Skip to Content

UJeremiya Chapter 26

1 Ekuqaleni kokubusa kukaJehoyakimi indodana kaJosiya , inkosi yakwaJuda, kwafika leli zwi livela kuJehova, lathi: 2 Usho kanje uJehova, uthi: Yima egcekeni lendlu kaJehova, ukhulume kuyo yonke imizi yakwaJuda efika ukukhuleka endlini kaJehova onke amazwi engikuyala ukuwakhuluma kubo, ungagodli zwi. 3 Mhlawumbe bayakulalela , baphenduke, kube yilowo nalowo endleleni yakhe embi, ngibuye kukho okubi ebengicabanga ukukwenza kubo ngenxa yobubi bezenzo zabo. 4 Uyakuthi kubo: U sho kanje uJehova , uthi: Uma ningangilaleli ukuba nihambe emthethweni wami engiwubeke phambi kobuso benu, 5 niwalalele amazwi ezinceku zami abaprofethi engi bathumile kini , ngibathuma njalonjalo, nina ningalalelanga, 6 ngiyakwenza le ndlu ibe njengeShilo, nalo muzi ngiyakuwenza ube yisiqalekiso ezizweni zonke zomhlaba. 7 Abapristi, nabaprofethi, nabo bonke abantu bezwa uJeremiya ekhuluma lawo mazwi endlini kaJehova. 8 Kwathi lapho uJeremiya eseqedile ukukhuluma konke uJehova amyale ngakho ukuba akukhulume kubo bonke abantu , abapristi, nabaprofethi, nabantu bonke, bambamba, bathi: Uyakufa nokufa. 9 Uprofetheleni egameni likaJehova ukuthi: Le ndlu iyakuba njengeShilo, nalo muzi uyakuchithwa kungabe kusaba khona owuhlalayo , na? Bonke abantu babebuthene kuJeremiya endlini kaJehova. 10 Izikhulu zakwaJuda zazizwa lezo zinto , zakhuphuka endlini yenkosi , zaya endlini kaJehova, zahlala esikhaleni sesango elisha lendlu kaJehova. 11 Base bethi abapristi nabaprofethi ezikhulwini nakubo bonke abantu, bathi: Lo muntu ufanele ukufa , ngokuba uprofethile ngalo muzi , njengalokho nizwile ngezindlebe zenu. 12 Wayesesho uJeremiya kuzo zonke izikhulu nakubo bonke abantu , ethi: UJehova wan githuma ukuprofetha ngale ndlu nangalo muzi onke amazwi eniwezwileyo. 13 Ngalokho lungisani izindlela zenu nezenzo zenu , nilalele izwi likaJehova uNkulunkulu wenu, uJehova abuye kukho okubi akukhulume kini. 14 Kepha mina, bhekani, ngisesandleni senu; yenzani kimi okuhle nokulungile emehlweni enu. 15 Yazini nokwazi kuphela ukuthi uma ningibulala , niyakwehlisela igazi elingenacala phezu kwenu , naphezu kwalo muzi , naphezu kwabakhileyo kuwo, ngokuba ngeqiniso uJehova ungithume kini ukuba ngikhulume onke lawa mazwi ezindlebeni zenu. 16 Zase zithi izikhulu nabo bonke abantu kubo abapristi nakubo abaprofethi : Lo muntu akafanele ukufa , ngokuba ukhulume kithi egameni likaJehova uNkulunkulu wethu. 17 Kwase kusukuma amanye amalunga ezwe, asho kulo lonke ibandla labantu, athi: 18 UMika waseMoresheti waprofetha ezinsukwini zikaHezekiya inkosi yakwaJuda, washo kubo bonke abantu bakwaJuda , wathi: U sho kanje uJehova Sebawoti, uthi: ISiyoni liyakulinywa njengensimu, iJerusalema libe yincithakalo, intaba yendlu ibe yizindawo eziphakemeyo zamahlathi. 19 UHezekiya inko si yakwaJuda naye wonke uJuda bambulala impela na ? Angithi bamesaba uJehova , bamncenga uJehova , uJehova wabuya kukho okubi ayekukhulume kubo , na? Besiyakwenza okubi okukhulu kuyo imiphefumulo yethu. 20 Kwakukhona nomunye umuntu owaprofetha egameni likaJehova, u-Uriya indodana kaShemaya waseKiriyathi Jeharimi ; waprofetha ngalo muzi nangaleli zwe njengawo onke amazwi kaJeremiya. 21 Inkosi uJehoyakimi, nawo onke amaqhawe ayo, nazo zonke izikhulu bezwa amazwi akhe ; inkosi ya funa ukumbulala; kepha u-Uriya wakuzwa, wesaba, wabaleka, waya eGibithe. 22 Inkosi uJehoyakimi yayisithuma amadoda eGibithe , u-Elinathani indodana ka-Akibori enamadoda, baye eGibithe. 23 Bamkhipha u -Uriya eGibithe , bamyisa enkosini uJehoyakimi eyambulala ngenkemba, yasilahla isidumbu sakhe emathuneni abantukazana. 24 Kepha isandla sika -Ahikamu, indodana kaShafani , sasinoJeremiya ukuba bangamnikeli esandleni sabantu ukumbulala.