2 AmaKhosi Chapter 14
1
Ngomnyaka wesibili kaJowashi indodana kaJehowahazi inkosi yakwa- Israyeli u-Amasiya indodana kaJowashi inkosi yakwaJuda waba yinkosi.
2
Wayeneminyaka engamashumi amabili nanhlanu ekuqaleni kwakhe ukubusa, wabusa iminyaka engamashumi amabili nesishiyagalolunye eJerusalema; igama likanina lalinguJehohadini waseJerusalema.
3
Wenza okulungile emehlweni kaJehova , kungenjengoDavide uyise kodwa ; wenza njengakho konke uJowashi uyise akwenzileyo.
4
Kepha izindawo ezipha kemeyo azisuswanga; abantu babesahlaba, besashisa impepho ezindaweni eziphakemeyo.
5
Kwathi lapho umbuso usuqinisiwe esandleni sakhe , wazibulala izinceku zakhe ezaziyibulele inkosi uyise.
6
Kepha abantwana bababulali akababulalanga njengokulotshiweyo encwadini yomthetho kaMose njengokuyala kukaJehova ngokuthi : Oyise abayikubulawa ngenxa yabantwana, nabantwana abayikubulawa ngenxa yawoyise, kepha yilowo nalowo uyakufa ngesakhe isono.
7
Wabulala ku -Edomi esiGodini sikaSawoti abayizinkulungwane eziyishumi , wathatha iSela ngokulwa , waliqamba igama lokuthi iJokiteyeli kuze kube namuhla.
8
Khona u -Amasiya wathuma izithunywa kuJehowashi indodana kaJehowahazi kaJehu, inkosi yakwa -Israyeli, wathi: Woza sibhekane ubuso nobuso.
9
UJehowashi inkosi yakwa -Israyeli wathumel a ku -Amasiya inkosi yakwaJuda, wathi: Isihlahla somkhaya saseLebanoni sathumela kumsedari waseLebanoni, sathi: Nika indodana yami indodakazi yakho ibe ngumkayo . Kwadlula isilo sasendle saseLebanoni, sanyathela phansi isihlahla somkhaya.
10
Umchithile impela u-Edomi; inhliziyo yakho ikuphakamisile ; dumiseka ngakho, uhlale ekhaya; uzilebelani ukuba uwe wena , noJuda ekanye nawe , na?
11
Kepha u -Amasiya akalalelanga . Wayesenyuka uJehowashi inkosi yakwa - Israyeli; yena no-Amasiya inkosi yakwaJuda babhekana ubuso nob uso eBeti Shemeshi elingelakwaJuda.
12
UJuda wahlulwa phambi kuka -Israyeli; babaleka, kwaba yilowo nalowo etendeni lakhe.
13
UJehowashi, inkosi yakwa -Israyeli, wambamba u -Amasiya inkosi yakwaJuda, indodana kaJehowashi , ka-Ahaziya, eBeti Shemeshi , wafika eJerusalema, wadiliza ugange lwaseJerusalema, kusukela eSangweni lakwa - Efrayimi kuze kube seSangweni laseGumbini, izingalo ezingamakhulu amane.
14
Wathatha lonke igolide nesiliva , nazo zonke izitsha ezafunyanwa endlini kaJehova nasengcebeni endlini yenkosi , nabayisibambiso, wabuyela eSamariya.
15
Ezinye izindaba zikaJehowashi azenzayo, namandla akhe, nempi yakhe no- Amasiya inkosi yakwaJuda, angithi kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwa-Israyeli na?
16
UJehowashi wayeselala koyise , wembelwa eSamariya namakhosi akwa - Israyeli; uJerobowamu indodana yakhe waba yinkosi esikhundleni sakhe.
17
U-Amasiya, indodana kaJowashi , inkosi yakwaJuda , wayesekhona emva kokufa kukaJehowashi indodana kaJehowahazi , inkosi yakwa -Israyeli, iminyaka eyishumi nanhlanu.
18
Ezinye izindaba zika -Amasiya angithi zilotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwaJuda na?
19
Bamenzela ugobe eJerusalema ; wabalekela eLakishi , kepha bathumela bamlanda eLakishi, bambulala khona.
20
Bamthwala ngamahhashi; wembelwa eJerusalema koyise emzini kaDavide.
21
Bonke abantu bakwaJuda bathatha u -Azariya owayeneminyaka eyishumi nesithupha, bambeka inkosi esikhundleni sikayise u-Amasiya.
22
Wakha i-Elati, walibuyisela kuJuda, inkosi isilele koyise.
23
Ngomnyaka weshumi nanhlanu ka -Amasiya indodana kaJowashi , inkosi yakwaJuda, uJerobowamu indodana kaJowashi, inkosi yakwa-Israyeli, waba yinkosi eSamariya, wabusa iminyaka engamashumi amane nanye.
24
Wenza okubi emehlweni kaJehova , kasukanga ezonweni zonke zikaJerobowamu, indodana kaNebati, onisa ngazo u-Israyeli.
25
Wabuyisa umkhawulo wakwa-Israyeli kusukela ekuyeni eHamati kuze kube seLwandle lwase -Araba; njengezwi likaJehova , uNkulunkulu ka -Israyeli, alikhulumayo ngesandla senceku yakhe uJona indodana ka -Amithayi, umprofethi waseGati Heferi.
26
Ngokuba uJehova wabona ukuhlupheka kuka-Israyeli ukuthi kwakumunyu kakhulu, abancane nabakhulu baphela amandla , kungekho omsizayo u - Israyeli.
27
UJehova akashongo ukuthi uyakwesula igama lika-Israyeli phansi kwezulu, kepha wabasindisa ngesandla sikaJerobowamu indodana kaJowashi.
28
Ezinye izindaba zikaJerobowamu , nakho konke akwenzayo , namandla akhe, nokulwa kwakhe , nokubuyisela kwakhe ku -Israyeli iDamaseku neHamati elalingelakwaJuda, angithi kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwa-Israyeli na?
29
UJerobowamu wayeselala koyise , amakhosi abakwa -Israyeli; uZakariya waba yinkosi esikhundleni sakhe.