Skip to Content

2 AmaKhosi Chapter 13

1 Ngomnyaka wamashumi amabili nantath u kaJowashi indodana ka-Ahaziya inkosi yakwaJuda uJehowahazi indodana kaJehu waba yinkosi kwa -Israyeli eSamariya, wabusa iminyaka eyishumi nesikhombisa. 2 Wenza okubi emehlweni kaJehova , walandela izono zikaJerobowamu , indodana kaNebati, onisa ngazo u-Israyeli, kasukanga kuzo. 3 Intukuthelo kaJehova yavuthela u -Israyeli, wabanikela esandleni sikaHazayeli inkosi yase -Aramu nasesandleni sikaBeni Hadadi indodana kaHazayeli sonke lesi sikhathi. 4 UJehowahazi wakhuleka kuJehova , uJehova wamuzwa , ngokuba wabona ukucindezelwa kuka-Israyeli ukuthi inkosi yase-Aramu yayibacindezela. 5 UJehova wanika u -Israyeli umsindisi , baphuma phansi kwesandla sama - Aramu; abantwana bakwa-Israyeli bahlala ematendeni abo njengakuqala. 6 Nokho abasukanga ezonweni zendlu kaJerobowamu onisa ngazo u-Israyeli, kepha bahamba kuzo; naye u-Ashera wasala eSamariya. 7 Ngokuba akashiyanga abantu kuJehowahazi , kuphela abamahhashi abangamashumi ayisihlanu , nezinqola eziyishumi , nemigundatshani eyizinkulungwane eziyishumi , ngokuba inkosi yase -Aramu yabac hitha, yabenza baba njengothuli ekubhuleni. 8 Ezinye izindaba zikaJehowahazi , nakho konke akwenzayo , namandla akhe, angithi kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwa - Israyeli na? 9 UJehowahazi wayeselala ko yise; bammbela eSamariya; uJowashi indodana yakhe waba yinkosi esikhundleni sakhe. 10 Ngomnyaka wamashumi amathathu nesikhombisa kaJowashi , inkosi yakwaJuda, uJehowashi, indodana kaJehowahazi, waba yinkosi kwa-Israyeli eSamariya, wabusa iminyaka eyishumi nesithupha. 11 Wenza okubi emehlwe ni kaJehova , kasukanga kuzo zonke izono zikaJerobowamu indodana kaNebati onisa ngazo u -Israyeli, kodwa wahamba kuzo. 12 Ezinye izindaba zikaJowashi , nakho konke akwenzayo , namandla akhe alwa ngawo no-Amasiya inkosi yakwaJuda , angithi kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwa-Israyeli na? 13 UJowashi wayeselala koyise ; uJerobowamu wahlala esihlalweni sakhe sobukhosi; uJowashi wembelwa eSamariya namakhosi akwa-Israyeli. Ukugula nokufa kuka-Elisha 14 U-Elisha esegula ngesifo afa ngaso, uJowashi inkosi yakwa-Israyeli wehlela kuye, wamkhalela wathi: Baba, Baba, nqola ka-Israyeli nabamahhashi bakhe! 15 U-Elisha wathi kuye : Thatha umnsalo nemicibisholo . Wathatha-ke umnnsalo nemicibisholo. 16 Wathi enkosini yakwa -Israyeli: Beka isandla sakho emnsalw eni. Yabeka-ke isandla sayo. U-Elisha wabeka izandla zakhe phezu kwezandla zenkosi. 17 Wathi: Vula ifasitele ngasempumalanga . Yalivula. Wayesethi u -Elisha: Cibishela. Yacibishela-ke. Wathi: Ngumcibisholo kaJehova wokusindisa , umcibisholo wokusindiswa kuma -Aramu, ngokuba uyakubulala ama -Aramu e-Afeki, uwaqede. 18 Wayesethi: Thatha imicibisholo . Yayithatha-ke. Wathi enkosini yakwa - Israyeli: Shaya emhlabathini. Yashaya kathathu, yayeka. 19 Lowo muntu kaNkulunkulu wayithukuthelela , wathi: Uma ubushaye kahlanu noma kayisithupha, wawulahlulile i -Aramu waze waliqeda , kepha manje uyakulahlula i-Aramu kathathu kuphela. 20 Wayesefa u -Elisha, bammbela. Amaviyo akwaMowabi angenela izwe ngasekwethwaseni komnyaka. 21 Kwathi lapho besammbela umuntu othile , bheka, babona iviyo; bamlahla umuntu ethuneni lika-Elisha. Lowo muntu wanele ukuthinta nje amathambo ka-Elisha, waphila, wema ngezinyawo zakhe. Ama-Aramu ayahlulwa 22 UHazayeli inkosi yase -Aramu wayecindezele u -Israyeli zonke izinsuku zikaJehowahazi. 23 Kodwa uJehova wayenomusa kubo, wayenesihe kubo , wabanakekela ngenxa yesivumelwano sakhe no -Abrahama no -Isaka noJakobe , akathandanga ukubachitha, futhi wayengakabalahli ebusweni bakhe. 24 UHazayeli inkosi yase -Aramu wafa ; uBeni Hadadi indodana yakhe waba yinkosi esikhundleni sakhe. 25 UJehowashi indodana kaJehowahazi wabuye waphuca esandleni sikaBeni Hadadi indodana kaHazayeli leyo mizi ayaphucile esandleni sikaJehowahazi uyise ngokulwa . UJowashi wamahlula kathathu , wabuyisa imizi yakwa - Israyeli.