AmaHubo Chapter 67
1
UNkulunkulu makabe nomusa kithina , asibusise; makakhanyise ubuso bakhe phezu kwethu, Sela
2
ukuze indlela yakho yaziwe emhlabeni , insindiso yakho kubo bonke abezizwe.
3
Abantu mabakubonge, Nkulunkulu; mabakubonge abantu bonke.
4
Izizwe mazijabule, zethabe; ngokuba izizwe uzahlulela ngokulunga , uzihola izizwe emhlabeni. Sela
5
Abantu mabakubonge, Nkulunkulu; mabakubonge abantu bonke.
6
Umhlaba uthelile izithelo zawo ; uNkulunkulu, uNkulunkulu wethu , uyasibusisa.
7
UNkulunkulu uyasibusisa; imikhawulo yonke yomhlaba iyakumesaba.