UJeremiya Chapter 3
1
Kuthiwa uma indoda ilahla umkayo , abesemuka abe ngowenye indoda , isayakubuyela kuye na ? Lelo zwe belingayikungcoliswa kakhulu na ? Kepha wena ofebile nezithandwa eziningi ubuyela kimi, usho uJehova.
2
Phakamisela amehlo akh o emadulini angenalutho , ubone; kuphi lapho ongalalwanga khona na? Ngasezindleleni ubahlalele njengomArabiya ehlane, walingcolisa izwe ngobufebe nangobubi bakho.
3
Ngalokho izihlambi zinqandiwe , nemvula yamuva ayibangakho . Nokho wawunebunzi lesifebe, wala ukuba namahloni.
4
Awusand ukukhala kimi ukuthi : Baba, wena ungumngane wobusha bami , na?
5
Uyakuhlala enentukuthelo njalonjalo, ayigcine kuze kube nini na ? Bheka, ukhuluma kanjalo; uyenza okubi, uyaphumelela.
6
UJehova wathi kimi emihleni kaJosiya inkosi : Ubonile okwenziwe ngu - Israyeli ohlehlayo na ? Ukhuphukele kuzo zonke izintaba eziphakemeyo naphansi kwayo yonke imithi eluhlaza, wafeba khona.
7
Ngathi uzakubuyela kimi esekwenzile konke lokhu , kodwa akabu yanga; udadewabo okhohlisayo, uJuda, wakubona.
8
Ngabona ukuthi noma ngangimlahlile u -Israyeli ohlehlayo ngalesi sizathu sokuthi uphingile, ngamnika incwadi yesahlukaniso, udadewabo okhohlisayo, uJuda, akesabanga nokho, kepha waya wafeba naye,
9
nangokuzwakala kokufeba kwakhe langcoliswa izwe , waphinga nemithi namatshe.
10
Kepha kukho konke lokhu udadewabo okhohlisayo , uJuda, akabuyelanga kimi ngenhliziyo yonke, kuphela ngokuzenzisa nje, usho uJehova.
11
Wayesethi uJehova kimi : U-Israyeli ohlehlayo ubonakele elungile kunoJuda okhohlisayo.
12
Hamba umemezele lawa mazwi ngasenyakatho , uthi: Buya wena Israyeli ohlehlayo, usho uJehova; angiyikuninyakamela, ngokuba nginomusa , usho uJehova; angiyakugcina intukuthelo kuze kube phakade.
13
Yazi kuphela ububi bakh o ukuthi uphambukile kuJehova uNkulunkulu wakho, wazihlakaza izindlela zakho kubo abezizw e phansi kwayo yonke imithi eluhlaza; anililalelanga izwi lami, usho uJehova.
14
Buyani, bantwana abahlehlayo , usho uJehova , ngokuba ngingumyeni wenu, nginithabathe, abe munye emzini , babe babili emndenini , nginiyise eSiyoni,
15
ngininike abelusi ngokwenhliziyo yami , abayakunalusa ngokwazi nangokuhlakanipha.
16
Kuyakuthi lapho nanda , nichume ezweni, ngalezo zinsuku, usho uJehova, bangasayikusho ukuthi : U mphongolo wesivumel wano sikaJehova ; awuyikungena enhliziyweni , abayikuwukhumbula; abayikuwuswela, akusayikwenziwa omusha.
17
Ngalolo suku bayakulibiza iJerusalema ngokuthi isihlalo sobukhosi sikaJehova; izizwe zonke ziyakubuthana kulo , kulo igama likaJehova eJerusalema; azisayikuhamba ngenkani yezinhliziyo zazo ezimbi.
18
Ngalezo zinsuku indlu yakwaJuda iyakuya endlini yakwa-Israyeli, ziphume kanyekanye ezweni lasenyakatho , ziye ezweni engalinika oyihlo libe yifa labo.
19
Mina bengithi: Ngiyakukubeka kanjani phakathi kwabantw ana, ngikuphe izwe elinxanelekayo , ifa elihle kakhulu ezizweni ! Ngathi: Niyakungibiza ngokuthi Baba , ningabuyi ekungilandeleni.
20
Impela njengomfazi emkhohlisa umyeni , kanjalo ningikhohlisile nina ndlu ka-Israyeli, usho uJehova.
21
Izwi liyezwakala emadul ini angenalutho , ukukhala nokukhuleka kwabantwana bakwa-Israyeli, ngokuba bayihlanekezele indlela yabo , bakhohlwa uJehova uNkulunkulu wabo.
22
Buyani nina bantwana abahlehlayo , ngikuphulukise ukuhlehla kwenu . Bheka, sesifikile kuwe, ngokuba unguJehova uNkulunkulu wethu.
23
Impela amagquma ayiz e kanye nomsindo wasezintabeni . Ngokwempela ukusindiswa kuka-Israyeli kukuJehova uNkulunkulu wethu.
24
UBosheti uqedile umshikashika wawobaba kwasebusheni bethu , izimvu zabo, nezinkomo zabo, namadodana abo, namadodakazi abo.
25
Masilale phansi namahloni , ihlazo lethu lisisibekele , ngokuba sonile kuJehova uNkulunkulu wethu , thina nawobaba , kusukela ebusheni bethu kuze kube namuhla, asililalelanga izwi likaJehova uNkulunkulu wethu.