IsiHlabelelo seziHlabelelo Chapter 1
1
Isihlabelelo sezihlabelelo esingesikaSolomoni. Umakoti:
2
Makangange ngokwanga komlomo wakhe ! Ngokuba uthando lwakho lumnandi kunewayini.
3
Amafutha akho anephunga elimnandi ; igama lakho linjengamafutha athululiweyo; ngalokho izintombi ziyakuthanda.
4
Ngidonse emva kwakho, sigijime; inkosi isingingenisile emakamelweni ayo. Abangane: Siyakujabula, sithokoze ngawe, sikhulume ngothando lwakho kunewayini. Umakoti: Kufanele ukuba bakuthande.
5
Ngimnyama, kepha ngimuhle , madodakazi aseJerusalema, njengamatende akwaKedari, njengezilenge zikaSolomoni.
6
Ningangibuki ukuthi ngimnyamana, ngokuba ilanga lingifusile. Amadodana kamame angifutha , angenza umlindizivini , kepha isivini esingesami angisilindanga.
7
Ngitshele wena othandwa ngumphefumulo wam i ukuthi w aluselaphi, uphumuzaphi umhlambi emini , ngokuba yini ukuba ngibe njengowesifazane odukileyo ngasemihlambini yabangane bakho na? Abangane:
8
Uma ungakwaz i wena muhlekazi phakathi kwabesifazane , phuma uhambe ezinyathelweni zomhlambi , waluse amazinyane akh o ngasematendeni abelusi. Ukuphendulana komyeni nomakoti Umnyeni:
9
Ngikufanisa nehhashi lensikazi lezinqola zikaFaro, sithandwa sami.
10
Izihlathi zakho zinhle kangakanani zinezintambo zobuhlalu, nentamo yakho ineminaka.
11
Siyakukwenzela izintambo zobuhlalu begolide, namaqhosha esiliva. Umakoti:
12
Inkosi isahlezi ngasetafuleni layo inadi lami lathaphuka iphunga lalo.
13
Othandiweyo wami ungumshuqul u wemure kimi , olele phakathi kwamabele ami.
14
Othandiweyo wami uyihlukuzo lezimbali zehena ezivinini zase-Eni Gedi. Umnyeni:
15
Bheka, umuhle, sithandwa sami! Bheka, umuhle! Unamehlo amajuba. Umakoti:
16
Bheka, umuhle, othandiweyo wami! Yebo, umnandi, nesilili sethu siluhlaza. Umnyeni:
17
Imishayo yendlu yethu iyimisedari, nemiqhadi iyimisayipuresi.