UZakariya Chapter 9
1
Isiprofetho sezwi likaJehova phezu kwezwe lakwaHadiraki; nalo iDamaseku liyakuba yindawo yokuhlala kwaso , ngokuba uJehova uneso kubantu , ikakhulu kuzo zonke izizwe zakwa-Israyeli,
2
kanye neHamati elikhawula kulo, neTire neSidoni, ngokuba kuhlakaniphile kakhulu.
3
ITire lazakhela inqaba , lanqwabela isiliva njengothuli , negolide elicwengekileyo njengodaka lwasezitaladini.
4
Bheka, iNkosi iyakulaphuca , iphonse imfuyo yalo elwandle , lona lidliwe ngumlilo.
5
I-Ashikeloni liyakukubona, lesabe, neGaza futhi, bese lithuthumela kakhulu, kanye ne -Ekroni, ngokuba ukwethemba kwalo kuyakujabha ; inkosi iyakubhubha eGaza, ne-Ashikeloni aliyikuhlalwa.
6
E-Ashidodi kuyakuhlala umntwana wesihlahla ; ngiyakunquma ukuziphakamisa kwamaFilisti.
7
Ngiyakukhipha igazi labo emlonyeni wabo , nezinengiso zabo phakathi kwamazinyo abo , nabo uqobo babe yinsali kuNkulunkulu wethu , babe ngababusi kwaJuda nase-Ekroni njengamaJebusi.
8
Ngiyakumisa ngibe yinqaba yendlu yami , ukuze kungabikho odlula yo nobuyayo; akusayikudlula mcindezeli kubo , ngokuba sengibonile ngawami amehlo. INkosi yaseSiyoni
9
Thokoza kakhulu , ndodakazi yaseSiyoni ; jabula nokujabula , ndodakazi yaseJerusalema; bheka, iNkosi yakho iza kuwe , ilungile, inensindiso, ithobekile, ikhwele imbongolo, ithole, inkonyane yembongolokazi.
10
Ngiyakunquma inqola kwa -Efrayimi nehhashi eJerusalema , nomnsalo wokulwa uyakunqunywa ; iyakukhuluma ukuthula kwabezizwe , nokubusa kwayo kuyakusukela elwandle kuze kufike elwandle, kusukela eMfuleni kuze kufike emajukujukwini omhlaba.
11
Nawe, ngenxa yegazi lesivumelwano sakho , ngikhiphile iziboshwa zakho emgodini okungekho kuwo amanzi.
12
Buyelani enqabeni, ziboshwa esezinethemba; namuhla ngiyanitshela ukuthi ngiyakubuyisela kini okuphindwe kabili.
13
Ngokuba ngizigobela uJuda njengomnsalo , ngibeka u -Efrayimi kuwo , ngivusela amadodana akho , Siyoni, kumadodana akho , Javani, ngikwenze inkemba yeqhawe.
14
UJehova abesebonakala phezu kwabo , umcibisholo wakhe uphume njengonyazi; iNkosi uJehova iyakubetha icilongo , ihambe ngezivunguvungu zaseningizimu.
15
UJehova Sebawoti uyakubavikela , badle, banyathele phansi amatshe endwayimana; bayakuphuza igazi labo njengewayini , bagcwale njengemikhele, njengamagumbi e-altare.
16
UJehova uNkulunkulu wabo uyakubasindisa ngalolo suk u njengomhlambi wabantu bakhe , ngokuba bangamatshe omqhele abengezela phezu kwezwe lakhe.
17
Yeka ubuhle balo ! Yeka ukubukeka kwalo ! Amabele abo ayakuhlumisa izinsizwa zalo, newayini elisha izintombi zalo.