1 uSamuweli Chapter 18
1
Kwathi eseqedile ukukhuluma kuSawule , inhliziyo kaJonathani yanamathela enhliziyweni kaDavide , uJonathani wamthanda njengenhliziyo yakhe.
2
USawule wamthatha ngalolo suku , akabe esamvumela ukubuyela endlini kayise.
3
OJonathani noDavide be nza isivumelwano , ngokuba wamthanda njengenhliziyo yakhe.
4
UJonathani wakhumula ingubo ayenayo , wayinika uDavide , nezinye izambatho zakhe kwaze kwaba nenkemba yakhe, nomnsalo wakhe, nebhande lakhe.
5
UDavide waphuma , waya nomaphi lapho uSawule emthuma khona , waziphatha ngokuhlakanipha ; uSawule wambeka phezu kwamadoda empi ; wayemuhle emehlweni abantu bonke nasemehlweni ezinceku zikaSawule.
6
Kwathi ekufikeni kwabo , uDavide esebuya ekubulaleni umFilisti , abesifazane baphuma emizini yonke yakwa -Israyeli, behlabelela besina , ukuba bamhlangabeze uSawule inkosi ngezigubhu , nangokuthokoza, nangezinkenenezo.
7
Abesifazane bavumelana ngokudlala , bathi: USawule ubulele izinkulungwane zakhe, kepha uDavide izinkulungwane zakhe eziyishumi.
8
USawule wathukuthela kakhulu , laba libi lelo zwi emehlweni akhe ; wathi: Bamnike uDavide izinkulungwane eziyishumi , kepha mina banginike izinkulungwane nje; sekumsalele umbuso kuphela.
9
USawule wambheka uDavide kusukela kulolo suku kuya phambili.
10
Kwathi ngangomuso umoya omubi owavela kuNkulunkulu wamehlela uSawule, wabheva phakathi kwendlu ; uDavide wayebetha ngesandla sakhe njengokwenza kwakhe izinsuku ngezinsuku; uSawule wayenomkhonto wakhe esandleni sakhe.
11
USawule wawuciba umkhonto , ngokuba wathi: Ngiyakumbhujela uDavide odongeni. Kepha uDavide washalaza phambi kwakhe kabili.
12
USawule wamesaba uDavide , ngokuba uJehova wayenaye , kepha wayesukile kuSawule.
13
Ngalokho uSawule wamsusa kuye , wambeka abe yinduna yakhe yenkulungwane; wayephuma engena phambi kwabantu.
14
UDavide waziphatha ngokuhlakanipha kuzo zonke izindlela zakhe; uJehova wayenaye.
15
Lapho uSawule ebona ukuthi waziphatha ngokuhlakanipha, wamesaba.
16
Kepha wonke u -Israyeli noJuda bamthanda uDavide , ngokuba wayephuma engena phambi kwabo. UDavide umkhwenyana wenkosi
17
USawule wathi kuDavide : Bheka, indodakazi yami enkulu uMerabi ngiyakukunika yona ibe ngumkakho; yiba yiqhawe lami kuphela, ulwe izimpi zikaJehova. Ngokuba uSawule wathi: Isandla sami masingabi phezu kwakhe , kepha isandla samaFilisti masibe phezu kwakhe.
18
UDavide wathi kuSawule : Mina ngingubani , kuyini ukuphila kwami , nomndeni kababa uyini kwa-Israyeli ukuba ngibe ngumkhwenyana wenkosi?
19
Kepha kwathi ngesikhathi uMerabi indodakazi kaSawule ebeyakunikwa uDavide, wanikwa ku-Adriyeli waseMehola abe ngumkakhe.
20
UMikhali indodakazi kaSawule wamthanda uDavide ; bamtshela uSawule , kwaba kuhle emehlweni akhe.
21
Wayesethi uSawule : Ngiyakumnika yena ukuba abe lugibe kuye , isandla samaFilisti sibe phezu kwakhe . Ngalokho uSawule wathi kuDavide: Uyakuba ngumkhwenyana wami ngokwesibili namuhla.
22
USawule wayaleza izinceku zakhe ngokuthi : Khulumani noDavide ngasese, nithi: Bheka, inkosi yenamile ngawe, nazo zonke izinceku zayo ziyakuthanda; ngalokho yiba ngumkhwenyana wenkosi.
23
Izinceku zikaSawule zakhuluma lawo mazwi ezindle beni zikaDavide . UDavide wathi: Kuyinto elula emehlweni enu ukuba ngibe ngumkhwenyana wenkosi, lokhu ngingumuntu ompofu nodelelikileyo na?
24
Izinceku zikaSawule zamtshela zathi: Wakhuluma kanjalo uDavide.
25
USawule wathi : Niyakusho kanje kuDavide , nithi: Inkosi ayifuni ilobolo , kuphela amajwabu ayikhulu amaFilisti ukuba kuphindiswe ezitheni zenkosi . USawule wacabanga ukumwisa uDavide ngesandla samaFilisti.
26
Izinceku zakhe zamtshela uDavide lawo mazwi , kwaba kuhle emehlweni kaDavide ukuba abe ngumkhwenyana wenkosi, kepha izinsuku zazingakapheleli;
27
uDavide wasuka waya , yena nabantu bakhe , wabulala kuwo amaFilisti abantu abangamakhulu amabili ; uDavide waletha amajwabu abo , bawayisa enkosini ephelele ukuba abe ngumkhwenyana wenkosi . USawule wayesemnika uMikhali indodakazi yakhe abe ngumkakhe.
28
USawule wabona, wazi ukuthi uJehova unoDavide ; uMikhali indodakazi kaSawule wamthanda.
29
USawule wayesemesaba uDavide kakhulu; uSawule wayeyisitha sikaDavide sonke isikhathi.
30
Kwase kuphuma izikhulu zamaFilisti ; kwathi njalo uma zisaphuma , uDavide waziphatha ngokuhlakanipha kakhulu kunazo zonke izinceku zikaSawule, laze laduma kakhulu igama lakhe.