Skip to Content

UNumeri Chapter 8

1 UJehova wakhuluma kuMose, wathi: 2 Yisho ku -Aroni, uthi kuye : Nxa ubeka izibani , izibani eziyisikhombisa mazikhanyise ngaphambi kothi lwezibani. 3 U-Aroni wenze n jalo; wabeka izibani zalo ukuba zikhanyise ngaphambi kothi lwezibani, njengalokho uJehova emyalile uMose. 4 Nanku umsebenzi wothi lwezibani , umsebenzi wegolide elikhandiweyo : kuze kube sesinqeni salo nasezimbalini zalo kwakungumsebenzi okhandiweyo; njengesifanekiso uJehova asibonise uMose , wenze njalo uthi lwezibani. Ukumiswa kwamaLevi 5 UJehova wakhuluma kuMose, wathi: 6 Thabatha amaLevi phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli, ubahlambulule. 7 Uyakwenza kanje kubo ukuba ubahlambulule: fafaza amanzi okuphothula , baziphucule umzimba wonke, bahlanze izingubo zabo, bazihlambulule. 8 Bathabathe iduna nomnikelo walo wempuphu, impuphu ecolekileyo exovwe namafutha; nelinye iduna uyakulithabatha libe ngumnikelo wesono. 9 Uyakuletha amaLevi phambi kwetende lokuhlangana , ubuthe yonke inhlangano yabantwana bakwa-Israyeli, 10 ulethe amaLevi phambi kukaJehova ; abantwana bakwa -Israyeli babeke izandla zabo phezu kwamaLevi, 11 u-Aroni azulise amaLevi phambi kukaJehova abe ngumnikelo wokuzuliswa ovela kubantwana bakwa-Israyeli, aze asebenze umsebenzi kaJehova. 12 AmaLevi ayakubeka izandla zawo ezinhloko zezinkunzi , wena unikele ngenye ibe ngumnikelo wesono , enye ibe ngumnikelo wokushiswa kuJehova ukwenzela amaLevi ukubuyisana. 13 Uyakubeka amaLevi phambi kuka -Aroni naphambi kwamadodana akhe, unikele ngawo abe ngumnikelo wokuzuliswa kuJehova. 14 Uyakwahlukanisa amaLevi phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli, amaLevi abe ngawami. 15 Emva kwalokho amaLevi ayakungena ukwenza inkonzo yetende lokuhlangana; uyakuwahlambulula, unikele ngawo abe ngu mnikelo wokuzuliswa. 16 Ngokuba mina nginikiwe wona phakathi kwabantwana bakwa -Israyeli; esikhundleni sakho konke okuvula isizalo , amazibulo abo bonke abantwana bakwa-Israyeli, ngizithabathele wona. 17 Ngokuba onke amazibulo phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli angawami, awabantu nawezilwane ; mhla ngishaya amazibulo onke ezweni laseGibithe ngazingcwelisela wona. 18 Ngithabathile amaLevi esikhundleni samazibulo onke abantwana bakwa - Israyeli. 19 Ngiwanikile amaLevi abe yisipho sika -Aroni nesamadodana akhe esivela kubantwana bakwa -Israyeli ukusebenza umsebenzi wabantwana bakwa - Israyeli etendeni lokuhlangana nokwenzela abantwana bakwa -Israyeli ukubuyisana, ukuze kungabikho sifo phakathi kwabantwana bakwa -Israyeli, lapho abantwana bakwa-Israyeli besondela endlini engcwele. 20 Benze njalo-ke oMose no-Aroni nayo yonke inhlangano yabantwana bakwa- Israyeli kumaLevi ; njengakho konke uJehova amyala ngakho uMose ngamaLevi, benze njalo kuwo abantwana bakwa-Israyeli. 21 AmaLevi aziphothula, ahlanza izingubo zawo; u-Aroni wanikela ngawo abe ngumnikelo wokuzuliswa phambi kukaJehova ; u-Aroni wawenzela ukubuyisana ukuwahlambulula. 22 Emva kwalokho amaLevi angena ukwenza umsebenzi wawo etendeni lokuhlangana phambi kuka -Aroni naphambi kwamadodana akhe ; njengalokho uJehova emyalile uMose ngamaLevi, benze njalo-ke kuwo. 23 UJehova wakhuluma kuMose, wathi: 24 Yilokhu okungokwamaLevi : kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili nanhlanu kuya phezulu ayakungena ukugcina umsebenzi wenkonzo yetende lokuhlangana: 25 kusukela kwabaneminyaka engamas humi ayisihlanu bayakuphuma emsebenzini wenkonzo, bangabe besakhonza; 26 kodwa bayakukhonza kanye nabafowabo etendeni lokuhlangana , bagcine imfanelo kepha bangabe besakhonza . Uyakwenze njalo kumaLevi ngezimfanelo zawo.