Skip to Content

1 AmaKhosi Chapter 14

1 Ngaleso sikhathi u-Abiya indodana kaJerobowamu wagula. 2 UJerobowamu wathi kumkakhe : Ake usuke uzifihle , ukuze kungaziwa ukuthi wena ungumkaJerobowamu, uye eShilo ; bheka, u-Ahiya umprofethi ulapho, yena owakhuluma ngami ukuthi ngiyakuba yinkosi phezu kwalaba bantu. 3 Uphathe ngesandla sakho izinkwa eziyishumi , nemiqathane, nophiso lwezinyosi, uye kuye; uyakukutshela ukuthi kuzakuba njani kumntwana. 4 UmkaJerobowamu w enze njalo ; wasuka, waya eShilo , wafika endlini ka - Ahiya. U-Ahiya wayengenakubona , ngokuba amehlo akhe ayequndekile ngenxa yobudala bakhe. 5 UJehova wayeshilo ku-Ahiya, ethi: Bheka, umkaJerobowamu uyeza ukubuza kuwe ngendodana yakhe , ngokuba iyagula ; womphendula ngokuthi nangokuthi, ngokuba kuyakuthi ekungeneni kwakhe azishaye omunye umuntu. 6 Kwathi lapho u -Ahiya ezwa izigqi zezinyawo zakhe ekungeneni kwakhe emnyango, wathi: Ngena, mkaJerobowamu; uzishayelani omunye ; mina ngithunyiwe kuwe nginendaba elukhuni. 7 Hamba umtshele uJerobowamu ukuthi : U Jehova uNkulunkulu ka -Israyeli usho kanje , uthi: Njengokuba ngakuphakamisa phakathi kwabantu , ngakubeka ube ngumbusi wabantu bami u-Israyeli, 8 ngawuhlwitha umbuso endlini kaDavide , ngawunika wena , kepha awubanga njen genceku yami uDavide owagcina imiyalo yami nowangilandela ngayo yonke inhliziyo yakhe ukwenza okulungile emehlweni ami kuphela, 9 kodwa wenzile okubi kunabo bonke ababe phambi kwakho , wahamba wazenzela abanye onkulunkulu nezithombe ezibunjiweyo ukungivusa u kuba ngithukuthele, wangilahla nyovane, 10 bheka, ngalokho ngiyakwehlisela indlu kaJerobowamu okubi , nginqume kuJerobowamu wonke umlisa, omncane nomkhulu kwa-Israyeli, ngikhukhule indlu kaJerobowamu njengokukhukhulwa komquba, uze uphele. 11 Yena wakwaJerobow amu ofela emzini uyakudliwa yizinja , nofela endle uyakudliwa yizinyoni zezulu, ngokuba uJehova ukukhulumile. 12 Ngalokho suka uye endlini yakho ; ekungeneni kwezinyawo zakho emzini uyakufa umntwana. 13 Wonke u -Israyeli uyakumlilela , ammbele, ngokuba nguyena yedwa wakwaJerobowamu oyakuya ethuneni , lokhu kufunyanwa kuye okuhle kuJehova uNkulunkulu ka-Israyeli endlini kaJerobowamu. 14 Futhi uJehova uyakuzivusela inkosi phezu kuka-Israyeli eyakunquma indlu kaJerobowamu ngalolo suku. Kepha ngithini? Yebo, namanje. 15 Ngokuba uJehova uyakushaya u -Israyeli njengohlanga oluzanyazanyiswa emanzini, asiphule u -Israyeli kuleli zwe elihle alinika oyise, abahlakazele ngaphesheya koMfula, lokhu benzile o-Ashera babo, bathukuthelisa uJehova. 16 Uyakulahla u -Israyeli ngenxa yez ono zikaJerobowamu one ngazo , futhi onisa ngazo u-Israyeli. 17 UmkaJerobowamu wayesesuka wahamba , wafika eTirisa ; esefike embundwini wendlu, umntwana wafa. 18 Wonke u-Israyeli wammbela, wamlilela njengezwi likaJehova alikhulumayo ngesandla senceku yakhe u-Ahiya umprofethi. Ukufa kukaJerobowamu 19 Ezinye izindaba zikaJerobowamu , ukuthi walwa kanjani nokuthi wabusa kanjani, bheka, zilotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwa-Israyeli. 20 Izinsuku zokubusa kukaJerobowamu zaziyiminyaka engamashumi amabili nambili; wayeselala koyise ; uNadabi indodana yakhe waba yinkosi esikhundleni sakhe. Ukubusa kukaRehobowamu kwaJuda 21 URehobowamu indodana kaSolomoni wabusa kwaJuda . URehobowamu wayeneminyaka engamashumi amane nanye ekuqaleni kwakhe ukubusa , wabusa iminyaka eyishumi nesikhombisa eJerusalema , umuzi awukhethileyo uJehova ezizweni zonke zakwa-Israyeli ukuba abeke khona igama lakhe ; igama likanina lalinguNahama wabakwa-Amoni. 22 UJuda wenza okubi emehlweni kaJehova , bamvusela umhawu naphezu kwakho konke ababekwenzile oyise ngezono zabo abazenzayo. 23 Nabo bazakhela izindawo eziphakemeyo, nezinsika, nawo-Ashera emagqumeni onke aphakemeyo naphansi kwemithi yonke eluhlaza. 24 Kwakukhona nezifebe zethempeli kulelo zwe ; benza njengazo zonke izinengiso zabezizw e uJehova abaxosha phambi kwabantwana bakwa - Israyeli. UShishaki usukela iJerusalema 25 Kwathi ngomnyaka wesihlanu wenkosi uRehobowamu , uShishaki inkosi yaseGibithe wenyukela eJerusalema. 26 Wathatha ingcebo yendlu kaJehova nengcebo yendlu yenkosi , yebo, wathatha konke, wathatha zonke izihlangu zegolide ezenziwe nguSolomoni. 27 Inkosi uRehobowamu yenza izihlangu zethusi esikhundleni sazo , yazinikela ezandleni zezinduna zabalindi abagcina umnyango wendlu yenkosi. 28 Kwathi njalo uma inkosi ingena endlini kaJeho va, izigijimi zazithwala , zazibuyisela ekamelweni labalindi. Ukufa kukaRehobowamu 29 Ezinye izindaba zikaRehobowamu nakho konke akwenzayo angithi kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwa -Israyeli na? 30 Kwakukhona njalo ukulwa phakathi kukaRehobowamu noJerobowamu. 31 URehobowamu wayeselala koyise , wembelwa koyise emzini kaDavide ; igama likanina lalinguNahama wabakwa-Amoni. U-Abiyamu indodana yakhe waba yinkosi esikhundleni sakhe.