Skip to Content

2 iziKronike Chapter 22

1 Abakhileyo eJerusalema babeka u -Ahaziya indodana yakhe encane inkosi esikhundleni sakhe , ngokuba iviyo lababefike ekamu nabase -Arabiya lalibulele bonke abokuqala. Wayesebusa-ke u-Ahaziya indodana kaJehoramu inkosi yakwaJuda. 2 U-Ahaziya wayeneminyaka engamashumi amane nambili ekuqaleni kwakhe ukubusa, wabusa umnyaka eJerusalema ; igama likanina lalingu -Athaliya indodakazi ka-Omri. 3 Naye wahamba ngezindlela zendlu ka -Ahabi, ngokuba unina wayengomeluleka ukwenza okubi. 4 Wenza okubi emehlweni kaJehova njengokwenza kwendlu ka -Ahabi, ngokuba bona babengabamelulekayo emva kokufa kukayise , kwaba ngukuchithwa kwakhe. 5 Futhi wahamba ngeziluleko zabo , lapho ehamba noJehoramu, indodana ka- Ahabi, inkosi yakwa-Israyeli, ukulwa noHazayeli inkosi yase -Aramu eRamoti Gileyadi; ama-Aramu amlimaza uJoramu. 6 Wabuyela ukwelashwa eJizreyeli ngenxa yaman xeba ayemlimaze wona eRama ekulweni kwakhe noHazayeli inkosi yase -Aramu. U-Azariya indodana kaJehoramu, inkosi yakwaJuda, wehla ukumbona uJehoramu indodana ka - Ahabi eJizreyeli, ngokuba wayegula. 7 Ukubhubha kuka -Ahaziya kwavela kuNkulunkulu ekuyeni kwakhe kuJoramu, ngokuba lapho esefikile khona waphuma noJehoramu ukulwa noJehu indodana kaNimishi , amgcobileyo uJehova ukuba anqume indlu ka - Ahabi. 8 Kwathi lapho uJehu ahlulela indlu ka -Ahabi, wafumanisa izikhulu zakwaJuda namadodana abafowabo baka -Ahaziya abab ekhonza u -Ahaziya; wababulala. 9 Wamfuna u-Ahaziya, bambamba; wayecashile eSamariya bamletha kuJehu, bambulala; bammbela, ngokuba bathi: Uyindodana kaJehoshafati owamfuna uJehova ngenhliziyo yakhe yonke . Indlu ka -Ahaziya yayingasenamandla okuwugcina umbuso. U-Athaliya ungumbusi 10 Kepha u-Athaliya, unina ka-Ahaziya, esebonile ukuthi indodana yakhe ifile wasuka wachitha yonke imbewu yobukhosi yendlu kaJuda. 11 Kodwa uJehoshabeyati, indodakazi yenkosi, wamthatha uJowashi indodana ka-Ahaziya, wameba phakathi kw amadodana enkosi abulawayo , wambeka nomzanyana wakhe ekamelweni lokulala . UJehoshabeyati, indodakazi yenkosi uJehoramu, umkaJehoyada umpristi -- ngokuba wayengudadewabo ka-Ahaziya -- wamfihla ebusweni buka-Athaliya, ukuze angambulali. 12 Wayenabo ethukusiwe endlini kaNkulunkulu iminyaka eyisi thupha; u- Athaliya wabusa ezweni.