Skip to Content

2 AmaKhosi Chapter 17

1 Ngomnyaka weshumi nambili ka -Ahazi inkosi yakwaJuda uHosheya indodana ka -Ela waba yinkosi eSamariya k wa-Israyeli, wabusa iminyaka eyisihiyagalolunye. 2 Wenza okubi emehlweni kaJehova , nokho kungenjengamakhosi akwa - Israyeli ayephambi kwakhe. 3 Kwenyuka ukulwa naye uShalimaneseri inkosi yase -Asiriya; uHosheya waba yisikhonzi sakhe, wathela intela kuye. 4 Inkosi yase-Asiriya yafumana ugobe kuHosheya , ngokuba wayethume izithunywa kuSo inkosi yaseGibithe , engasenyusi ntela enkosini yase -Asiriya njengokwenza kwakhe imihla ngemihla ; ngalokho inkosi yase -Asiriya yamvalela, yambopha etilongweni. 5 Inkosi yase-Asiriya yayisenyuka, yadabula izwe lonke , yenyukela eSamariya, yalivimbezela iminyaka emithathu. 6 Ngomnyaka wesishiyagalolunye kaHosheya , inkosi yase -Asiriya yalithatha iSamariya, yathumbela u -Israyeli e -Asiriya, yababeka eHala , naseHabori ngasemfuleni waseGozani, nasemizini yamaMede. 7 Kwaba njalo , ngokuba abantwana bakwa -Israyeli babonile kuJehova uNkulunkulu wabo owabakhuphula ezweni laseGibithe esandleni sikaFaro inkosi yaseGibithe, besaba abanye onkulunkulu, 8 bahamba ngezimiso zabezizwe uJehova abaxosha phamb i kwabantwana bakwa-Israyeli nezamakhosi akwa-Israyeli azenzileyo. 9 Abantwana bakwa -Israyeli benza ngasese izinto ezingalungile kuJehova uNkulunkulu, bazakhela izindawo eziphakemeyo emizini yabo yonke ngasemibhoshongweni yabalindi nasemizini ebiyelweyo. 10 Bazimisela izinsika nawo -Ashera emagqumeni onke aphakemeyo naphansi kwayo yonke imithi eluhlaza, 11 bashisa khona impepho ezindaweni zonke eziphakemeyo njengokwenza kwabezizwe uJehova abaxosha phambi kwabo , benza izinto ezimbi ukumcunula uJehova, 12 bakhonza izithombe uJehova ashilo ngazo kubo ukuthi : Aniyikwenza le nto. 13 Nokho uJehova wayexwayisile o -Israyeli noJuda ngesandla sabo bonke abaprofethi nababoni ukuthi : Phendukani ezindleleni zenu ezimbi , nigcine imiyalo yami nezimiso zami njengawo wonke umth etho engayala ngawo oyihlo nengawuthuma kini ngesandla sezinceku zami abaprofethi. 14 Kepha abalalelanga ; benza lukhuni intamo yabo njengentamo yawoyise abangakholwanga nguJehova uNkulunkulu wabo. 15 Badelela izimiso zakhe , nesivumelwano sakhe asenzayo nawoy ise, nezixwayiso abaxwayisa ngazo, balandela okuyize, benza okuyize, balandela abezizwe ababebazungeza , uJehova abayale ngabo ukuthi abayikwenza njengabo. 16 Bashiya yonke imiyalo kaJehova uNkulunku lu wabo, bazenzela izithombe ezibunjiweyo, amathole amabil i, benza no -Ashera, bakhuleka kulo lonke ibandla lasezulwini, bakhonza uBali. 17 Badabulisa amadodana abo namadodakazi abo emlilweni , babhula, benza imilingo, bazithengisela ukwenza okubi emehlweni kaJehova ukumcunula. 18 Ngalokho uJehova wathukuthelela u -Israyeli, wabasusa ebusweni bakhe ; akusalanga muntu, isizwe sakwaJuda kuphela. 19 Naye uJuda akagcinanga imiyalo kaJehova uNkulunkulu wabo , kepha wahamba ngezimiso zakwa-Israyeli azenzileyo. 20 UJehova wala yonke inzalo ka -Israyeli, wayihlupha, wayinikela esandleni sabaphangi, waze wayilahla ebusweni bakhe. 