Skip to Content

UmShumayeli Chapter 12

1 Futhi khumbula uMdali wakh o emihleni yobusha bakho, zingakafiki izinsuku ezimbi , ingakasondeli iminyaka osho ngayo ukuthi : Angithokozi ngayo; 2 yebo, lingakabi mnyama ilanga , nokukhanya, nenyanga, nezinkanyezi, namafu engakabuyi emva kwemvula, 3 ngalolo suku lapho abalindi bendlu beyakuthuthumela , amadoda anamandla agobe , abasilikazi bayeke ngokuba beyingcosana , abalunguza emafasiteleni bafiphazelwe, 4 iminyango ivalwe esitaladini , lapho umsindo wokusila uncipha , umuntu avuke ngezwi lenyoni, izintombi zonke zokuhlabelela zithuliswe; 5 nalapho abantu bes aba imimang o izesabiso zibe sendleleni , umalimondi ukhahlele, intethe itotobe , izithelo zesihlahla sekaphari zingabe zisaba namandla, ngokuba umuntu useya endlini yakhe ephakade , nabalilayo bazulazula esitaladini; 6 yebo, lingakagqabuki igoda lesiliva , nokhamba lwegolide lungakaphahlazwa, nembiza ingakafi ngasemthonjeni , nesondo lingakaphuki ngasemgodini wamanzi, 7 uthuli lubuyele emhlabathini, njengokuba lwalunjalo , umoya ubuyele kuNkulunkulu owawunikayo. 8 Ize leze, usho uMshumayeli, konke kuyize. 9 Futhi ngokuba uMshumayeli wayehlakaniphile , wayefundisa abantu ukwazi, wazindla, waphenya walungisa izaga eziningi. 10 UMshumayeli wafuna ukuthola amazwi anamisayo afanele ukulotshwa , amazwi eqiniso. 11 Amazwi abahlakaniphileyo anjengezincijo , nezigaba zawo zinje ngezipikili ezinamatheleyo, ephiwe nguMalusi munye. 12 Kepha phezu kwalana , ndodana yami , mawuxwaye; ukwenza izincwadi eziningi akunakuphela, nokufunda okuningi kukhathaza umzimba. 13 Nakhu ukuphela kwendaba , lapho sekuzwakele konke : Mesabe uNkulunkulu, ugcine imiyalo yakhe, ngokuba lokho kungokwabantu bonke. 14 Ngokuba uNkulunkulu uyakuyis a uyakuyisa yonke imisebenz i ekwahlulelweni kanye nakho konke okufihliweyo, noma kuhle noma kubi.