2 iziKronike Chapter 28
1
U-Ahazi wayeneminyaka engamashumi amabili ekuqaleni kwakhe ukubusa , wabusa iminyaka eyishumi nesithupha eJerusalema ; akenzanga okulungile emehlweni kaJehova njengoDavide uyise,
2
kepha wahamba ngezindlela zamakh osi akwa-Israyeli, wenzela oBali izithombe ezibunjiweyo.
3
Washisa impepho esigodini sendodana kaHinomu , washisa abantwana bakhe emlilweni njengezinengiso zabezizwe uJehova abaxosha phambi kwabantwana bakwa-Israyeli.
4
Wahlaba, washisa impepho ezindaweni ez iphakemeyo, nasemagqumeni, naphansi kwayo yonke imithi eluhlaza.
5
UJehova uNkulunkulu wakhe wayesemnikela esandleni senkosi yase - Aramu, bamshaya, bathumba kuye isixuku esikhulu sabathunjwa , babayisa eDamaseku. Naye wanikelwa esandleni senkosi yakwa -Israyeli eyamshaya ngokushaya okukhulu.
6
Ngokuba uPheka indodana kaRemaliya wabulala kwaJuda izinkulungwane eziyikhulu namashumi amabili ngalusuku lunye , bonke bengamadoda anamandla, ngokuba bebeshiyile uJehova uNkulunkulu wawoyise.
7
UZikiri, iqhawe lakwa-Efrayimi, wabulala uMahaseya, indodana yenkosi, no- Azirikamu umbusi wendlu, no-Elkana owelama inkosi.
8
Abantwana bakwa -Israyeli bathumba kubafowabo izinkulungwane ezingamakhulu amabili , abesifazane, namadodana, namadodakazi, besusa kubo nempango eningi, beyiyisa impango eSamariya.
9
Kepha kwakukhona lapho umprofethi kaJehova ogama lakhe lalingu -Odedi; waphuma ukuhlangabeza impi eyayiza eSamariya , wathi kubo : Bhekani, ngokuba uJehova uNkulunkulu wawoyihlo wayethukuthelele uJuda , wabanikela esandleni senu , kepha nin a nibabulele ngokufutha okufinyelele nasezulwini.
10
Manje-ke nithi niyakunyathela phansi abantwana bakwaJuda nabaseJerusalema babe yizigqila nezigqilakazi zenu . Kepha aniyikuba necala kuJehova uNkulunkulu wenu ngalokho kuphela na?
11
Ngalokho ngizweni , nibuyise abathunjwa enibathumbile kubafowenu , ngokuba ulaka olushisayo lukaJehova luphezu kwenu.
12
Kwase kusukuma abezinhloko zabantwana bakwa -Efrayimi, u-Azariya indodana kaJohanani , noBerekiya indodana kaMeshilemoti , noJehizikiya indodana kaShalumi, no-Amasa indodana kaHadilayi, bamelana nabaphuma empini,
13
bathi kubo : Ningabangenisi abathunjwa lapha , ngokuba nicabanga okuyakuba yicala lethu kuJehova ukuba kwenezele ezonweni zethu nasecaleni lethu, ngokuba icala lethu selilikhulu namanje ; ulaka olushisayo luphezu kuka-Israyeli.
14
Abahlomileyo base bebashiya abathunjwa nempango phambi kwezikhulu nebandla lonke.
15
Namadoda abizwe ngamagama ayesesukuma , abathatha abathunjwa, abembathisa impango bonke ababehamba ze , abembathisa, abafaka izicathulo, abapha ukudla , abaphuzisa, abagcoba, abakhweza ezimbongolweni bonke ababebuthakathaka , abayisa eJeriko umuzi wamasundu kubafowabo; ayesebuyela eSamariya.
16
Ngaleso sikhathi inkosi u -Ahazi yathumela emakhosini ase -Asiriya ukuba ayisize.
17
Ngokuba phezu kwakho konke babef ikile abakwa -Edomi, bashaya uJuda , bathumba abathunjwa.
18
NamaFilisti ayengenele imizi yasehlanzeni neyaseningizimu yakwaJuda , athatha iBeti Shemeshi, ne-Ajaloni, neGederoti, neSoko kanye nemizana yalo, neThimna nemizana yalo, neGimizo nemizana yalo; ahlala khona.
19
Ngokuba uJehova wathobisa uJuda ngenxa ka -Ahazi inkosi yakwa-Israyeli, ngokuba wayedlubulundile kwaJuda , waphambuka nokuphambuka kuJehova.
20
Wayesefika kuye uThiligati Philineseri inkosi yase -Asiriya, wamhlupha, akamqinisanga.
21
Ngokuba u -Ahazi waphanga indlu kaJehova nendlu yenkosi neyezikhulu , wakunika inkosi yase-Asiriya, kepha akumsizanga.
22
Ngesikhathi sokuhlupheka kwakhe waqhubeka ekuphambukeni kuJehova , yona leyo nkosi u-Ahazi.
23
Wahlabela onkulunkulu baseDamaseku ababemshayile , wathi: Ngokuba onkulunkulu bamakhosi ase -Aramu bawasiza , ngiyakubahlabela ukuba bangisize nami. Kepha baba yisikhubekiso kuye nakuye wonke u-Israyeli.
24
U-Ahazi waqoqa izinto zendlu kaNkulunkulu , wazihlahlela izinto zendlu kaNkulunkulu, wavala izivalo zendlu kaJeh ova, wazenzela ama -altare emagumbini onke aseJerusalema.
25
Nakuyo yonke imizi yakwaJuda , imizi ngemizi , wenza izindawo eziphakemeyo zokuba ashisele abanye onkulunkulu impepho , wamcunula uJehova uNkulunkulu wawoyise.
26
Ezinye izindaba zakhe nazo zonke izin dlela zakhe, ezokuqala nezokugcina, bheka, zilotshiwe encwadini yamakhosi akwaJuda nakwa-Israyeli.
27
U-Ahazi wayeselala koyise ; bammbela emzini , iJerusalema, ngokuba abamyisanga emathuneni amakhosi akwa-Israyeli; uHezekiya indodana yakhe waba yinkosi esikhundleni sakhe.