Skip to Content

IsiHlabelelo seziHlabelelo Chapter 2

1 Ngiyintebe yaseSharoni, nomnduze wezigodi. Umnyeni: 2 Njengomnduze phakathi kwameva , sinjalo isithandwa sami phakathi kwezintombi. 3 Njengomapula phakathi kwemithi yasehlathini , unjalo othandiweyo wami phakathi kwamadodana . Ngahlala phansi emthunzini wakhe ngokwenama okukhulu, nesithelo sakhe sasimnandi emlonyeni wami. 4 Ungingenisile endlini yewayini, nebhandela lakhe phezu kwami liluthando. 5 Ngiphaseni ngezigaxa zezithelo zomvini ezomileyo , ngihlumelele ngama - apula, ngokuba ngiyafa uthando. 6 Isandla sakhe sokhohlo siphansi kwekhanda lami, nesokunene siyangigona. 7 Ngiyanifungisa, madodakazi aseJerusalema , ngezinsephe nangezindluzelekazi zasendle ukuba ningalunyakazisi, ningaluvusi uthando, lungakavumi. Isihlabelelo sothando somakoti 8 Nanto izwi lothandiweyo wami ! Bheka, uyeza eqa ezintabeni , etshekula emagqumeni. 9 Othandiweyo wami unjengensephe noma njengesixhumu sendluzele; bheka, umi emva kodonga lwakwethu ; uyalunguza emafasiteleni , ubonakala ngaseheleni. 10 Othandiweyo wami wakhuluma , wathi kimi : Vuka, sithandwa sami , muhlekazi wami; woza sihambe, 11 ngokuba bheka, ubusika budlulile; imvula isiphelile, yamuka; 12 izimbali ziyabonakala emhlabeni, nesikhathi sokuthena imivini sesisondele, nezwi lehobhe liyezwakala ezweni lakithi. 13 Umkhiwane u thela amakhiwane awo aluhlaza , imivini inezimbali , ithaphuka iphunga layo ; vuka, sithandwa sami , muhlekazi wami ; woza sihambe. Umnyeni: 14 Juba lami elisemifantwini yamadwal a nasekusithekeni kweziwa , mangibone ubuso bakho , ngizwe izwi lakho , ngokuba izwi l akho limnandi, nobuso bakho buhle. 15 Sibambeleni izimpungushe , izimpungushe ezincan e ezichitha izivini , ngokuba izivini zethu zinezimbali. Umakoti: 16 Othandiweyo wami ungowami , mina ngingowakhe ; uyalusa phakathi kweminduze. 17 Kuze kuphole ilanga , namathunzi abaleke , mawube njengensephe , wena othandiweyo wami , nanjengesixhumu sendluzel e ezintabeni eziqhekezekileyo.