"eziphakemeyo"
86 occurrences in ZUL
Amanzi andisisa impela emhlabeni ; zasitshekelwa zonke izi ntaba eziphakemeyo eziphansi kwezulu lonke.
Ngiyakuchitha izindawo zenu eziphakemeyo , nginqume ama-altare enu empepho, ngilahle izidum bu zenu phezu kwezidumbu zezithombe zenu ; umphefumulo wami uyakunengwa yinina.
Kwathi ekuseni uBalaki wamthatha uBileyamu , wamyisa ezindaweni eziphakemeyo zikaBali, wabona elapho inxenye yabantu.
niyakuxosha bonke abakhile yo ezweni phambi kwenu , nichithe yonke imifanekiso yabo , nibulale zonke izithombe zabo ezibunjiweyo , nibhidlize zonke izindawo zabo eziphakemeyo,
Yonke lena yayiyimizi ebiyelwe ngezingange eziphakemeyo , namasango, nemigoqo, ngaphandle kwemizana eminingi kakhulu.
Niyakuchitha nokuchitha zonke izindawo , lapho izizwe eniyakuzidla zazikhonza khona onkulunkulu bazo ezintabeni eziphakemeyo, nasemadulini, naphansi kwayo yonke imithi eluhlaza,
Wamkhwelisa ezindaweni eziphakemeyo zomhlaba , wadla izithelo zamasimu, wammuncisa izinyosi edwaleni, namafutha eweni lensengetsha,
Ubusisiwe wena Israyeli ; ngubani ofana nawe , isizwe esisindisiwe nguJehova oyisihlangu sosizo lwakho , oyinkemba yakho ephakanyisiweyo. Izitha zakho ziyakuzithobela wena, unyathele izindawo zabo eziphakemeyo.
UZebuloni wayengaba ntu abazidel a kwaze kwaba sekufeni , uNafetali kanjalo ezindaweni eziphakemeyo zezwe.
Nokho abantu babehlaba ezindaweni eziphakemeyo , ngokuba kwakungakhelwanga igama likaJehova indlu kwaze kwaba yilezo zinsuku.
USolomoni wamthanda uJehova , wahamba ngezimiso zikaDavide uyise ; kepha wahlaba, washisa impepho ezindaweni eziphakemeyo. Ukuhlaba kukaSolomoni nephupho lakhe eGibeyoni
Wakha nezindlu zezindawo eziphakemeyo , wenza abapristi ngeningi labantu abangesiwo amadodana kaLevi.
UJerobowamu wagubha umkhosi ngenyanga yesishiyagalombili ngosuku lweshumi nanhlanu lwenyanga njengomkhosi wakwaJuda , wenyukela e - altare; wenze njalo eBethele ukuba ahlabele amathole awenzileyo ; wabeka eBethele abapristi bezindawo eziphakemeyo azenzileyo.
Walibiza i -altare ngezwi likaJehova , wathi: Altare, altare, usho kanje uJehova, uthi: Bheka, kuzakuzalwa umntwana kuyo indlu kaDavide , nguJosiya igama lakhe ; uyakunikela phezu kwakho ngabapristi bezindawo eziphakemeyo abashisa impepho phezu kwakho, bashise namathambo abantu phezu kwakho.
Ngokuba izwi alimemezayo ngokusho kukaJehova kulo i-altare laseBethele nakuzo zonke izindlu zezindawo eziphakemeyo ezisemizini yaseSamariya liyakwenzeka nokwenzeka. UJerobowamu uqhubeka ebubini
Emva kwalokho uJerobowamu akaphendukanga nokho endleleni yakhe embi, kepha wabuye wenza abapristi bezindawo eziphakemeyo ngeningi labantu; othandayo wahlukaniselwa, wabangumpristi wendawo ephakemeyo.
Nabo bazakhela izindawo eziphakemeyo, nezinsika, nawo-Ashera emagqumeni onke aphakemeyo naphansi kwemithi yonke eluhlaza.
Kodwa izindawo eziphakemeyo azisuswanga ; nokho inhliziyo ka -Asa yayikuJehova ngokupheleleyo zonke izinsuku zakhe.
Wahamba ngezindlela zonke zika-Asa uyise , kaphambukanga kuzo , enza okulungile emehlweni kaJehova . Kepha izindawo eziphakemeyo azisuswanga; abantu babesanikela , babesashisa impepho ezindaweni eziphakemeyo.
