Skip to Content

UZakariya Chapter 10

1 Celani kuJehova imvula ngesikhathi semvula yamuva , uJehova owenza imibani, abesebanika izihlambi zemvula , yilowo nalowo aphiwe utshani ezweni lakhe. 2 Ngokuba amatherafi akhulumile okuyize, nababhuli babone okungamanga; bakhuluma amaphupho angelutho , baduduza n geze; ngalokho bayasuka njengezimvu, bathotshisiwe, ngokuba kungekho umalusi. 3 Intukuthelo yami ivuthele abelusi ; ngiyakujezisa izimpongo , ngokuba uJehova Sebawoti uyakuhambela umhlambi wakhe, indlu yakwaJuda, abenze babe njengehhashi elinobukhosi ekulweni. 4 Kuyena kuyakuphuma itshe legumbi , kuyena isikhonkwane , kuyena umnsalo wempi, kuyena bonke ababusi kanyekanye. 5 Bayakuba njengamaqhaw e anyathela udaka ezitaladini ekulweni ; bayakulwa, ngokuba uJehova unabo, nezinkweli zamahhashi ziyakujabha. 6 Ngiyakuqinisa indlu yakwaJuda, ngisindise indlu yakwaJosefa, ngibabuyise, ngokuba nginomusa kubo , babe kungathi angizange ngibalahle , ngokuba nginguJehova uNkulunkulu wabo; ngiyakubezwa. 7 U-Efrayimi uyakuba njengeqhawe ; inhliziyo yabo iyakuthokoza njengangewayini; abantwana babo bayakukubona, bathokoze; inhliziyo yabo iyakujabula kuJehova. 8 Ngiyakubahlabela ikhwelo, ngibabuthe, ngokuba ngibahlengile; bayakwanda njengalokho kade banda. 9 Nalapho ngibahlwanyela phakathi kwabantu , bayakungikhumbula ezindaweni ezikude, baphile kanye nabantwana babo, babuye. 10 Ngiyakubabuyisa ezweni laseGibithe , ngibabuthe e -Asiriya, ngibangenise ezweni lakwaGileyadi naseLebanoni, abayikutholelwa indawo. 11 Bayakudabula elwandle lokuhlupheka , kushaywe amaza olwandle , nezintwa zonke zeN ayile ziyakoma, kwehliswe ukuziphakamisa kwe -Asiriya, isuke intonga yaseGibithe. 12 Ngiyakubaqinisa kuJehova, bahambe egameni lakhe, usho uJehova.