2 iziKronike Chapter 25
1
U-Amasiya wayeneminyaka engama shumi amabili nanhlanu ekuqaleni kwakhe ukubusa, wabusa iminyaka engamashumi amabili nesishiyagalolunye eJerusalema; igama likanina lalinguJehohadani waseJerusalema.
2
Wenza okulungile emehlweni kaJehova , kungenganhliziyo epheleleyo kodwa.
3
Kwathi lapho um buso usuqinisiwe kuye , wazibulala izinceku zakhe ezaziyibulele inkosi uyise.
4
Kodwa akabulalanga abantwana bazo , kepha wenza njengokulotshiweyo emthethweni encwadini kaMose njengokuyala kukaJehova ngokuthi : Oyise abayikubulawa ngenxa yabantwana , nabantwana abayikubulawa ngenxa yawoyise, kepha yilowo nalowo uyakufa ngesakhe isono.
5
Futhi u-Amasiya wabutha uJuda, wabamisa ngokwezindlu zawoyise phansi kwezinduna zezinkulungwane nezinduna zamakhulu , oJuda wonke noBenjamini; wababala kusukela kwabaneminyaka en gamashumi amabili kuya phezulu , wabafumana beyizinkulungwane ezingamakhulu amathathu abakhethekileyo abangaphuma impi nabangaphatha umkhonto nesihlangu.
6
Waqasha kwa -Israyeli amaqhawe anamandla ayizinkulungwane eziyikhulu ngamatalenta ayikhulu esiliva.
7
Kepha kwafika kuye umuntu kaNkulunkulu , wathi: Nkosi, impi yakwa - Israyeli mayingahambi nawe , ngokuba uJehova akasenaye u -Israyeli nabo bonke abantwana bakwa-Efrayimi,
8
kepha noma kuhamba wena , ukwenza, uziqinisela impi ; uNkulunkulu uyakukuwisa phansi ebuswen i bezitha . Ngokuba uNkulunkulu unamandla okuwisa phansi nokusiza.
9
U-Amasiya wayesethi kulowo muntu kaNkulunkulu: Kepha siyakwenze njani ngamatalenta ayikhulu engiwanike impi yakwa -Israyeli na ? Umuntu kaNkulunkulu wathi: UJehova unamandla okukunika okuningi kunalokho.
10
U-Amasiya wayeseyahlukanisa impi ebifike kuye ivela kwa -Efrayimi ukuba iye ekhaya ; ngalokho ulaka lwabo lwavuthela kakhulu uJuda , babuyela ekhaya bevutha ulaka.
11
U-Amasiya waziqinisa, wahola abantu bakhe , waya esiGodini Sikasawoti , wabulala abantwana baseSeyiri abayizinkulungwane eziyishumi.
12
Abayizinkulungwane eziyishumi bathunjwa ngabantwana bakwaJuda besezwa, babayisa esiqongweni sesiwa , babaphonsa phansi besesiqongweni sesiwa, baphihlizeka bonke.
13
Kepha abantu bempi ababebuyiselwe emu va ngu -Amasiya ukuba bangaphumi impi naye baphundla imizi yakwaJuda kusukela eSamariya kuze kube seBeti Horo ni, babulala kuyo izinkulungwane ezintathu , bathatha impango eningi.
14
Kwathi u -Amasiya esebuyile ekubulaleni abakwa -Edomi, waletha onkulunkulu babantwana baseSeyiri, wabamisa babe ngonkulunkulu bakhe , wakhothama phambi kwabo, wabashisela impepho.
15
Ngalokho intukuthelo kaJehova yamvuthela u -Amasiya, wathuma umprofethi kuye owathi kuye : Ufuneleni onkulunkulu babantu abangophulanga abantu babo esandleni sakho na?
16
Kwathi esakhuluma naye , wathi kuye : Sikubeke umluleki wenkosi na ? Yeka, ubuyakubulawelani na? Wayeseyeka umprofethi, wathi: Ngiyazi ukuthi uNkulunkulu unqumile ukukubhubhisa , ngokuba wenzile lokho , ungalalelanga isiluleko sami.
17
U-Amasiya, inkosi yakwaJuda , eselulekiwe wathumela kuJowashi indodana kaJehowahazi kaJehu , inkosi yakwa -Israyeli, wathi: Woza sibhekane ubuso nobuso.
18
UJowashi, inkosi yakwa-Israyeli, wathumela ku-Amasiya inkosi yakwaJuda, wathi: Isihlahla somkhaya saseLebanoni sathumela kumsedari waseLebanoni, sathi: Nika indodana yami indodakazi yakho ibe ngu mkayo. Kwadlula isilo sasendle saseLebanoni, sanyathela phansi isihlahla somkhaya.
19
Uthi: Bheka, ngichithile u -Edomi; inhliziyo yakho iyakuphakamisa ukuba uzidumise; hlala ekhaya manje; uzilebelani ukuba uwe wena, noJuda ekanye nawe, na?
20
Kepha u-Amasiya akalalelanga , ngokuba kwavela kuNkulunkulu ukuba abanikele esandleni sezitha zabo , ngokuba babefunile onkulunkulu bakwa - Edomi.
21
Wayesekhuphuka uJowashi inkosi yakwa -Israyeli; yena no-Amasiya inkosi yakwaJuda babhekana ubuso nobuso eBeti Shemeshi elingelakwaJuda.
22
UJuda wahlulwa phambi kuka -Israyeli; babaleka, kwaba yilowo nalowo etendeni lakhe.
23
UJowashi inkosi yakwa -Israyeli wambamba u -Amasiya inkosi yakwaJuda indodana kaJo washi kaJehowahazi eBeti Shemeshi , wamyisa eJerusalema, wadiliza ugange lwaseJerusalema kusukela eSangweni lakwa -Efrayimi kuze kube seSangweni Lasegumbini, izingalo ezingamakhulu amane.
24
Wathatha lonke igolide nesiliva , nazo zonke izitsha ezafunyanwa end lini kaJehova ku -Obede Edomi , nengcebo yendlu yenkosi , nabayisibambiso, wabuyela eSamariya.
25
U-Amasiya indodana kaJowashi , inkosi yakwaJuda , wayesekhona emva kokufa kukaJowashi indodana kaJehowahazi , inkosi yakwa -Israyeli, iminyaka eyishumi nanhlanu.
26
Ezinye izindaba zika-Amasiya, ezokuqala nezokugcina , bheka, angithi zilotshiwe encwadini yamakhosi akwaJuda nakwa-Israyeli na?
27
Kusukela esikhathini u -Amasiya aphambuka ngaso ekumlandeleni uJehova bamenzela ugobe eJerusalema ; wabalekela eLakishi , kepha bat humela bamlanda eLakishi, bambulala khona.
28
Bamthwala ngamahhashi, bammbela koyise emzini wakwaJuda.