Skip to Content

UJeremiya Chapter 4

1 Uma uphenduka, Israyeli, usho uJehova, uyakuphendukela kimi; uma ususa ebusweni bami izinengiso zakho, awuyikuntengantenga. 2 Uyakufunga ngeqiniso, nangokwahlulela, nangokulunga, ngokuthi: Kuphila kukaJehova, izizwe ziyakuzibusisa kuye, zizibonge kuye. 3 Ngokuba usho kanje uJehova kubantu bakwaJuda nabaseJerusalema, uthi: Qathani umqatho wenu, ningatshali phakathi kwameva. 4 Zisokeleni kuJehova , nisuse amajwabu ezinhliziyo zen u nina bantu bakwaJuda nabakhileyo eJerusalema , funa ukufutheka kwami kuphume njengomlilo, kuvuthe, kungabikho ongakucima, ngenxa yobubi bezenzo zenu. 5 Khulumani kwaJuda , nizwakalise eJerusalema, nithi: Bethani amacilongo ezweni, nimemeze nithi: Buthanani, singene emizini ebiyelweyo. 6 Misani ibhanela elibheka ngaseSiyoni , nibaleke ningemi , ngokuba ngiyakuletha okubi kuvele ngasenyakatho nokubhujiswa okukhulu. 7 Ingonyama ikhuphukile esihlahleni sayo , umchithi wezizwe uyeza ; uphumile endaweni yakh e ukuba ulenze izwe lakho libe yincithakalo , ichithwe imizi yakho, kungabikho ohlala kuyo. 8 Ngalokho bhincani izindwa ngu zamasaka , nikhale, nihewule, ngokuba ulaka oluvuthayo lukaJehova alubuyanga kithi. 9 Kuyakuthi ngalolo suku , usho uJehova , inhliziyo yenkosi iphel e kanye nezinhliziyo zezikhulu; abapristi bayakumangala, abaprofethi bethuke. 10 Ngase ngithi: Awu, Nkosi Jehova, ubakhohlisile nokubakhohlisa laba bantu neJerusalema ngokuthi : Niyakuba nokuthula ; nokho inkemba ifinyelele emphefumulweni. 11 Ngaleso sikhathi kuyakuthiwa kulaba bantu nakulo iJerusalema : Ishisandlu elivela emadulini angenalutho liya endodakazini y abantu bami , lingayikubahlakaza, lingayikubahlunga. 12 Umoya omkhulu kunokuba kwenziwe lokhu uyakuphuma kimi . Manje sengiyakukhuluma nami ukwahlulela kubo. 13 Bhekani, uyakhuphuka njengamafu, izinqola zakhe zinjengesivunguvungu, amahhashi akhe anejubane kunezinkozi. Maye kithina, ngokuba sichithiwe! 14 Jerusalema, hlanza inhliziyo yakho , kuphume ububi , ukuze usindiswe . Koze kube nini imicabango yakho emibi ihlala phakathi kwakho na? 15 Ngokuba izwi liyamemezela liphuma kwaDani ; lizwakalisa okubi kuvela ezintabeni zakwa-Efrayimi. 16 Khumbuzani izizwe ; bhekani, nizwakalise eJerusalem a ukuthi kufika abavimbezeli abaphuma ezweni elikude ; baliphakamisa izwi labo ngakuyo imizi yakwaJuda. 17 Njengabalinda insimu baphezu kwalo nxazonke , ngokuba lingihlubukile , usho uJehova. 18 Ukuhamba kwakho nezenzo zakho kukwenzele lokhu ; lokhu kuyingozi yakho ngokuba imunyu; ifinyelele enhliziyweni yakho. 19 Zibilini zami , zibilini zami , nginobuhlungu enhliziyweni yami ; inhliziyo yami ikhala phakathi kwami , anginakuthula, ngokuba ulizwile, mphefumulo wami, izwi lecilongo, ukuhlatshwa komkhosi wempi. 20 Kuyamenyezelwa ukubhujiswa phezu kokubhujiswa , ngokuba izwe lonke liyachithwa. Amatende ami ayachithwa masinyane , nezilenge zami ngokuphazima kweso. 21 Koze kube nini ngibona ibhandela, ngizwe izwi lecilongo, na? 22 Yebo, abantu bami bayiziwula , abangazi; bangabantwana abayiziphukuphuku, abanakuqonda; bahlakaniphele ukwenza okubi , kepha ukwenza okuhle kabakwazi. 23 Ngabuka umhlaba ; bheka, wawuyize, wawungenalutho, nezulu lalingenakukhanya. 24 Ngabuka izintaba; bheka, zazamazama; onke amagquma anyakaza. 25 Ngabuka; bheka, kwakungekho muntu; izinyoni zonke zezulu zazibalekile. 26 Ngabuka; bheka, izwe elivundileyo laliyihlane , nemizi yalo yonke yayidiliziwe ebusweni bukaJehova naphambi kolaka lwakhe oluvuthayo. 27 Ngokuba uJehova usho kanje , uthi: Izwe lonke liyakuba yincithakalo , kepha angiyikuliqeda ngokupheleleyo. 28 Umhlaba uyakhala ngalokhu , izulu phezulu limnyama , ngokuba ngikukhulumile, ngikuhlosile, ngingazisolanga; futhi angiyikubuya kukho. 29 Umuzi wonke uyabalek a ngenxa yomsindo wabamahhash i nowabemicibisholo; bayangena ezihlahleni, bakhuphukele emadwaleni; imizi yonke ishiyiwe, akakho ohlala kuyo. 30 Lapho usuchithiwe , uyakwenzani na ? Noma wembatha okubomvu , noma uzivunulisa ngezivunulo zegolide, noma ugqaba amehlo akho ngomuthi , uzenza muhle ngeze; izithandwa zakho ziyakudelela, zifuna ukukubulala. 31 Ngizwile izwi njengokungathi elonemihelo , usizi lozibulayo , izwi lendodakazi yaseSiyon i eheheza, ezelula izandla zayo , ithi: Maye kimina ! Ngokuba umphefumulo wami uphele amandla ngababulali.