Skip to Content

U-Isaya Chapter 15

1 Isiprofetho ngoMowabi. Impela ebusuku bunye i-Ari Mowabi linqot shiwe, lichithekile; impela ebusuku bunye iKhiri Mowabi linqotshiwe, lichithekile. 2 Bayakhuphukela ethempelini; iDiboni lenyukela ezindaweni eziphakemeyo ukuyokhala; uMowabi uyaklewula eNebo naseMedeba ; onke amakhanda ayizimpandlana, zonke izilevu ziphuculiwe. 3 Ezitaladini zabo bayabhinca indwangu yamasaka , nasophahleni lwabo nasezigcawini zabo bayaklewula bonke, bamululeka izinyembezi. 4 IHeshiboni liyadazuluka kanye ne -Elehale; izwi labo lizwakala kuze kube naseJahasi; ngalokho amabutho akwaMowabi ayakha muluka, umphefumulo wakhe uyathuthumela phakathi kwakhe. 5 Inhliziyo yami ikhalela uMowabi ; ababalekileyo bakhe bayabalekela eSora , nase Egila Shelishiya; yebo, nasegqumeni laseLuhithe bakhuphukela bekhala, nasendleleni eya eHoronayimi, bephakamisa izwi lokudazuluka. 6 Ngokuba amanzi aseNimrimi ayincithakalo , notshani buyoma , uhlaza luyaphela, akusekho okuluhlaza. 7 Ngalokho okuseleyo abakutholileyo , nemfuyo yabo , bakuwelisa uMfula Weminyezane. 8 Ngokuba ukukhala kuzungeze imikhawulo yakwaMowabi , nokuklewula kwakhe kuze kube se-Egelayimi, nokububula kwakhe kuze kube seBeri Elimi. 9 Ngokuba amanzi aseDimoni agcwele igazi ; yebo, ngiyakwehlisela iDimoni nokunye: ingonyama phezu kwabasindileyo bakwaMowabi, insali yezwe.