Nokho izindawo eziphakemeyo azisuswanga ; abantu babesahlaba, besashisa impepho ezindaweni eziphakemeyo.
Kepha izindawo ezipha kemeyo azisuswanga; abantu babesahlaba, besashisa impepho ezindaweni eziphakemeyo.
Nokho izindawo eziphakemeyo azisuswanga ; abantu babesahlaba, besashisa impepho ezindaweni eziphakemeyo.
Nokho izindawo eziphakemeyo azisuswanga; abantu babesahlaba, besashisa impepho ezindaweni eziphakemeyo . Wakha isango lasenhla endlini kaJehova.
Wahlaba, washisa impepho ezindaweni eziphakemeyo , nasemagqumeni, naphansi kwayo yonke imithi eluhlaza.
Abantwana bakwa -Israyeli benza ngasese izinto ezingalungile kuJehova uNkulunkulu, bazakhela izindawo eziphakemeyo emizini yabo yonke ngasemibhoshongweni yabalindi nasemizini ebiyelweyo.
bashisa khona impepho ezindaweni zonke eziphakemeyo njengokwenza kwabezizwe uJehova abaxosha phambi kwabo , benza izinto ezimbi ukumcunula uJehova,
Kodwa zonke izizwe zazenzela onkulunkulu bazo , zababeka ezindlini zezindawo eziphakemeyo ezazenziwe ngama Samariya, kwaba yileso naleso sizwe emizini esasihlezi kuyo.
Kepha babemkhonza noJehova , bazenzela phakathi kwabo abapristi bezindawo eziphakemeyo ababahlabela ezindlini zezindawo eziphakemeyo.
Wasusa izindawo eziphakemeyo , wadiliza izinsika , wanquma o -Ashera, wachitha inyoka yethusi ayeyenzile uMose , ngokuba abantwana bakwa - Israyeli babeshisa impepho kuyo kwaze kwaba ngalezo zinsuku ; yabizwa ngokuthi uNehushitani.
Kepha uma nithi kimi: Siyamethemba uJehova uNkulunkulu wethu, akusiye yini ozindawo zakhe eziphakemeyo nama -altare akhe aku susile uHezekiya , wathi kuJuda nakulo iJerusalema : Niyakukhuleka phambi kwaleli altare eJerusalema, na?
Wabuye wakha izindawo eziphakemeyo uHezekiya uyise azichithile ; wamisela uBali ama-altare, wenza u-Ashera njengokwenza kuka-Ahabi inkosi yakwa-Israyeli, wakhuleka kulo lonke ibandla lasezulwini, walikhonza.
Yabasusa abapristi bezithombe amakhosi akwaJuda abamisele ukushisa impepho ezindaweni eziphakemeyo e mizini yakwaJuda nanxazonke zeJerusalema, kanye nabashisa impepho kuBali nakulo ilanga n enyanga nezinkanyezi nalo lonke ibandla lasezulwini.
Yakhipha bonke abaprist i emizini yakwaJuda , yangcolisa izindawo eziphakemeyo, lapho abapristi bebeshise khona impepho , kusukela eGeba kuze kube seBeri Sheba ; yadiliza izindawo eziphakemeyo zasemasangweni asesikhaleni sesango likaJoshuwa umphathimuzi , ezazingakwesokhohlo somuntu ngasesangweni lomuzi.
Kodwa abapristi basezindaweni eziphakemeyo babengenyukeli e -altare likaJehova eJerusalema , kepha badla isinkwa esingenamvubelo phakathi kwabafowabo.
Nazo zonke izindlu zezindawo eziphakemeyo ezazisemizini yaseSamariya , ezenziwa ngamakhosi akwa-Israyeli acunula ngazo, uJosiya wazisusa, wenza kuzona njengazo zonke izenzo azenzileyo eBethele.
Wabulala ema -altare bonke abapristi basezindaweni eziphakemeyo ababe lapho, washisa amathambo abantu phezu kwawo, wabuyela eJerusalema.
Wasusa kuyo imizi yakwaJuda izindawo eziphakemeyo , nama-altare empepho; umbuso wazola phambi kwakhe.
Kodwa izindawo eziphakemeyo azisuswanga kwa-Israyeli; nokho inhliziyo ka-Asa yayiphelele zonke izinsuku zakhe.
