2 iziKronike Chapter 31
1
Sekuphelile konke lokho , u-Israyeli wonke owayekhona wap huma waya emizini yakwaJuda, waphula izinsika, wagawula o-Ashera, wadiliza izindawo eziphakemeyo nama -altare kwaJuda wonke , nakwaBenjamini, nakwa- Efrayimi, nakwaManase, waze waqeda konke . Base bebuyel a bonke abantwana bakwa -Israyeli, kwaba yilowo nalowo ef eni lakhe , emizini yakubo.
2
UHezekiya wamisa izigaba zabapristi nezamaLevi ngezigaba zabo , kwaba yilowo nalowo njengenkonzo yakhe , abapristi namaLevi beminikelo yokushiswa neminikelo yokuthula, ukuba bakhonze , babonge, badumise emasangweni ekamu likaJehova,
3
nesabelo senkosi emfuyweni yayo ukuba sibe ngeseminikelo yokushiswa , eseminikelo yokushiswa yasekuseni neyakusihlwa , neseminikelo yokushiswa yamasabatha, neyokwethwasa kwenyanga , neyemikhosi emisiweyo njengokulotshiweyo emthethweni kaJehova.
4
Washo kubantu abakhileyo eJerusalema ukuba banike abapristi namaLevi izabelo, ukuze babambelele emthethweni kaJehova.
5
Lanele ukusakazeka nje leli zwi , abantwana bakwa -Israyeli banikela kakhulu ngolibo lwamabele , nolwewayini, nolwamafutha, nolwezinyosi, nakuzo zonke izithelo zamasimu, baletha kakhulu okweshumi kwakho konke.
6
Abantwana bakwa -Israyeli nabakwaJuda ababehlala emizini yakwaJuda baletha nabo okweshumi kwezinkabi nezimv u nokweshumi kwezinto ezingcwele ezazingcweliselwe uJehova uNkulunkulu wabo , bakubeka izinqwaba ngezinqwaba.
7
Ngenyanga yesithathu baqala ukubeka izisekelo zezinqwaba , ngenyanga yesikhombisa baziqeda.
8
Lapho uHezekiya nezikhulu beza ukuzibona izinqwaba, bambonga uJehova nabantu bakhe u-Israyeli.
9
UHezekiya wababuza abapristi namaLevi ngezinqwaba.
10
U-Azariya umpristi omkhulu wendlu kaSadoki wathi : Kusukela ekuqaleni kokulethwa kweminikelo endlini kaJehova sidlile sasutha , sashiya okuningi, ngokuba uJehova ubusisile abantu bakhe; okuseleyo yile ngcebo.
11
Wayesesho uHezekiya ukuba kulungiswe amakamelo endlini kaJehova ; bawalungisa-ke.
12
Base bengenisa iminikelo , nokweshumi, nezinto ezingcwele ngokuthembeka; uKhonaniya, umLevi, waba ngumphathi walokho; uShimeyi umfowabo waba ngowesibili.
13
OJehiyeli, no-Azaziya, noNahati, no-Asaheli, noJerimoti, noJozabadi, no- Eleyeli, noJisimakiya, noMahati, noBenaya babe ngababonisi phansi kwesandla sikaKhonaniya noShimeyi umfowabo ngesiyalezo sikaHezekiya inkosi no-Azariya umphathi wendlu kaNkulunkulu.
14
UKore, indodana kaJimna umLevi , umlindisango wasesangwe ni lasempumalanga, wayephethe iminikelo yesihle kaNkulunkulu ukuba abele iminikelo kaJehova nezinto ezingcwele.
15
Phansi kwakhe kwakungo -Edene, noMiniyamini, noJeshuwa, noShemaya, no-Amariya, noShekaniya emizini yabapristi ezikhundleni zabo ukuba babele abafowabo ngezigaba zabo abakhulu njengabancane,
16
ngaphandle kwabesilisa ababhaliweyo ngezizukulwane zabo , kusukela kwabaneminyaka emithathu kuya phezulu , bonke ababengena endlini kaJehova ngendaba yomsebenzi wabo wemihla ngemihla ngezimfanelo zabo nezigaba zabo;
17
abapristi babhalwa ngezindlu zawoyise , namaLevi abhalwa kusukela kwaneminyaka engamashumi amabil i kuya phezulu ngezimfanelo zawo nezigaba zawo.
18
Babhalwa ngezizukulwane kanye nezingane zabo , nawomkabo, namadodana abo, namadodakazi abo, isixuku sonke, ngokuba bazingcwelisa ngobungcwele ezikhundleni zabo.
19
Namadodana ka -Aroni, abapristi ababe semasimini amadlelo emizi yabo , imizi ngemizi , ayenamadoda abizwa ngegama ukuba anike bonke abesilisa babapristi nawo onke amaLevi abhaliweyo ngezizukulwane izabelo.
20
Wenze njalo uHezekiya kwaJuda wonke ; wenza okuhle nokulungile nokuthembekile phambi kukaJehova uNkulunkulu wakhe.
21
Emisebenzini yonke ayiqalayo enkonzweni yendlu kaNkulunkulu , nasemthethweni, nasemiyalweni, ukuba afune uNkulunkulu wakhe , wakwenza ngayo yonke inhliziyo yakhe, waphumelela.