRama, wamisa umsebenzi wakhe.
6
Kepha u-Asa inkosi wahamba naye wonke uJuda ; basusa amatshe aseRama nemithi yalo uBahasha ayelakhe ngakho; wakha ngakho iGeba neMispa. Isiprofetho sikaHanani
7
Ngaleso sikhathi kwe za uHanani, umboni ka-Asa, inkosi yakwaJuda, wathi kuye: Ngokuba wencike enkosini yase -Aramu, ungencikanga kuJehova uNkulunkulu wakho , ngalokho impi yenkosi yase -Aramu iphunyukile esandleni sakho.
8
AmaKushe namaLubi ayengesiyo impi enkulu yini , inezinqola nabamahhashi abaningi kakhulu na ? Kepha ngenxa yokwencika kwakho kuJehova wawanikela esandleni sakho.
9
Ngokuba amehlo kaJehova aqalaza emhlabeni wonke ukuba abe namandla kwabanhliziyo yabo iphelele kuye ; wenze ngobuwula kule nto , ngokuba kusukela manje uyakuba nokulwa njalo.
10
U-Asa wacunuka ngomboni, wamfaka endlini yezitokisi, ngokuba wamfutha ngenxa yale nto. U-Asa wabadlova nabathile babantu ngaleso sikhathi. Ukugula nokufa kuka-Asa
11
Bheka, izindaba zika -Asa, ezokuqala nezokugcina , bheka-ke, zilotshiwe encwadini yamakhosi akwaJuda nakwa-Israyeli.
12
Ngomnyaka wamashumi amathathu nesishiyagalolunye wokubusa kwakhe u-Asa waba nesifo ezinyaweni zakhe ; isifo sakhe sasinzima kakhulu ; kepha akafunanga uJehova esifweni sakhe, izinyanga zodwa.
13
U-Asa wayesela la koyise , wafa ngomnyaka wamashumi amane nanye wokubusa kwakhe.
14
Bammbela emathuneni akhe owayeziqophele wona emzini kaDavide , bambeka embhedeni ogcwele iphunga elimnandi namakha ayizinhlobonhlobo, alungisiwe ngokwenza komthaki ; bamenzela ukushisa kwempepho okukhulu kakhulu.