UmShumayeli Chapter 10
1
Izimpukane ezifileyo zenza amafutha omthaki ukuba anuke , abile; kanjalo ubuwula obuncane bulingana nokuhlakanipha nodumo.
2
Inhliziyo yohlakaniphiley o ingakwesokunene sakhe , kepha inhliziyo yesiwula ingakwesokhohlo.
3
Yebo, nasendleleni esihamba ngayo isiwula, siyaphela ingqondo, sisho kubo bonke ukuthi siyisiwula.
4
Uma umoya wombusi ukuvukela , ungashiyi indawo yakho , ngokuba ukubekezela kuvimba izono ezinkulu.
5
Kukhona ububi engibubonile phansi kwelanga , bunjengephutha el ivela kumbusi:
6
ubuwula bubekwa ezindaweni eziningi eziphakemeyo , kepha abacebileyo bahlala kweziphansi.
7
Ngibonile izinceku zikhwele amahhashi , nezikhulu zihamba phansi njengezinceku.
8
Omba umgodi uyakuwela kuwo, nodiliza ugange uyakulunywa yinyoka.
9
Okhipha amatshe uyakulinyazwa yiwo, nobanda izinkuni uyakuba sengozini ngazo.
10
Uma insimbi ibuthuntu , umuntu engaloli usiko , uyakhamelela ngamandla; kepha okusizayo ukuphumelelisa kungukuhlakanipha.
11
Uma inyoka iluma ingakalunjwa, umlumbi akasizi lutho.
12
Amazwi omlomo wohlakaniphileyo anomusa , kepha izindebe zesiwula ziyasigwinya sona.
13
Ukuqala kwamazwi omlomo waso angubuwula , nokugcina kokukhuluma kwaso kungubuhlanya obubi.
14
Isiwula siyandisa amazwi, nokho umuntu akazi okuyakuba khona; nalokho okuyakuba ngasemva kwakhe, ngubani ongamtshela lokho na?
15
Umshikashika weziwula uyaziqoba, ukuze zingazi nokuya emzini.
16
Maye kuwe lizwe onkosi yakho ingumntwana , nezikhulu zakho zinedili ekuseni!
17
Ubusisiwe wena lizwe onkosi yakho iyindodana yabakhulu, nezikhulu zakho zinedili ngesikhathi, ziziqinise, zingadakwa.
18
Ngobuvila obukhulu indlu iyabola, nangokwenqena kwezandla iyavuza.
19
Idili lenzelwa ukuhleka , newayini liyenamisa ukuphila , kepha imali iyimpendulo yakho konke.
20
Ungayiqalekisi inkosi nasemicaban gweni yakho, ungabathuki abacebileyo nasekamelweni lakho lokulala , ngokuba inyoni yezulu iyakulihambisa izwi , nokunamaphiko kuyakuyilanda indaba.