UZakariya Chapter 12
1
Isiprofetho. Izwi likaJehova ngo -Israyeli. UJehova oweneka amazulu , wabeka isisekelo somhlaba , wabumba umoya womuntu phakathi kwakhe , uthi:
2
Bheka, ngiyakwenza iJerusalema libe yindebe yokutengezela kubo bonke abantu nxazonke nakulo iJuda ekuvinjezelweni kweJerusalema.
3
Kuyakuthi ngalolo suku ngenze iJerusalema libe yitshe elisindayo kuzo zonke izizwe; zonke ezizithwesa lona ziyakusikwa nokusikwa ; zonke izizwe zomhlaba ziyakulihlanganyela.
4
Ngalolo suku, usho uJehova, ngiyakushaya onke amahhashi ngokugcwaneka nezinkweli zawo ngobuhlanya ; ngiyakuvula amehlo ami phezu kwendlu yakwaJuda, ngishaye onke amahhashi abezizwe ngobumpumputhe.
5
Ababusi bakwaJuda bayakusho ezinhliziyweni zabo ukuthi : Abakhileyo eJerusalema bangamandla ami kuJehova Sebawoti, uNkulunkulu wabo.
6
Ngalolo suku ngiyakwenza ababusi bakwaJuda babe ngumcengezi womlilo phakathi kwemithi nobhaqa lomlilo phakathi kwezithungu ; bayakuqeda bonke abantu n xazonke ngakwesokunene nangakwesokhohlo , iJerusalema libe lisahlala endaweni yalo eJerusalema.
7
UJehova uyakusindisa amatende akwaJuda kuqala , ukuze udumo lwendlu yakwaDavide nodumo lwabakhileyo eJerusalema lungakhuliswa phezu kukaJuda.
8
Ngalolo suku uJe hova uyakulondoloza abakhileyo eJerusalema ; okhubekayo phakathi kwabo ngalolo suku uyakuba njengoDavide , indlu kaDavide ibe njengoNkulunkulu, njengengelosi kaJehova ngaphambi kwabo.
9
Kuyakuthi ngalolo suku ngifune ukuchitha bonke abezizwe abahlasela iJerusalema.
10
Ngiyakuthululela phezu kwendlu kaDavide naphezu kwabakhileyo eJerusalema umoya womusa nowokunxusa , bambheke abamgwazileyo , bamlilele njengokulilela ozelwe yedwa , babe nomunyu ngaye njengonomunyu ngezibulo lakhe.
11
Ngalolo suku kuyakuba khona uku lila okukhulu eJerusalema njengokulila kweHadadi Rimoni esigodini saseMegidoni.
12
Izwe liyakulila imindeni ngemindeni ngokwayo : umndeni wendlu yakwaDavide ngokwawo nabesifazane bawo ngokwabo ; umndeni wendlu yakwaNathani ngokwawo nabesifazane bawo ngokwabo;
13
umndeni wendlu yakwaLevi ngokwawo nabesifazane bawo ngokwabo ; umndeni kaShimeyi ngokwawo nabesifazane bawo ngokwabo,
14
nayo yonke imindeni eseleyo, imindeni ngemindeni ngokwayo nabesifazane bayo ngokwabo.