1 uSamuweli Chapter 19
1
USawule wakhuluma kuJonathani indodana yakhe nakuzo zonke izin ceku zakhe ngokubulala uDavide . Kepha uJonathani indodana kaSawule wamenamela kakhulu uDavide.
2
UJonathani wamtshela uDavide, wathi: USawule ubaba ufuna ukukubulala ; ngalokho ake uxwaye kusasa, uhlale esitha, ucashe;
3
ngiyakuphuma ngime ngakubaba endle lap ho ukhona, ngikhulume ngawe nobaba; uma ngibona okuthile, ngiyakukutshela.
4
UJonathani wakhuluma okuhle ngoDavide kuSawule uyise , wathi kuye : Inkosi mayingayoni inceku yayo uDavide, ngokuba akakonanga, nemisebenzi yakhe kuwe ilungile kakhulu;
5
wabeka ukuphila kwakhe esandleni sakhe , wabulala umFilisti , uJehova wamenzela wonke u -Israyeli insindiso enkulu , wakubona wena, wathokoza; pho, uyakulonelani igazi elingenacala, umbulale uDavide engone lutho na?
6
USawule walilalela izwi likaJonathani ; uSawule wafunga wathi: Kuphila kukaJehova, akayikubulawa.
7
UJonathani wambiza uDavide ; uJonathani wamtshela konke lokho . UJonathani wamyisa uDavide kuSawule , waba khona ebusweni bakhe njengakuqala. USawule uphinda azame ukumbulala uDavide. Ukubaleka kukaDavide. UDavide useRama
8
Kwabuye kwaba khona impi futhi ; uDavide waphuma walwa namaFilisti , wawaceka ngokuceka okukhulu; ambalekela.
9
Umoya omubi owavela kuJehova wamehlela uSawule ehlezi endlini yakhe , ephethe umkhonto esandleni sakhe; uDavide wayebetha ngesandla.
10
USawule wafuna ukumbhujela uDavide ngomkhonto odongeni , kepha wanyelela ebusweni bukaSawule , wagwaza ngomkhonto odongeni ; uDavide wabaleka, waphunyuka ngalobo busuku.
11
USawule wathuma izithunywa endlini kaDavide ukuba zimlinde, zimbulale ekuseni; uMikhali umkaDavide wamtshela wathi : Uma ungasindisi ukuphila kwakho ngalobu busuku, uyakubulawa kusasa.
12
UMikhali wamehlisa uDavide ngefasitele , wahamba, wabaleka, waphunyuka.
13
UMikhali wathatha itherafi, walibeka embhedeni, wabeka isicamelo soboya bezimbuzi ngasekhanda lalo, walembesa izingubo.
14
Lapho uSawule esethuma izithunywa ukumthatha uDavide, wathi: Uyagula.
15
USawule wathuma izithunywa ukumbona uDavide, ethi: Mkhuphuleni kimi ngombhede ukuba ngimbulale.
16
Lapho izithunywa zingena, bheka, itherafi lalisembhedeni, isicamelo soboya bezimbuzi singasekhanda lalo.
17
USawule wathi kuMikhali : Ungikhohliseleni kanje , uvumele isitha sami ukuba sihambe, siphunyuke, na? UMikhali wamphendula uSawule ngokuthi: Wathi kimi: Ngivumele ukuba ngihambe; ngiyakukubulalelani na?
18
Wayesebaleka uDavide, waphunyuka, waya kuSamuweli eRama, wamtshela konke uSawule abekwenzile kuye. Yena noSamuweli baya bahlala eNayoti.
19
Kwabikwa kuSawule, kwathiwa: Bheka, uDavide useNayoti eRama.
20
USawule wathuma izithunywa ukumthatha uDavide ; lapho zibona iviyo labaprofethi beprofetha , uSamuweli emi engumholi wabo , uMoya kaNkulunkulu wazehlela izithunywa zikaSawule, nazo zaprofetha.
21
Kwabikwa kuSawule ; wathuma ezinye izithunywa ; nazo zaprofetha . USawule wayesephinda wathuma izithunywa ngokwesit hathu; nazo zaprofetha.
22
Wayeseya naye eRama , wafika emthonjeni oseSeku , wabuza ukuthi: Baphi oSamuweli noDavide na? Kwathiwa: Bheka, baseNayoti eRama.
23
Wayeseya khona eNayoti eRama ; uMoya kaNkulunkulu wehlela naphezu kwakhe, wahambahamba waprofetha, waze wafika eNayoti eRama.
24
Naye wakhumula izingubo zakhe, waprofetha naye phambi kukaSamuweli, walala phansi enqunu lonke lolo suku nabo bonke lobo busuku . Ngalokho kwathiwa: Naye uSawule uphakathi kwabaprofethi na?