21 Ngokuba wahlwitha u -Israyeli endlini kaDavide ; bambeka uJerobowamu indodana kaNebati inkosi ; uJerobowamu wamqubula u -Israyeli ukuba angamlandeli uJehova, wamonisa ngesono esikhulu. 22 Abantwana bakwa -Israyeli bahamba ezonweni zonke zikaJerobowamu azenzayo, abasukanga kuzo, 23 uJehova waze wamsusa u -Israyeli ebusweni bakhe njengokukhuluma kwakhe ngesandla sazo zonke izinceku zakhe abaprofethi . Wayesethunjwa u- Israyeli ezweni lakubo, wayiswa e-Asiriya kuze kube namuhla. AmaSamariya nokukhonza kwawo izithombe 24 Inkosi yase -Asiriya yalanda abantu eBabele , naseKhutha, nase-Ava, naseHamati, naseSefarivayimi, yabahlalisa emizini yaseSamariya esikhundleni sabantwana bakwa -Israyeli; badla iSamariya , bahlala emizi ni yalo. 25 Kwathi ekuqaleni kokuhlala kwabo khona abamesabanga uJehova ; ngalokho uJehova wathuma izingonyama pha kathi kwabo, zabulala abanye kubo. 26 Base bekhuluma enkosini yase -Asiriya, bethi: Abezizwe obasusileyo wabahlalisa emizini yaseSamariya abawazi umthetho kaNkulunkulu wezwe ; ngalokho uthumile izingonyama phakathi kwabo ; bheka, ziyababulala, ngokuba abawazi umthetho kaNkulunkulu wezwe. 27 Inkosi yase -Asiriya yayisiyala ngokuthi : Yisani khona omunye wabapristi enibathumbile lapho , ahambe ahlale khona , abafundise umthetho kaNkulunkulu wezwe. 28 Wayesefika omunye wabapristi ababebathumbile eSamariya, wahlala eBethele, wabafundisa ukumesaba uJehova. 29 Kodwa zonke izizwe zazenzela onkulunkulu bazo , zababeka ezindlini zezindawo eziphakemeyo ezazenziwe ngama Samariya, kwaba yileso naleso sizwe emizini esasihlezi kuyo. 30 Abantu baseBabele benza uSukoti Benoti , abantu baseKhuti benza uNerigali, abantu baseHamati benza u-Ashima, 31 ama-Avi enza oNibihazi noTharithaki , amaSefarivayimi ashisa abantwana bawo ngomlilo ko-Adirameleki no -Anameleki, onkulunkulu bamaSefarivayimi. 32 Kepha babemkhonza noJehova , bazenzela phakathi kwabo abapristi bezindawo eziphakemeyo ababahlabela ezindlini zezindawo eziphakemeyo. 33 Bamesaba uJehova , bakhonza nawonkulunkulu babo njengomthet ho wezizwe ababesuswe phakathi kwazo. 34 Kuze kube namuhla benza njengemithetho yakuqala : abamesabi uJehova, abenzi njengezimiso , nezimemezelo zabo, nomthetho wabo , nemiyalo yabo uJehova ayala ngayo abantwana bakwaJakobe amutha u-Israyeli, 35 uJehova enza nabo isivumelwano, wabayala wathi: Aniyikwesaba abanye onkulunkulu, ningakhothameli kubo, ningabakhonzi, ningabahlabeli; 36 kepha uJehova owanikhuphula ezweni laseGibithe ngamandla amakhulu nangengalo eyeluliweyo yena niyakumesaba , kuyena niyakukhothamela , nimhlabele yena; 37 izimiso nezimemezelo nomthetho nemiyalo anilobela khona yikho eniyakukugcina ukuba nikwenze; ningesabi abanye onkulunkulu; 38 aniyikukhohlwa isivumelwano engisenzile nani , ningesabi abanye onkulunkulu; 39 kepha niyakwesaba uJehova uNkulunk ulu wenu ; yena uyakunophula esandleni sazo zonke izitha zenu. 40 Nokho abalalelanga, kodwa benza njengemithetho yabo yakuqala. 41 Zesaba-ke lezo zizwe uJehova , kepha zakhonza izithombe zazo ezibaziweyo, kanjalo nabantwana bazo nabantwana babantwana bazo ; njengalokho benzile oyise, benze njalo nabo kuze kube namuhla.