2 iziKronike Chapter 23
1
Ngomnyaka wesikhombisa uJehoyada waziqinisa , wazithathela izinduna zamakhulu, u-Azariya indodana kaJerohamu , no-Ishmayeli indoda na kaJehohanani, no-Azariya indodana ka -Obede, noMahaseya indodana ka - Adaya, no-Elishafati indodana kaZikiri, zenza isivumelwano naye.
2
Zazungeza kwaJuda , zabutha amaLevi emizini yonke yakwaJuda , nezinhloko zawoyise bakwa-Israyeli, bafika eJerusalema.
3
Lonke ibandla lenza isivumelwano nenkosi endlini kaNkulunkulu ; uJehoyada wathi : Bhekani, indodana yenkosi iyakubusa njengokukhuluma kukaJehova ngamadodana kaDavide.
4
Nansi into eniyakuyenza: abesithathu kini abangena ngesabatha, ababapristi nabamaLevi, bayakuba ngabalindisango,
5
abesithathu babe sendlini yenkosi , abesithathu babe seSangweni Lesisekelo , bonke abantu babe semagcekeni endlu kaJehova.
6
Makungangeni muntu endlini kaJehova ngaphandle kwabapristi namaLevi akhonzayo; bona bangangena , ngokuba bangcwel e; kepha bonke abantu bayakugcina izimfanelo zikaJehova.
7
AmaLevi ayakuyizungeza inkosi nxazonke , yilowo nalowo abe nezikhali zakhe esandleni sakhe ; ongena endlini makabulawe ; yibani nenkosi ekungeneni kwayo nasekuphumeni kwayo.
8
AmaLevi naye wonke uJuda b enza njengakho konke uJehoyada umpristi ayale ngakho , bathatha, kwaba yilowo nalowo abantu bakhe ababeyakungena ngesabatha kanye nababeyakuphuma ngesabatha , ngokuba uJehoyada umpristi akamukisanga izigaba.
9
UJehoyada umpristi wani kela ezinduneni zamakhulu imikhonto namahawu nezihlangu okwakungokwenkosi uDavide, kusendlini kaNkulunkulu.
10
Wamisa abantu bonke , kwaba yilowo nalowo enesikhali sakhe esandleni sakhe, kusukela ohlangothini lokunene lwendlu kuze kube sohlangothini lwesokhohlo lwendlu, ngase-altare nasendlini nxazonke zenkosi.
11
Base beyikhipha indodana yenkosi, wayifaka umqhele, wayinika ubufakazi, bayibeka inkosi; uJehoyada namadodana akhe bayigcoba bathi : Mana njalo, nkosi.
12
U-Athaliya esezwa ukumemeza kwabantu begijima beyidumisa inkosi, waya kubantu endlini kaJehova,
13
wabuka; bheka, inkosi yayimi ngasensikeni yayo ekungeneni , izikhulu nabamacilongo bengasenkosini ; bonke abantu bezwe bathokoza , bakhalisa amacilongo; abahlabeleli babetha izinto zokubethwa , bahola ukuhlabelela kwendumiso. U-Athaliya wayeseklebhula izingubo zakhe , wathi: Ngugobe! Ngugobe!
14
UJehoyada wayesezikhipha izinduna zamakhulu ezazibekwe phezu kwempi, wathi kuzo : Mkhipheni endlini , nimngenise phakathi kwezinhla; omlandelayo nimbulale ngenkemba ; ngokuba umpristi wathi : Ningambulali endlini kaJehova.
15
Base bemdedela nxazombili , waya ekungeneni kwesango lamahhashi endlini yenkosi; bambulala khona.
16
UJehoyada wenza isivumelwano phakathi kwakhe nabantu bonke nenkosi ukuba babe ngabantu bakaJehova.
17
Bonke abantu baya endlini ka Bali, bayibhidliza, baphahlaza ama -altare akhe nezithombe zakhe , babulala uMathani umpristi kaBali phambi kwama - altare.
18
UJehoyada wamisa ababonisi bendlu kaJehova ngesandla sabapristi bamaLevi uDavide abahlukanisile endlini kaJehova bokunikela ngeminike lo yokushiswa kuJehova njengokulotshiweyo emthethweni kaMose , ngentokozo nangokuhlabelela, njengokuhlela kukaDavide.
19
Wamisa abalindisango emasangweni endlu kaJehova ukuba kungangeni ongcolile noma ngantoni.
20
Wazithatha izinduna zamakhulu, nabakhulu, nababusi babantu, nabo bonke abantu bezwe, wayehlisa inkosi endlini kaJehova , bafika ngesango lasenhla endlini yenkosi, bayibeka inkosi esihlalweni sobukhosi sombuso.
21
Bonke abantu bezwe bathokoza ; umuzi wazola ; bambulala u -Athaliya ngenkemba.