Inhliziyo yakhe yaphakanyiswa ezindleleni zikaJehova ; futhi wasusa izindawo eziphakemeyo nawo-Ashera kwaJuda.
Kepha izindawo eziphakemeyo azisuswanga ; futhi aban tu babengabhekisanga izinhliziyo zabo kuNkulunkulu wawoyise.
Futhi wenza izindawo eziphakemeyo ezindaweni zakwaJuda, wenza ukuba abakhileyo eJerusalema baphinge, wayenga uJuda.
Nakuyo yonke imizi yakwaJuda , imizi ngemizi , wenza izindawo eziphakemeyo zokuba ashisele abanye onkulunkulu impepho , wamcunula uJehova uNkulunkulu wawoyise.
Sekuphelile konke lokho , u-Israyeli wonke owayekhona wap huma waya emizini yakwaJuda, waphula izinsika, wagawula o-Ashera, wadiliza izindawo eziphakemeyo nama -altare kwaJuda wonke , nakwaBenjamini, nakwa- Efrayimi, nakwaManase, waze waqeda konke . Base bebuyel a bonke abantwana bakwa -Israyeli, kwaba yilowo nalowo ef eni lakhe , emizini yakubo.
Yena lowo Hezekiya akasusanga yini izindawo eziphakemeyo nama -altare akhe, wayala uJuda neJerusalema, wathi: Niyakukhuleka phambi kwe-altare linye, nishise impepho, na?
Wabuye wakha izindawo eziphakemeyo uHezekiya uyise azidilizile; wamisela oBali ama -altare, wenza o -Ashera, wakhuleka kulo lonke ibandla lasezulwini, walikhonza.
Umkhuleko wakhe, nokunxuswa kukaNkulunkulu nguye, nazo zonke izono zakhe, nazo zonke iziphambeko zakhe , nezindawo akha kuzo izindawo eziphakemeyo, amisa kuzo o-Ashera nezithombe ezibaziweyo, engakazithobi, bheka, lokho kulotshiwe ezindabeni zikaHozayi.
Ngomnyaka wesishiyagalombili wokubusa kwakhe esengumfana waqal a ukufuna uNkulunkulu kaDavide uyise ; ngomnyaka weshumi nambili waqala ukuhlambulula uJuda neJerusalema , wasusa izindawo eziphakemeyo , nawo- Ashera, nezithombe ezibaziweyo, nezithombe ezibunjiweyo.
Bayakhuphukela ethempelini; iDiboni lenyukela ezindaweni eziphakemeyo ukuyokhala; uMowabi uyaklewula eNebo naseMedeba ; onke amakhanda ayizimpandlana, zonke izilevu ziphuculiwe.
Izinqaba eziphakemeyo zezingange zakh o uyakuzibhidliza, azithobise, azenze ukuba zithintane nomhlabathi nothuli.
Kuzo zonke izintaba eziphakemeyo nakuwo onke amagquma amade kuyakuba khona imifula nemifudlana yamanzi ngosuku lokuhlaba okukhulu, lapho kuyakuwa imibhoshongo.
Kepha uma nithi kimi: Siyamethemba uJehova uNkulunkulu wethu, akusiye yini ozindawo zakhe eziphakemeyo nama -altare akhe akususile uHezek iya, wathi kuJuda nakulo iJerusalema: Niyakukhuleka phambi kwaleli altare, na?
khona uyakuzijabulisa kuJehov a, ngikukhweze ezindaweni eziphakemeyo zomhlaba, ngikuphe ukuba ulidle ifa likaJakobe uyihlo , ngokuba umlomo kaJehova ukukhulumile.
UJehova wathi kimi emihleni kaJosiya inkosi : Ubonile okwenziwe ngu - Israyeli ohlehlayo na ? Ukhuphukele kuzo zonke izintaba eziphakemeyo naphansi kwayo yonke imithi eluhlaza, wafeba khona.
Bakhile izindawo eziphakemeyo zaseThofeti ezisesigodini sendodana kaHinomu ukuba bashise amadodana abo namadodakazi ab o ngomlilo , engingakuyalelanga nokungangenanga enhliziyweni yami.
