Skip to Content

UJeremiya Chapter 5

1 Yehlani nenyuke ezitaladini zaseJerusalema , nibone nazi , nicinge ezigcawini, uma ningafumana umuntu , uma kukhona owenza ukwahlulela , ofuna iqiniso; bese ngilithethelela. 2 Noma bethi: Kuphila kukaJehova, nokho bafunga amanga. 3 Jehova, amehlo akho awaseqinisweni na? Ubashayile, kepha abadabukanga; ubaqedile, kepha balile ukwamukela ukulaywa ; benza lukhuni ubuso babo kunetshe, bala ukuphenduka. 4 Ngase ngithi mina : Laba bayiz impofana nje , bayiziwula, ngokuba abayazi indlela kaJehova, ukwahlulela kukaNkulunkulu wabo. 5 Sengiyakuya kwabakhulu , ngikhulume nabo , ngokuba bona bayayazi indlela kaJehov a nokwahlulela kukaNkulunkulu wabo ; Kepha bona babelaphulile ijoka kanyekanye, bazigqabulile izibopho. 6 Ngalokho ingonyama yasehlathini iyakubashaya, babhujiswe yimpisi yasehlane, ingwe iyiqamekele imizi yabo , badatshulwe bonke abaphuma kuyo, ngokuba iziphambeko zabo ziningi, nokuhlehla kwabo kwandile. 7 Ngingakuthethelela kanjani na ? Abantwana bakho bangishiyile , bafunga okungesibo onkulunkulu. Ngabafungisa, kepha baphinga, babuthana endlini yezifebe. 8 Banjengamahhashi akhulupheleyo andindayo ; yilowo nalowo uyiyizela umfazi womakhelwane wakhe. 9 Angiyikubahambela ngalokho na ? usho uJeh ova. Umphefumulo wami awuyikuphindisa esizweni esinjengalesi na? 10 Khuphukelani ezingangeni zalo , nilichithe, ningaliqedi ngokupheleleyo nokho; susani amagatsha alo, ngokuba awasiwo akaNkulunkulu. 11 Ngokuba indlu ka -Israyeli nendlu kaJud a zingikhohlisile nokungikhohlisa, usho uJehova. 12 Zimphikile uJehova, zathi: Hhayi yena! Okubi akuyikusehlela, asiyikubona inkemba nendlala. 13 Abaprofethi bayakuba ngumoya, akakho okhulumayo kubo; kuyakwenziwa kanjalo kubo. 14 Ngalokho usho kanje uJehova uNkulunkulu Sebawo ti, uthi: Ngokuba nikhuluma leli zwi , bhekani, ngiyakwenza amazwi am i abe ngumlilo emlonyeni wakho, nalaba bantu babe yizinkuni, ubadle. 15 Bhekani, ngiyakwehlisela phezu kwen u isizwe esivela kud e nina ndlu ka - Israyeli, usho uJehova; yisizwe esinamandla, yisizwe esidala, yisizwe ongazi ulimi lwaso, nongezwa lokhu abakukhulumayo. 16 Isambo sabo sinjengethuna elivulekileyo, bangamaqhawe bonke. 17 Bayakudla okuvuniweyo kwakho nesinkwa sakho , badle amadodana akho namadodakazi akho , badle izimvu zakho nezinkomo z akho, badle imivini yakho nemikhiwane yakho , bachithe ngenkemba imizi yakh o ebiyelweyo othemba kuyo. 18 Kepha nangalezo zinsuku, usho uJehova, angiyikuniqeda ngokupheleleyo. 19 Kuyakuthi lapho nisho nithi: UJehova uNkulunkulu wenu wenzeleni kithi konke lok hu na ? usho kubo ukuthi : Njengalokho ningishiyile , nakhonza onkulunkulu babezizwe ezweni lakini , kanjalo niyakukhonza abezizwe ezweni elingesilo elenu. 20 Memezani lokhu endlini kaJakobe, nikuzwakalise kwaJuda ngokuthi: 21 Yizwani lokhu nina bant u eniyiziwula neningenakuqonda , eninamehlo, ningaboni kodwa, eninezindlebe, ningezwa kodwa. 22 Aningesabi yini , usho uJehova , anithuthumeli phambi kwami , mina engibeke isihlabath i sibe ngumkhawulo wolwandle , umncele ophakade olungenakudlula kuwo, na? Noma lugubha, alunakuwahlula; noma luduma, alunakudlula kuwo. 23 Kepha laba bantu banenhliziy o eyambukileyo nehlubukileyo ; bambuka, bahamba. 24 Futhi abasho ezinhliziyweni zabo ukuthi: Ake sesabe uJehova uNkulunkulu wethu onika imvula eyokuqala neyamuva ngesikhathi sayo , asigcinele amasonto anqunyiweyo akuvuna. 25 Ububi benu buchezukisile lokhu, nezono zenu zinenqabele okuhle. 26 Ngokuba phakathi kwabantu bami kufunyanwa ababi , baqamekela njengabacuphayo nabalinda izinyoni, babeke ugibe, babambe abantu. 27 Njengendlwana yezi nyoni igcwele zona , kanjalo izindlu zabo zigcwele inkohliso; ngalokho bakhulile, bacebile. 28 Bakhuluphele, bayacwebezela; yebo, bayadlula ezintweni zobubi; abameli ukulunga, abameli izintandane ukuba zihlahlamele , nemfanelo yabampofu abayahluleli. 29 Angiyikubahambela ngalokho na ? usho uJehova . Umphefumulo wam i awuyikuphindisa esizweni esinjengalesi na? 30 Okumangalisayo nokwesabekayo kuyenziwa ezweni. 31 Abaprofethi baprofetha amanga , abapristi babusa eceleni kwabo ; abantu bami bayakuthanda kanjalo, kepha niyakwenze njani ekupheleni na?