UHezekeli Chapter 6
1
Izwi likaJehova lafika kimi, lathi:
2
Ndodana yomuntu , bhekisa ubuso bakho ezintabeni zakwa-Israyeli, uprofethe ngazo, uthi:
3
Nina zintaba zakwa -Israyeli, yizwani izwi leNkosi uJehova kuzo izintaba nakuwo amagquma , kuyo imifula yamanzi nakuzo izigodi , lithi: Bhekani, ngiyakwehlisela phezu kwenu inkemba , ngichithe izindawo zenu eziphakemeyo.
4
Ama-altare enu ayakuba yincithakalo, kwaphulwe ama-altare enu empepho, ngilahle ababuleweyo benu phambi kwezithombe zenu.
5
Ngiyakubeka izidumbu zabantwana bakwa -Israyeli phambi kwezithombe zabo, ngihlakaze amathambo enu nxazonke zama-altare enu.
6
Kuzo zonke izindawo zokuhlala kwenu imizi iyakuchithwa , izindawo eziphakemeyo zibe yincithakalo ukuba kuchithwe ama -altare enu, achitheke, kwaphulwe izithombe zenu ziphele , ama-altare enu empepho abhidlizwe , imisebenzi yenu ihlangulwe.
7
Ababulawayo bayakuwa phakathi kwenu, nazi ukuthi mina nginguJehova.
8
Kepha ngiyakushiya insali , nibe nabayakuphepha enkembeni phakathi kwezizwe, lapho nihlakazeka emazweni.
9
Abaphephayo benu bay akungikhumbula phakathi kwezizwe abayakuthunjelwa kuzo , lapho ngaphula izinhliziyo zabo eziphingayo , ezichezukile kimi , namehlo abo alandela izithombe zabo ukuba baphinge nazo, banengwe emehlweni abo ngokubi abakwenzileyo ezinengisweni zabo zonke.
10
Bayakwazi ukuthi nginguJehova ; angishongo ngeze ukuthi ngiyakwenza lokhu okubi kubo.
11
Isho kanje iNkosi uJehova , ithi: Shaya ngesandla sakho , udubhuze ngonyawo lwakho, uthi: Maye, ngenxa yazo zonke izinengiso ezimbi zendlu yakwa-Israyeli! Ngokuba bayakuwa ngenkemba, nangendlala, nangesifo.
12
Okude uyakufa ngesifo, oseduze uyakuwa ngenkemba, oseleyo evinjezelwe uyakufa ngendlala, ngifeze kanjalo ukufutheka kwami kubo.
13
Niyakwazi ukuthi nginguJehova , lapho ababuleweyo babo beyakuba phakathi kwezithombe zabo nxa zonke zama-altare abo kuwo onke amagquma aphakemeyo, nakuzo zonke iziqongo zezintaba , naphansi kwayo yonke imithi eluhlaza, naphansi kwawo onke ama -oki adumbileyo, izindawo lapho bebenikela khona ngephunga elimnandi kuzo zonke izithombe zabo.
14
Ngiyakuselulela kubo isandla sami, ngenze izwe libe yincithakalo nokuyize kunehlane laseDibila kuzo zonke izindawo zabo zokuhlala , bazi ukuthi nginguJehova.