Intaba yami yasendle , impahla yakho nengcebo yakho yonke ngiyakukunikela kube yimpango kanye nezindawo zakho eziphakemeyo ngenxa yezono emikhawulweni yakho yonke.
bakha izindawo eziphakemeyo zikaBali ukushisa amadodana abo ngomli lo, abe yiminikelo yokushiswa kuBali , engingakuyalanga, nengingakukhulumanga, nokungangenanga enhliziyweni yami,
UMika waseMoresheti waprofetha ezinsukwini zikaHezekiya inkosi yakwaJuda, washo kubo bonke abantu bakwaJuda , wathi: U sho kanje uJehova Sebawoti, uthi: ISiyoni liyakulinywa njengensimu, iJerusalema libe yincithakalo, intaba yendlu ibe yizindawo eziphakemeyo zamahlathi.
Bazakha izindawo eziphakemeyo zikaBali ezisesigodini sendodana kaHinomu ukuba badabulise amadodana abo namadodakazi abo emlilweni kuMoloki, engingabayalanga ngakho, nokungangenanga enhliziyweni ukuthi bayakusenza lesi sinengiso ukuze bamonise uJuda.
Ngiyakwenza ukuba kuphele kwaMowabi , usho uJehova , yena onikela ezindaweni eziphakemeyo noshisela onkulunkulu bakhe impepho.
Nina zintaba zakwa -Israyeli, yizwani izwi leNkosi uJehova kuzo izintaba nakuwo amagquma , kuyo imifula yamanzi nakuzo izigodi , lithi: Bhekani, ngiyakwehlisela phezu kwenu inkemba , ngichithe izindawo zenu eziphakemeyo.
Kuzo zonke izindawo zokuhlala kwenu imizi iyakuchithwa , izindawo eziphakemeyo zibe yincithakalo ukuba kuchithwe ama -altare enu, achitheke, kwaphulwe izithombe zenu ziphele , ama-altare enu empepho abhidlizwe , imisebenzi yenu ihlangulwe.
Wathatha ezingu tsheni zakho , wazenzela izindawo eziphakemeyo ezingamagqabhagqabha, wafeba kuzo, okungazange kwenzeke nokungasoze kwenziwa.
Ezingosini zonke zezitaladi wakha izindawo zakho eziphakemeyo , wenza ubuhle bakho baba yisinengiso , wenekela bonke abadlulayo imilenze yakho, wandisa ubufebe bakho.
Ngiyakukunikela esandleni sazo , zilibhidlize iqhugwane lakho , zizidilize izindawo zakho eziphakemeyo , zikuhlubule izingu bo zakho , zithathe izinto zakho ezinhle, zikushiye unqunu, uze.
Isho kanj e iNkosi uJehova , ithi: Ngokuba isitha sisho kuwe , sithi: Ashila, nokuthi: Izindawo eziphakemeyo zamandulo seziyifa lethu,
Wathi kimi: Ndodana yomuntu, lokhu kuyindawo yesihlalo sami sobukhosi, nendawo yamathe ezinyawo zami , lapho ngiyakuhla la khona phakathi kwabantwana bakwa -Israyeli kuze kube phakade ; indlu yakwa -Israyeli ayisayikulingcolisa igama lami elingcwele , yona namakhosi ayo , ngokuphinga kwayo nangezidumbu zamakhosi ayo ezindaweni zayo eziphakemeyo,
Izindawo eziphakemeyo zase -Aveni, isono sakwa -Israyeli, ziyakuchithwa; ameva namakhakhasi ayakukhuphukela ema -altare abo ; bayakuthi kuzo izintaba: Sisibekeleni, nakuwo amagquma: Welani phezu kwethu.
Ngokuba bheka, owabumba izintaba, nowawudala umoya, otshela umuntu umqondo wakhe, owenza ukusa kube ngubumnyama , onyathela ezindaweni eziphakemeyo zomhlaba, igama lakhe linguJehova, uNkulunkulu Sebawoti.
Izindawo eziphakemeyo zika -Isaka ziyakuchithwa , nezindlu ezingcwele zakwa-Israyeli ziyakuqothulwa, ngivukele indlu kaJerobowamu ngenkemba. O-Amasiya no-Amose
Konke lokhu kungenxa yesiphambeko sikaJakobe nangezono zendlu yakwa- Israyeli. Siyini isiphambeko sikaJakobe ? Asiyilo iSamariya na ? Ziyini izindawo eziphakemeyo zakwaJuda? Aziyilo iJerusalema na?