Skip to Content

2 iziKronike Chapter 24

1 UJowashi wayeneminyaka eyisikhombisa ekuqaleni kwakhe ukubusa ; wabusa iminyaka engamashumi amane eJerusalema ; igama likanina lalinguSibiya waseBeri Sheba. 2 UJowashi wenza okulungile emehlweni kaJehova zonke izinsuku zikaJehoyada umpristi. 3 UJehoyada wamthathela abafazi ababili; wazala amadodana namadodakazi. 4 Kwathi emva kwalokho kwakusenhliziyweni kaJowashi ukuvusa indlu kaJehova. 5 Wabutha abapristi namaLevi, wathi kubo: Phumani niye emizini yakwaJuda, niqoqe ku -Israyeli wonke imali yokulungisa indlu kaNkulunkulu wenu iminyaka ngeminyaka, niyisheshise le ndaba. Kepha amaLevi awasheshanga. 6 Inkosi yayisibiza uJehoyada inhloko , yathi kuye : Awubizanga ngani kumaLevi ukuba alethe kwaJuda naseJerusalema int ela kaMose inceku kaJehova neyebandla lika-Israyeli, ibe ngeyetende lobufakazi na? 7 Ngokuba amadodana ka-Athaliya, owesifazane lowo omubi , ayeyichithile indlu kaNkulunkulu , nezinto zonke ezingcwele zendlu kaJehova azenza ukuba zibe ngezikaBali. 8 Yayisikhuluma inkosi , benza umphongolo , bawubeka ngaphandle ngasesangweni lendlu kaJehova. 9 Kwase kumenyezelwa kwaJuda naseJerusalema ukuba balethe kuJehova intela uMose inceku kaNkulunkulu ayibeke phezu kuka-Israyeli ehlane. 10 Zonke izikhulu nabo bonke abantu bat hokoza, bayiletha, bayiphonsa emphongolweni, baze baqeda. 11 Kwathi ngesikhathi umphongolo owayiswa ngaso ezinduneni zenkosi ngesandla samaLevi , nalapho zibona ukuthi imali iningi , umbhali wenkosi nenduna yompristi omkhulu beza , bawuthulula umphongolo , bawuthatha, bawubuyisela endaweni yawo . Benze njalo imihla ngemihla , baqoqa imali eningi. 12 Inkosi noJehoyada bayinika abenza umsebenzi wenkonzo endlini kaNkulunkulu, baqasha abakhi nababazi ukuvusa indlu kaJehova , nabasebenza ngensimbi nethusi ukuba baqinise indlu kaJehova. 13 Zase zisebenza -ke izisebenzi , zalungisa zaqeda ngezandla zazo , zayimisa indlu kaNkulunkulu ngezilinganiso zayo, zayiqinisa. 14 Sebeqedile baletha imali eseleyo phambi kwenkosi noJehoyada , benza ngayo izitsha zendlu kaJehova , izitsha zokukh onzela nezokunikelela , nezinkezo, nezinye izitsha zegolide nezesiliva . Banikela ngeminikelo yokushiswa endlini kaJehova njalo zonke izinsuku zikaJehoyada. 15 Kodwa uJehoyada waguga , wafa esanelisiwe yizinsuku ; wayeneminyaka eyikhulu namashumi amathathu ekufeni kwakhe. 16 Bammbela emzini kaDavide phakathi kwamakhosi , ngokuba wayenze okuhle kwa-Israyeli, nakuNkulunkulu, nasendlini yakhe. 17 Emva kokufa kukaJehoyada kwafika izikhulu zakwaJuda , zakhuleka enkosini; khona inkosi yazilalela. 18 Bayishiya indlu kaJehov a uNkulunkulu wawoyise , bakhonza o -Ashera nezithombe; uJuda neJerusalema kwehlelwa yintukuthelo ngaleli cala labo. 19 Kepha wathuma abaprofethi kubo ukuba bababuyisele kuJehova ; babaxwayisa, kepha kababekanga ndlebe. 20 UMoya kaNkulunkulu wembesa uZakariya indodana kaJehoyada umpristi; wema ngaphezu kwabantu , wathi kubo : Usho kanje uNkulunkulu , uthi: Neqelani imiyalo kaJehova ukuba ningabi nampumelelo na ? Ngokuba nimshiyile uJehova, naye unishiyile nina. 21 Bamenzela ugobe , bamkhanda ngamatshe ngesiyalezo senkosi egcekeni lendlu kaJehova. 22 UJowashi, inkosi, akakhumbulanga umusa uJehoyada amenzele wona , wabulala indodana yakhe . Ekufeni kwakhe wathi : UJehova makakubone lokhu, akuphindisele. 23 Kwathi ngasekupheleni komnyaka impi yase -Aramu yakhuphukela kuye , yafika kwaJuda naseJerusalema, yabhubhisa zonke izikhulu zabantu phakathi kwabantu, yathuma yonke impango yazo enkosini yaseDamaseku. 24 Ngokuba impi yase -Aramu yafika neviyo elincane labantu , nokho uJehova wanikela impi enkulu kakhulu esandleni sabo , ngokuba babemshiyile uJehova uNkulunkulu wawoyise. Base bemahlulela uJowashi. 25 Lapho sebemukile kuye ngokuba bamshiya egula kakhulu izinceku zakhe zamenzela ugobe ngenxa yegazi lamadodana kaJehoyada umpristi, zambulala embhedeni wakhe, wafa; bammbela emzini kaDavide, kodwa abammbelanga emathuneni amakhosi. 26 Nampa ababemenzela ugobe : nguZabadi indodana kaShimeyati umAmonikazi noJehozabadi indodana kaShimriti umMowabikazi. 27 Ngamadodana akhe , nangobukhulu bemithwalo phezu kwakhe , nangokuvuswa kwendlu kaNkulunku lu, bheka, kulotshiwe esichasiselweni sencwadi yamakhosi. U-Amasiya indodana yakhe waba yinkosi esikhundleni sakhe.