Skip to Content

2 iziKronike Chapter 29

1 UHezekiya waqala ukubusa eneminyaka engamashumi amabili nanhlanu , wabusa iminyaka engamashumi amabili nesishiyagalolunye eJerusalema ; igama likanina lalingu-Abiya indodakazi kaZakariya. 2 Wenza okulungile emehlweni kaJehova njengakho konke akwenzileyo uDavide uyise. 3 Ngomnyaka wokuqala wokubusa kwakhe ngenyanga yokuqala wavula izivalo zendlu kaJehova, wazilungisa. 4 Wangenisa abapristi namaLevi, wababutha esigcawini ngasempumalanga, 5 wathi kubo : Ngizweni nina maLevi ; zingcweliseni, niyingcwelise nendlu kaJehova uNkulunkulu wawoyise, nikhiphe ukungcola endaweni engcwele. 6 Ngokuba oyihlo baphambukile , benza okubi emehlweni kaJehova uNkulunkulu wethu , bamshiya, baphendula ubuso babo endl ini kaJehova , bamfulathela. 7 Bavala nezivalo zompheme , bacima izibani , abashisanga impepho , abanikelanga ngeminikelo yokushiswa endaweni engcwele kuNkulunkulu ka - Israyeli. 8 Intukuthelo kaJehova yayisiba phezu kukaJuda neJerusalema , wabanikela baba yisibon elo esibi , nesimangaliso, nento enximfelwayo , njengalokhu nibona ngamehlo enu. 9 Bhekani, obaba bawile ngenkemba , amadodana ethu namadodakazi ethu nawomkethu basekuthunjweni ngenxa yalokho. 10 Manje sekusenhliziyweni yami ukwenza isivumelwano noJehova uNkulunkulu ka-Israyeli ukuba ulaka lwakhe oluvuthayo lubuye kithina. 11 Madodana ami , ningadebeseli, ngokuba nina uJehova unikhethile ukuba nime phambi kwakhe, nimkhonze, nibe yizikhonzi zakhe, nishise impepho. 12 Kwase kusukuma amaLevi : nguMahathi indodana ka -Amasayi noJoweli indodana ka -Azariya emadodaneni amaKohati ; emadodaneni kaMerari : nguKishi indodana ka-Abidi no-Azariya indodana kaJehaleli; kumaGereshoni: nguJowa indodana kaZima no-Edene indodana kaJowa; 13 emadodaneni ka -Elisafani: ngoShimri noJehiyeli ; emadodaneni ka -Asafa: ngoZakariya noMathaniya; 14 emadodaneni kaHemani : ngoJehiyeli noShimeyi ; emadodaneni kaJeduthuni: ngoShemaya no-Uziyeli. 15 Babutha abafowabo , bazingcwelisa, bangena njengesiyalezo senkosi ngamazwi kaJehova ukuba bayihlambulule indlu kaJehova. 16 Abapristi bangena kokuphakathi kwendlu kaJehova ukuba bayihlambulule , nakho konke ukungcola abakufumanisayo ethempelini likaJehova bakukhiphela egcekeni lendlu kaJehova . AmaLevi akuthatha , akukhipha, akuyisa emfudlaneni iKidroni. 17 Baqala ukungcwelisa ngolokuqala lwenyanga yokuqala ; ngosuku lwesishiyagalombili lwenyanga bafika emphemeni kaJehova , bayingcwelisa indlu kaJehova ngezinsuku eziyisishiyagalombili ; ngosuku lweshumi nesithupha lwenyanga yokuqala baqeda. 18 Base bengena phakathi kuHezekiya inkosi, bathi: Sihlambulule yonke indlu kaJehova, ne-altare leminikelo yokushiswa , kanye nazo zonke izinto zayo , netafula lezinkwa zokubukwa. 19 Zonke izinto inkosi u -Ahazi eyazilahla ekuphambukeni kwayo isabusa , sizilungisile, sazingcwelisa; bheka, seziphambi kwe-altare likaJehova. 