Skip to Content

2 iziKronike Chapter 21

1 UJehoshafati wayeselala koyise , wembelwa koyise emzini kaDavide ; uJehoramu, indodana yakhe, waba yinkosi esikhundleni sakhe. 2 Wayenabafowabo, amadodana kaJehoshafati : ngo-Azariya, noJehiyeli, noZakariya, no-Azariyahu, noMikayeli, noShefathiya; bonke labo babengamadodana kaJehoshafati inkosi yakwa-Israyeli. 3 Uyise wabanika izipho ezinkulu zesiliva nezegolide, namagugu kanye nemizi ebiyelweyo kwaJuda , kepha umbuso wawunika uJehoramu , ngokuba wayeyizibulo. 4 UJehoramu esemile embusweni kayise , eseziqinisile, wabulala bonke abafowabo ngenkemba kanye nabathile bezikhulu zakwa-Israyeli. 5 UJehoramu wayeneminyaka engamashumi amathathu nambili ekuqaleni kwakhe ukubusa, wabusa iminyaka eyisishiyagalombili eJerusalema. 6 Wahamba ngendlela yamakhosi akwa -Israyeli njengokwenza kw endlu ka - Ahabi, ngokuba indodakazi ka -Ahabi yayingumkakhe ; wenza okubi emehlweni kaJehova. 7 Kepha uJehova akathandanga ukuchitha indlu kaDavide ngenxa yesivumelwano asenzayo noDavide, njengokusho kwakhe ukuthi uyakumnika yena nabantwana bakhe isibani izinsuku zonke. 8 Emihleni yakhe u -Edomi wahlubuka phansi kwes andla sakwaJuda , wazibekela inkosi. 9 Wayesewela uJehoramu nezinduna zakhe, nazo zonke izinqola zakhe zinaye; wavuka ebusuku, wabachitha abakwa-Edomi abamhaqileyo kanye nezinduna zezinqola. 10 Wahlubuka-ke u-Edomi phansi kwesandla sakwaJuda kuze kube namuhla ; khona lahlubuka neLibina ngasona leso sikhathi phansi kwesandla sakhe , ngokuba wayemshiyile uJehova uNkulunkulu wawoyise. 11 Futhi wenza izindawo eziphakemeyo ezindaweni zakwaJuda, wenza ukuba abakhileyo eJerusalema baphinge, wayenga uJuda. 12 Kwafika kuye incwadi iphuma ku -Eliya umprofethi , ithi: Usho kanje uJehova uNkulunkulu kaDavide uyihlo , uthi: Ngokuba ungahambanga ngezindlela zikaJehoshafati uyihlo nangezindlela zika-Asa inkosi yakwaJuda, 13 kepha uhambe ngendlela yamakhosi akwa -Israyeli, wenza uJuda nabakhileyo eJerusalema ukuba baphinge njengokwenza kwendlu ka -Ahabi, futhi wabulala abafowenu bendlu kayihlo abahle kunawe, 14 bheka, uJehova uyakushaya ngokushaya okukhulu abantu bakho nabantwana bakho, nawomkakho, nayo yonke impahla yakho, 15 wena wehlelw e yisifo esikhulu , isifo sezibilini , ukuze izibilini zakho ziphume ngesifo ekuhambeni kwezinsuku. 16 UJehova wavusa umoya wamaFilisti nowabase -Arabiya abaseceleni kwamaKushe ngoJehoramu; 17 bakhuphukela ukulwa noJuda , bafohlela kuye , basusa yonke impahla eyayifumaniseka endlini yenkosi kanye namadodana akhe nawomkakhe ; akusalanga ndodana kuyo, uJehowahazi omncane emadodaneni ayo kuphela. 18 Emva kwakho konke lokho uJehova wamshaya ezibilinini zakhe ngesifo esingenakwelashwa. 19 Kwathi ekuhambeni kwezinsuku ng esikhathi sokufika ekugcineni kweminyaka emibili , izibilini zakhe zaphuma kuye ngesifo sakhe , wafa ngobuhlungu obukhulu. Abantu bakhe abamshiselanga lutho njengokushiselwa kwawoyise. 20 Wayeneminyaka engamashumi amathathu nambili ekuqaleni kwakhe ukubusa, wabusa iminyaka eyisihiyagalombili eJerusalema , wamuka engakhalelwanga muntu ; bammbela emzini kaDavide , kepha kungesemathuneni amakhosi.