Skip to Content

2 iziKronike Chapter 14

1 U-Abiya wayeselala koyise ; bammbela emzini kaDavide ; u-Asa indodana yakhe waba yinkosi esikhundleni sakhe: emihleni yakhe izwe lazola iminyaka eyishumi. 2 U-Asa wenza okuhle nokulungile emehlweni kaJehova uNkulunkulu wakhe. 3 Wawasusa ama -altare abezizwe nezindawo eziphakemeyo , wazibhidliza izinsika, wabagawula o-Ashera, 4 wamtshela uJuda ukuba amfune uJehova uNkulunkulu wawoyise , awenze umthetho nemiyalo. 5 Wasusa kuyo imizi yakwaJuda izindawo eziphakemeyo , nama-altare empepho; umbuso wazola phambi kwakhe. 6 Wakha imizi ebiyelweyo kwaJuda , ngokuba izwe lazola , engenampi kuleyo minyaka, ngokuba uJehova wayemphumuzile. 7 Wathi kuJuda : Masakhe le mizi , siyihaqe ngogange , nangemibhoshongo, nangezivalo, nangemigoqo; izwe lisephambi kwethu , ngokuba simfunile uJehova uNkulunkulu wethu; simfunile, wasiphumuza nxazonke. Base bakha- ke, baphumelela. 8 U-Asa wayenempi ephethe izihlangu nemikhonto , evela kwaJuda , iyizinkulungwane ezingamakhulu amathathu, nevela kwaBenjamini, ephethe amahawu nensala iminsalo , iyizinkulungwane ezingamakhulu amabili namashumi ayisishiyagalombili; bonke labo babe ngamaqhawe anamandla. 9 Kwaphuma ukulwa nabo uZera umKushe enempi eyizinkulungwane eziyinkulungwane nezinqola ezingamakhulu amathathu, wafika eMaresha. 10 U-Asa wayesephuma ukuhlangabezana naye , bahlela impi esigodini saseSefata ngaseMaresha. 11 U-Asa wakhala kuJehova uNkulunkulu wakhe , wathi: Jehova, akakho ngaphandle kwakho ongasiza phakathi konamandla amak hulu nongenawo ; sisize, Jehova Nkulunkulu wethu , ngokuba sencika kuwe , sifike ngegama lakho kulesi sixuku . Jehova, wena unguNkulunkulu wethu , mawungahlulwa muntu. 12 UJehova wawashaya amaKushe phambi kuka -Asa naphambi kukaJuda ; amaKushe abaleka. 13 U-Asa na bantu ababe naye bawaxosha kwaze kwaba seGerari, kwawa amaKushe kwaze kwangasala muntu ophilayo , ngokuba achithwa phambi kukaJehova naphambi kwempi yakhe, bamuka nempango enkulu kakhulu. 14 Bachitha yonke imizi ezungeza iGerari , ngokuba ingebhe ngoJehova yayiphezu kwabo ; baphanga yonke imizi, ngokuba kwakukhona impango eningi kuyo. 15 Bachitha namatende ezinkomo , bamuka nezimvu eziningi namakamela , babuyela eJerusalema.