Skip to Content

2 iziKronike Chapter 27

1 UJothamu wayeneminyaka engamashumi amabili nanhlanu ekuqaleni kwakhe ukubusa, wabusa iminyaka eyishumi nesithupha eJerusalema; igama likanina lalinguJerusha indodakazi kaSadoki. 2 Wenza okulungile emehlweni kaJehova njeng akho konke akwenzileyo u - Uziya, kepha akangenanga ethempelini likaJehova. Abantu babesasebenza ukonakala. 3 Wakha iSango Lasenhla lendlu kaJehova ; nasogangeni lwase -Ofeli wakha okuningi. 4 Wakha imizi ezintabeni zakwaJuda ; emahlathini wakha izinqaba nemibhoshongo. 5 Walwa nenkosi yabantwana bakwa -Amoni, wabahlula. Abantwana bakwa - Amoni bamnika ngawo lowo mnyaka amatalenta ayikhulu esiliva, namakhora ayizinkulungwane eziyishumi kakolweni , nawebhali ayizinkulungwane eziyishumi. Lokho-ke abantwana bakwa-Amoni bakuyisa kuye nangomnyaka wesibili nangowesithathu. 6 UJothamu waba namandla , ngokuba walungisa izindlela zakhe phambi kukaJehova uNkulunkulu wakhe. 7 Ezinye izindaba zikaJothamu , nakho konke ukulwa kwakhe , nezindlela zakhe, bheka, zilotshiwe encwadini yamakhosi akwa-Israyeli nakwaJuda. 8 Wayeneminyaka engamashumi amabili nanhlanu ekuqaleni kwakhe ukubusa, wabusa iminyaka eyishumi nesithupha eJerusalema. 9 UJothamu wayeselala koyise; bammbela emzini kaDavide; u-Ahazi indodana yakhe waba yinkosi esikhundleni sakhe.