Skip to Content

UZakariya Chapter 11

1 Vula iminyango yakho, Lebanoni, ukuba umlilo udle imisedari yakho. 2 Hhewula, msayipuresi, ngokuba umsedari uyawa , ngokuba emihle iyachithwa; hhewulani nina ma -oki aseBashani , ngokuba ihlathi elingenakudatshulwa liyawa. 3 Izwi lokukhala kwabelusi ! ngokuba udumo lwabo luyachithwa ; izwi lokubhonga kwamabhongo ezingonyama ! ngokuba ubuhle beJordani buyaqothulwa. Abelusi bakwa-Israyeli 4 Usho kanje uJehova uNkulunkulu wami, uthi: Yalusa izimvu zokuhlatshwa, 5 ezibathengi bazo bazihlaba, bengazithwesi icala bona kodwa, nezibathengisi bazo bathi : M akabongwe uJehova , ngokuba ngiceba njalo , nezibelusi bazo bangazihawukeli. 6 Ngokuba angisayikubahawukela abakhileyo ezweni , usho uJehova , kepha bheka, ngiyakunikela abantu, kube yilowo nalowo esandleni somakhelwane wakhe nasesandleni senkosi yakhe ; bona bayakushaya izwe labo , kepha angiyikubophula esandleni sabo. 7 Ngase ngalusa izimvu zokuhlatshwa , izimvu ezihluphekayo . Ngazithathela izintonga ezimbili , enye ngayibiza ngokuthi uMusa , nenye ngayibiza ngokuthi uZibopho; ngalusa-ke izimvu. 8 Ngabanquma abelusi bobathathu ngenyanga inye , ngokuba umph efumulo wami wadinwa yibo, nganengwa ngumphefumulo wabo. 9 Ngase ngithi : Angisayikunalusa; efayo mayife, eyakuchithwa mayichithwe, neziseleyo mazidle, kube yileyo naleyo inyama yenye. 10 Ngase ngithatha induku yami uMusa , ngayinqamula, ukuze ngaphule isivumelwano sami engangisenzile nabantu bonke. 11 Saphulwa ngalona lolo suku , bese zazi izimvu ezihluphekayo ezangilalela ukuthi kwakuyizwi likaJehova. 12 Ngase ngithi kuzo: Uma kukuhle emehlweni enu, ngipheni inkokhelo yami, kepha uma kungenjalo, yekani. Zase zilinganisela inkokhelo yami izinhlamvu ezingamashumi amathathu zesiliva. 13 Wathi kimi uJehova : Ziphonse kumbumbi, inani elikhulu engilinganisiwe nalo yibo . Ngazamukela izinhlamvu ezingamashumi amathathu zesiliva , ngaziphonsa kumbumbi endlini kaJehova. 14 Ngase ngiyinqamula intonga yami yesibili , uZibopho, ukuba ngaphule ubuzalwane phakathi kukaJuda no-Israyeli. 15 UJehova wayesethi kimi: Zithathele izikhali zomalusi oyisiwula. 16 Ngokuba bheka , ngiyakuvusa umalusi ezweni ongayikuhambela ezilahlekileyo, angafuni ezihlakazekileyo , angazelaphi ezaphukileyo , angaboneleli eziphilayo , kepha adle inyama yezikhulupheleyo , adwebule izinselo zazo. 17 Maye kumalusi oyisiwula oshiya izimvu ! Inkemba iyakuba sengalweni yakhe nasesweni l akhe lokunene ; ingalo yakhe iyakubuna nokubuna, neso lakhe lokunene liyakufiphala nokufiphala.