Skip to Content

UJobe Chapter 25

1 Wayesethatha uBilidadi umShuhi, wathi: 2 Ukubusa nokwesabeka kukuy e owenza ukuthula ezindaweni zakhe eziphakemeyo. 3 Ukhona yini ongabala izimpi zakhe, nokukhanya kwakhe akuphumeli bani na? 4 Pho, umuntu angalunga kanjani kuNkulunkulu , nozelwe ngowesifazane angahlambuluka kanjani, na? 5 Bheka, nenyanga ayinankazimulo, nezinkanyezi azihlambulukile emehlweni akhe. 6 Pho, kakhulu kangakanani umuntu oyimpethu , nendodana yomunt u eyisibungu, na?