UmShumayeli Chapter 11
1
Thuma isinkwa sakho ebusweni bamanzi , ngokuba uyakusifuman a emva kwezinsuku eziningi.
2
Yabela abayisikhombisa nabayisishiyagalombili , ngokuba awukwazi okubi okuyakuba semhlabeni.
3
Uma amafu egcwele imvula , ayayithulula emhlabeni ; futhi uma kuwa umuthi ngaseningizim u noma ngasenyakatho, endaweni lapho uwa khona umuthi, uyakuba lapho.
4
Oqaphela umoya akayikuhlwanyela; obheka amafu kayikuvuna.
5
Njengalokhu ungazi indlela yomoya ukuthi iphi , nokubunjwa kwamathambo esizalweni sokhulelweyo , kanjalo awuyazi nemisebenzi kaNkulunkulu owenza konke.
6
Hlwanyela imbewu yakho kusasa , ungaphumuzi isandla sakho nakusihlwa , ngokuba awazi ukuthi yiyiphi eyakuphumelela , yilena noma yileyo , noma ziyakuba zinhle zombili ngokufanayo.
7
Ukukhanya kumnandi, yebo, kuhle emehlweni ukubona ilanga.
8
Noma umuntu ekhona iminyaka eminingi , makathokoze ngayo yonk e, akhumbule nokho nezinsuku zobumnyam a ukuthi njengokuba ziziningi , konke okufikayo kuyize. Iziluleko kwabasha
9
Thokoza, nsizwa, ebusheni bakho , inhliziyo yakho ikuphe ukwenam a emihleni yobunsizwa bakho , uhambe ngezindlela zenhliziyo yakh o njengokubona k wamehlo akho , kepha yazi ukuthi ngakho konke lokh o uNkulunkulu uyakukungenisa ekwahlulelweni.
10
Khipha usizi enhliziyweni yakho , udlulise okubi emzimbeni wakho , ngokuba ubusha nobunsizwa buyize.