20 UHezekiya inkosi wayesevuka ekuseni , wabutha izinduna zomuzi , wakhuphukela endlini kaJehova. 21 Baletha izinkunzi eziyisikhombisa , nezinqama eziyisikhombisa , namawundlu ayisikhombisa, nezimpongo eziyisikhombisa, kube ngumnikelo wokona ngombuso nangendlu engcwele nangoJuda . Wayaleza abapristi , amadodana ka-Aroni, ukuba banikele ngakho e-altare likaJehova. 22 Base bezihlaba izinkunzi; abapristi bamukela igazi, bafafaza ngalo i-altare; bazibulala izinqama , bafafaza i -altare ngegazi ; bawabulala amawundlu , bafafaza i-altare ngegazi. 23 Base besondeza izimpongo ngenxa yomnikelo wesono phambi kwenkosi nebandla; babeka izandla zabo phezu kwazo; 24 abapristi bazihlaba , benza umnikelo wesono ngegazi lazo e -altare ukuba benzele u -Israyeli won ke ukubuyisana , ngokuba inkosi yayaleza ukuba umnikelo wokushiswa nomnikelo wesono ube ngoka-Israyeli wonke. 25 Wawamisa amaLevi endlini kaJehova ephethe amasimbali , nezingubhu, namahabu njengesiyalezo sika Davide nesikaGadi umboni wenkosi nesikaNathani ump rofethi, ngokuba isiyalezo sasingesikaJehova ngesandla sabaprofethi bakhe. 26 AmaLevi ayesema ephethe izinto zokubethwa zikaDavide , ekanye nabapristi bephethe amacilongo. 27 UHezekiya wayala ukunikela ngomnikelo wokushiswa e-altare. Ngesikhathi sokuqala kom nikelo wokushiswa kwaqala nesihlabelelo sikaJehova , namacilongo, kanye nezinto zokubethwa zikaDavide inkosi yakwa-Israyeli. 28 Lonke ibandla lakhuleka , abahlabeleli bahlabelela, abamacilongo babetha; konke kwaqhubeka waze waphela umnikelo wokushiswa. 29 Sebeqedile ukunikela , inkosi nabo bonke ababe nayo bakhothama , bakhuleka. 30 UHezekiya inkosi nezikhulu bawayala amaLevi ukumdumisa uJehova ngamazwi kaDavide nangaka-Asafa umboni . Badumisa ngokuthokoza , bakhothamisa amakhanda abo, bakhuleka. 31 Wayesethatha uHe zekiya, wathi: Senizahlukanisele uJehova ; sondelani, nilethe imihlatshelo neminikelo yokubonga endlini kaJehova. Ibandla laletha imihlatshelo neminikelo yokubonga , nabo bonke abaqhutshwa yinhliziyo evumayo baletha iminikelo yokushiswa. 32 Inani leminikelo y okushiswa elalethwa yibandla laliyizinkunzi ezingamashumi ayisikhombisa , nezinqama eziyikhulu , namawundlu angamakhulu amabili ; konke lokhu kwa kungokomnikelo wokushiswa kuJehova. 33 Okungcwelisiwe kwakuyizinkabi ezingamakhulu ayisithupha nezimvu eziyizinkulungwane ezintathu. 34 Abapristi babe yingcosana nje , babengenakuhlinza yonke iminikelo yokushiswa; abafowabo amaLevi base bebasiza , waze waphela umsebenzi , nabapristi baze bazingcwelisa , ngokuba amaLevi ayelungele ngezinhliziyo kunabapristi ukuba azingcwelise. 35 Neminikelo yokushiswa yayiminingi kanye namanoni eminikelo yokuthula neminikelo yokuphuzwa yeminikelo yokushiswa . Yayisihleliwe in konzo yendlu kaJehova. 36 UHezekiya wathokoza kanye nabantu bonke ngenxa yalokho uNkulunkulu ayebalungisele khona abantu, ngokuba leyo nto yavela ingalindelwanga.