2 AmaKhosi Chapter 16
1
Ngomnyaka weshumi nesikhombisa kaPheka indodana kaRemaliya u -Ahazi indodana kaJothamu, inkosi yakwaJuda, waba yinkosi.
2
U-Ahazi wayeneminyaka engamashumi amabili ekuqaleni kwakhe ukubusa , wabusa iminyaka eyishumi nesithupha eJerusalema ; akenzanga okulungile emehlweni kaJehova, uNkulunkulu wakhe, njengoDavide uyise.
3
Kepha wahamba ngendlela yamakhosi akwa -Israyeli, yebo, wadabulisa nendodana yakhe emlilweni njengezinengiso zabezizwe uJehova abaxosha phambi kwabantwana bakwa-Israyeli.
4
Wahlaba, washisa impepho ezindaweni eziphakemeyo , nasemagqumeni, naphansi kwayo yonke imithi eluhlaza.
5
Ngaleso sikhathi uResini , inkosi ya se-Aramu, noPheka indodana kaRemaliya, inkosi yakwa -Israyeli, benyukela eJerusalema ukulwa nalo ; bamvimbezela u-Ahazi, kepha babengenakumahlula.
6
Ngaleso sikhathi uResini inkosi yase -Aramu wabuyisela i -Elati e -Aramu, waxosha abaJuda e -Elati; ama-Aramu afika e-Elati, ahlala khona kuze kube namuhla.
7
U-Ahazi wathuma izithunywa kuThigilati Phileseri inkosi yase-Asiriya ngokuthi: Mina ngiyinceku yakho nendodana yakho : yenyuka, ungisindise esandleni senkosi yase -Aramu nasesandleni senkosi yakwa -Israyeli angivukelayo.
8
U-Ahazi wathatha isiliva negolide elafunyanwa endlini kaJehova nasengcebeni endlini yenkosi, walithuma enkosini yase-Asiriya laba yisipho.
9
Inkosi yase -Asiriya yamlalela ; inkosi yase -Asiriya yenyuka ukuhlasela iDamaseku, yalithatha, yathumbela abantu balo eKhiri, yambulala uResini.
10
Inkosi u-Ahazi yaya eDamaseku ukumhlangabeza uThigilati Phileseri inkosi yase-Asiriya, yabona i-altare elaliseDamaseku; inkosi u-Ahazi yathumela ku - Uriya, umpristi, isimo se -altare nesifanekiso salo njengokwenziwa kwa lo konke.
11
U-Uriya, umpristi, wayesakha i -altare: njengakho konke inkosi u-Ahazi ebikuthumile iseDamaseku walenze njalo u -Uriya umpristi , yaze yabuya inkosi u-Ahazi eDamaseku.
12
Inkosi isibuyile eDamaseku , inkosi yalibona i -altare; inkosi yasondela e - altare, yenyukela kulo.
13
Yashisa umnikelo wayo wokushiswa nomnikelo wayo wempuphu, yathulula umnikelo wayo wokuphuzwa, yafafaza igazi leminikelo yokuthula e-altare.
14
Kepha i -altare lethusi elaliphambi kukaJehova , yalisusa ngaphambi kwendlu phakathi kwe -altare nendlu kaJehova , yalibeka ohlangothini lwasenyakatho lwe-altare layo.
15
Inkosi u-Ahazi yamyala u -Uriya umpristi ngokuthi : Shisa e-altare elikhulu umnikelo wokushiswa wasekuseni , nomnikelo wempuphu wakusihlwa , nomnikelo wokushiswa wenkosi , nomnikelo wayo wempuphu kanye nomnikelo wokushiswa wabo bonke abantu bezwe , nomnikelo wabo wempuphu, neminikelo yabo yokuphuzwa , ulifafaze ngalo lonke igazi lomnikelo wokushiswa nalo lonke igazi lomhlatshelo ; kodwa i-altare lethusi liyakuba ngelami ukubuza ngalo.
16
U-Uriya umpristi wenza njengakho konke inkosi u-Ahazi eyale ngakho.
17
Inkosi u -Ahazi yanquma izindini zezinqe , yasusa kuzo umcengezi wokugeza, yehlisa ulwandle ezinkabini zethusi ezaziphansi kwawo , yawubeka endaweni egandayiwe ngamatshe.
18
Indlela esibekelwey o yesabatha ababeyakhe endlini nendawo yokungena yenkosi engaphandle yakuphambukisela endlini kaJehova ngenxa yenkosi yase-Asiriya.
19
Ezinye izindaba zika -Ahazi azenzayo angithi zilotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwaJuda na?
20
U-Ahazi wayeselala koyise, wembelwa koyise emzini kaDavide; uHezekiya indodana yakhe waba yinkosi esikhundleni sakhe.