UZakariya Chapter 13
1
Ngalolo suku kuyakuba khona umthombo ovulelwa izono nokungcola kwendlu kaDavide nabakhileyo eJerusalema.
2
Kuyakuthi ngalolo suku, usho uJehova Sebawoti , nginqume amagama ezithombe ezweni, zingabe zisakhunjulwa, ngidlulise abaprofethi nawomoya abangcolileyo ezweni.
3
Kuyakuthi uma kusaprofetha umuntu, uyise nonina abamzalayo basho kuye ukuthi: Awuyikuphila, ngokuba ukhuluma amanga egameni likaJehova, uyise nonina abamzalayo bamgwaze esaprofetha.
4
Kuyakuthi ngalolo suku abaprofethi babe namahloni , kube yilowo n alowo ngombono wakhe ekuprofetheni kwakhe , bangembathi ingubo yoboya ukuyokhohlisa;
5
kepha uyakuthi: Angisiye umprofethi, ngingumlimi womhlabathi, ngokuba umuntu wangithenga ebusheni bami.
6
Uma sekuthiwa kuye : Iyini leyo mivimbo esezandleni zakho na ? uyakuthi: Engashaywa ngayo endlini yabathandiweyo bami. Umalusi wamanga
7
Vuka, nkemba, uvukele umalusi wami, uvukele umuntu ongumngane wami, usho uJehova Sebawoti . Shaya umalusi , zize zihlakazeke izimvu , bese ngiphendulela abancane isandla sami.
8
Kuyakuthi ezweni lonke, usho uJehova, kunqunywe izinxenye ezimbili kulo, zibhubhe, kusale eyesithathu kulo.
9
Ngiyakungenisa inxenye yesithathu emlilweni , ngibacwengisise njengokucwengisiswa kwesiliva, ngibavivinye njengokuvivinywa kwegolide ; bayakubiza igama lami, ngibaphendule, ngithi: Bangabantu bami; base bethi: UJehova unguNkulunkulu wami.