Skip to Content

2 iziKronike Chapter 26

1 Bonke abantu bakwaJuda bathatha u -Uziya owayeneminyaka eyishumi nesithupha, bambeka inkosi esikhundleni sikayise u-Amasiya. 2 Yena wakha i-Eloti, walibuyisela kuJuda, inkosi isilele koyise. 3 U-Uziya wayeneminyaka eyishumi nesithuha ekuqaleni kwakhe ukubusa , wabusa iminyaka engamashumi ayisihlanu nambili eJerusalema; igama likanina lalinguJekoliya waseJerusalema. 4 Wenza okulungile emehlweni kaJehova njengakho konke akwenzileyo uyise u-Amasiya. 5 Wayelokhu emfuna uNkulunkulu emihleni kaZakariya owafundisa ekumesabeni uJehova; emihleni yokumfuna kwakhe uJehova, uNkulunkulu wamhlahlamelisa. 6 Waphuma walwa namaFilisti , wadiliza ugange lwaseGati , nogange lwaseJabine, nogange lwase -Ashidodi; wakha imizi kwelase -Ashidodi naphakathi kwamaFilisti. 7 UNkulunkulu wamsiza kumaFilisti , nakwabase-Arabiya ababehlala eGuri Bali, nakumaMehuni. 8 Abakwa-Amoni bathela intela ku -Uziya; igama lakhe lahamba laze lafika nasekuyeni eGibithe, ngokuba waba namandla kakhulu. 9 U-Uziya wakha nemibhoshongo eJerusalema ngaseSangweni Lasegumbini , nangaseSangweni Lasesigodini, nangaseNqutshini, wayiqinisa. 10 Wakha imibhoshongo ehlane , wemba imigodi eminingi yamanzi , ngokuba wayenezinkomo eziningi ehlanzeni nasethafeni , wayenabalimi nabaphathi bezivini ezintabeni naseKarmeli, ngokuba wayengothanda umhlabathi. 11 U-Uziya wayenempi elwayo eyaphuma ukulwa ngamaviyo nj engomumo wokubalwa kwabo ngesandla sikaJehiyeli , umbhali, noMahaseya, umbusi phansi kwesandla sikaHananiya, enye yezinduna zenkosi. 12 Umumo wonke wezinhloko zawoyise , amaqhawe anamandla, wawuyizinkulungwane ezimbili namakhulu ayisithupha. 13 Phansi kwezandl a zabo kwakukhona impi enamandla eyizinkulungwane ezingamakhulu amathathu nezinkulungwane eziyisikhombisa namakhulu ayisihlanu, eyalwa ngamandla amakhulu ukuba isize inkosi ezitheni. 14 U-Uziya walungisela impi yonke izihlangu , nemikhonto, nezigqoko, namabhantshi, neminsalo, namatshe endwayimana. 15 Wenza eJerusalema imishini eyaqanjwa ngokuhlakanipha ukuba ibe phezu kwemibhoshongo nasezingosini , kuphonswe ngayo imicibisholo namatshe amakhulu. Igama lakhe laphumela ekudeni , ngokuba wasizwa ngokumangalisayo waze waba namandla. 16 Kepha lapho eseziqinisile , inhliziyo yakhe yazikhukhumeza kwaze kwaba ngukubhubha kwakhe , waphambuka kuJehova uNkulunkulu wakhe , wangena ethempelini likaNkulunkulu ukuba ashise impepho e -altare lempepho. 17 U-Azariya umpristi wangena em va kwakhe, bekhona kanye naye abapristi bakaJehova abangamashumi ayisishiyagalombili, amadoda anamandla; 18 bamelana no -Uziya inkosi , bathi kuye : Akusikho okwakho , Uziya, ukushisela uJehova impepho , kungokwabapristi, amadodana ka -Aroni, abangcweliselwe uku shisa impepho ; phuma endlini engcwele , ngokuba wenze isiphambeko ; futhi awuyikuba nodumo oluvela kuJehova uNkulunkulu. 19 Wayesethukuthela u -Uziya; wayenomcengezi womlilo esandleni sakhe ukuba ashise impepho ; esabathukuthelele abapristi , kwaqhamuka uchoko ebunzini lakhe phambi kwabapristi endlini kaJehova eceleni kwe -altare lempepho. 20 U-Azariya, umpristi omkhulu , nabo bonke abapristi bambuka ; bheka, wayenochoko ebunzini lakhe; bashesha bamkhipha khona; naye waphuthuma ukuphuma, ngokuba uJehova wayemshayile. 21 U-Uziya, inkosi, wayesengonochoko kwaze kwafika usuku lokufa kwakhe , wahlala endlini eyahlukanisiweyo, lokhu engonochoko, ngokuba wanqunywa endlini kaJehova . UJothamu indodana yakhe wayephezu kwendlu yenkosi , ahlulela abantu bezwe. 22 Ezinye izindaba zi ka-Uziya, ezokuqala nezokugcina , zalotshwa ngu -Isaya umprofethi, indodana ka-Amose. 23 U-Uziya wayeselala koyise ; bammbela koyise ngaphandle kwamathuna amakhosi, ngokuba bathi: Ungonochoko. UJothamu, indodana yakhe, waba yinkosi esikhundleni sakhe.