Skip to Content

2 AmaKhosi Chapter 15

1 Ngomnyaka wamashumi amabili nesikhombisa kaJerobowamu inkosi ka - Israyeli u-Azariya indodana ka-Amasiya inkosi yakwaJuda waba yinkosi. 2 Wayeneminyaka eyishumi nesithupha ekuqaleni kwakhe ukubusa , wabusa iminyaka engamashumi ayisihlanu nambili eJerusalema; igama likanina lalinguJekoliya waseJerusalema. 3 Wenza okulungile emehlweni kaJehova njengakho konke akwenzileyo uyise u-Amasiya. 4 Nokho izindawo eziphakemeyo azisuswanga ; abantu babesahlaba, besashisa impepho ezindaweni eziphakemeyo. 5 UJehova wayishaya inkosi , yaba ngonochoko kwaze kwafika usuku lokufa kwayo, yahlala endlini eyahlukanisiweyo . UJothamu, indodana yenkosi , wayephezu kwendlu ahlulela abantu bezwe. 6 Ezinye izindaba zika -Azariya nakho konke akwenzayo angithi kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwaJuda na? 7 U-Azariya wayeselala koyise; bammbela koyise emzini kaDavide; uJothamu, indodana yakhe, waba yinkosi esikhundleni sakhe. Amanye amakhosi akwa-Israyeli 8 Ngomnyaka wamashumi amathathu nesishiyagalombili ka -Azariya inkosi yakwaJuda, uZakariya, indodana kaJerobowamu , wayeyinkosi kwa -Israyeli eSamariya izinyanga eziyisithupha. 9 Wenza okubi emehlweni kaJehova njengalokho benzile oyise , kasukanga ezonweni zikaJerobowamu, indodana kaNebati, onisa ngazo u-Israyeli. 10 UShalumi, indodana kaJabeshi , wamenzela ugobe , wamgenca phambi kwabantu, wambulala, waba yinkosi esikhundleni sakhe. 11 Ezinye izindaba zikaZakariya , bheka, zilotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwa-Israyeli. 12 Yilelo izwi likaJehova alikhuluma kuJehu ngokuthi: Amadodana akho kuze kube sesizukulwaneni sesine ayakuhlala esihlalweni sakwa -Israyeli. Kwaba njalo. 13 UShalumi indodana kaJabeshi waba yinkosi ngomnyaka wamashumi amathathu nesishiyagalolunye ka -Uziya inkosi yakwaJuda , wabusa inyanga eSamariya. 14 UMenahemu, indodana kaGadi , wenyuka eTirisa , wafika eSamariya , wagenca uShalumi , indodana kaJabeshi , eSamariya, wambulala, wabusa esikhundleni sakhe. 15 Ezinye izindaba zikaShalumi nogobe lwakhe alwenzayo , bheka, kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwa-Israyeli. 16 Ngaleso sikhathi uMenahemu wachitha iThifisa , nakho konke okwakukulo, nemikhawulo yalo , kusukela eTirisa ; ngokuba bengamvulelanga, ngalokho walichitha; nabo bonke abesifazane abakhulelweyo abakulo wabaqaqa. 17 Ngomnyaka wamashumi amathathu nesishiyagalolunye ka -Azariya inkosi yakwaJuda uMenahemu indodana kaGadi waba yinkosi kwa-Israyeli, wabusa iminyaka eyishumi eSamariya. 18 Wenza okubi emehlweni kaJehova , kasukanga zonke izinsuku zakhe ezonweni zikaJerobowamu indodana kaNebati onisa ngazo u-Israyeli. 19 Kwafika ukuhlasela izwe uPhuli inkosi yase -Asiriya; uMenahemu wamnika uPhuli amatalenta ayinkulungwane esiliva ukuba isandla sakhe sibe naye ukuwuqinisa umbuso esandleni sakhe. 20 UMenahemu wakhiphisa u-Israyeli imali, bonke abantu abacebileyo, kwaba yilowo nalowo amashekeli angamashumi ayisihlanu esiliva ukuwan ika inkosi yase-Asiriya. Yayisibuyela emuva inkosi yase -Asiriya, ayihlalanga khona ezweni. 21 Ezinye izindaba zikaMenahemu nakho konke akwenzayo angithi kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwa-Israyeli na? 22 UMenahemu wayeselala koyise; uPhekaya waba yinkosi esikhundleni sakhe. 23 Ngomnyaka wamashumi ayisihlanu ka -Azariya inkosi yakwaJuda , uPhekaya, indodana kaMenahemu , waba yinkosi kwa -Israyeli eSamariya , wabusa iminyaka emibili. 24 Wenza okubi emehlweni kaJehova , kasukanga ezonweni zikaJerobowamu indodana kaNebati onisa ngazo u-Israyeli. 25 UPheka, indodana kaRemaliya, induna yakhe wamenzela ugobe, wamgenca eSamariya enqabeni yendlu yenkosi kanye no-Arigobi no-Ariye; wayenabantu bakwaGileyadi abangamashumi ayisihlanu ; wambulala, waba yi nkosi esikhundleni sakhe. 26 Ezinye izindaba zikaPhekaya nakho konke akwenzayo , bheka, kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwa-Israyeli. 27 Ngomnyaka wamashumi ayisihlanu nambili ka -Azariya inkosi yakwaJuda uPheka indodana kaRemaliya w aba yinkosi kwa -Israyeli eSamariya, wabusa iminyaka engamashumi amabili. 28 Wenza okubi emehlweni kaJehova , kasukanga ezonweni zikaJerobowamu indodana kaNebati onisa ngazo u-Israyeli. 29 Emihleni kaPheka inkosi yakwa-Israyeli kwafika uThigilati Phileseri i nkosi yase-Asiriya, wathatha i-Ijoni, ne-Abela Beti Mahakha, neJanowa, neKedeshi, neHasori, neGileyadi, neGalile, lonke izwe lakwaNafetali , wabathumbela e - Asiriya. 30 UHosheya, indodana ka -Ela, wamenzela ugobe uPheka indodana kaRemaliya, wamgenca, wambulala, waba yinkosi esikhundleni sakhe ngomnyaka wamashumi amabili kaJothamu indodana ka-Uziya. 31 Ezinye izindaba zikaPheka nakho konke akwenzayo , bheka, kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwa-Israyeli. 32 Ngomnyaka wesibili kaPheka in dodana kaRemaliya, inkosi yakwa-Israyeli, uJothamu indodana ka-Uziya, inkosi yakwaJuda, waba yinkosi. 33 Wayeneminyaka engamashumi amabili nanhlanu ekuqaleni kwakhe ukubusa, wabusa iminyaka eyishumi nesithupha eJerusalema; igama likanina lalinguJerusha, indodakazi kaSadoki. 34 Wenza okulungile emehlweni kaJehova , wenza njengakho konke akwenzileyo uyise u-Uziya. 35 Nokho izindawo eziphakemeyo azisuswanga; abantu babesahlaba, besashisa impepho ezindaweni eziphakemeyo . Wakha isango lasenhla endlini kaJehova. 36 Ezinye izindaba zikaJothamu nakho konke akwenzayo angithi kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwaJuda na? 37 Ngalezo zinsuku uJehova waqala ukuthuma kuJuda uResini , inkosi yase- Aramu noPheka indodana kaRemaliya. 38 UJothamu wayeselala k oyise, wembelwa koyise emzini kaDavide ; u-Ahazi, indodana yakhe, waba yinkosi esikhundleni sakhe.