Skip to Content

AmaHubo Chapter 66

1 Mhubeleni ngenjabulo uNkulunkulu, mhlaba wonke. 2 Hlabelelelani inkazimulo yegama lakhe, nibabaze ukudunyiswa kwakhe. 3 Yishoni kuNkulunkulu , nithi: Yeka ukwesabeka kwemisebenzi yakho . Ngenxa yobukhulu bamandla akh o izitha zak ho ziyakuzithoba phansi kwakho. 4 Umhlaba wonke uyakukhuleka kuwe , ukudumise; bayakuhubela igama lakho. Sela 5 Wozani nibone izenzo zikaNkulunkulu ; uyesabeka ekwenzeni kwakhe kubantwana babantu. 6 Ulwandle waluguqula lwaba yizwe elomileyo ; bawela umfula nge zinyawo; lapho sathokoza kuye. 7 Ubusa ngamandla akhe kuze kube phakade ; amehlo akhe ayahlozinga izizwe; abanenkani mabangaziphakamisi. Sela 8 Bongani uNkulunkulu wethu nina zizwe , nizwakalise izwi lokudunyiswa kwakhe 9 ogcina umphefumulo wethu ekuphileni , engaluvumeli unyawo lwethu lushelele. 10 Ngokuba wena Nkulunkulu usilingile , wasihlanza njengokuhlanzwa kwesiliva. 11 Wasingenisa enetheni; wabeka umthwalo onzima ezinkalweni zethu. 12 Wavumela abantu ukuba bakhwele phezu kwamakhanda ethu ; sangena emlilweni nasemanzini; kepha wasikhiphela ekubuseni. 13 Ngiyakungena endlini yakho ngineminikelo yokushiswa ; ngizakugcwalisa kuwe izithembiso zami 14 ezaphinyiselwa yizindebe zami , zakhulunywa ngumlomo wami ngisekuhluphekeni. 15 Ngiyakunikela kuwe iminikelo yokushiswa yezinonileyo kanye nephunga lezinqama; ngiyakunikela ngezinkunzi nangezimpongo. Sela 16 Wozani nizwe nina nonke enesaba uNkulunkulu ; ngizakulandisa akwenzele umphefumulo wami. 17 Ngakhala kuye ngomlomo wami; ukudumisa kwakuphansi kolimi lwami. 18 Uma bengiqonde ububi enhliziyweni yami, ibingayikungizwa iNkosi. 19 Ngempela uNkulunkulu uzwile, walalela izwi lomkhuleko wami. 20 Makabongwe uNkulunkulu ongalahlanga umkhuleko wami nomusa wakhe kimi.